Insali kaIsrayeli yasindiswa
1Ngalokho ngithi: UNkulunkulu usilahlile isizwe sakhe na? Qha nakanye, ngokuba nami ngingumIsrayeli, wenzalo ka-Abrahama, wesizwe sakwaBenjamini.
2UNkulunkulu akasilahlanga isizwe sakhe ayesazi ngaphambili. Kumbe anazi yini ukuthi umbhalo uthini ngoEliya ukuba umangalela uIsrayeli kuNkulunkulu ngokuthi:
3Nkosi, bababulele abaprofethi bakho, badilizile ama-altare akho, mina ngisele ngedwa, sebefuna ukungibulala nami, na?
4Kepha impendulo kaNkulunkulu ithini kuye na? Ithi: Ngizishiyele amadoda ayizinkulungwane eziyisikhombisa angaguqanga ngamadolo kuBali.
5Kanjalo kukhona nangalesisikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa;
6kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa.
7Kunjani, pho? Lokho uIsrayeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba-lukhuni,
8njengalokho kulotshiwe ukuthi: UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube-lusuku lwanamuhla.
9NoDavide uthi:
Itafula labo malibe-yisihibe nogibe,
nesikhubekiso nempindiselo kubo,
10kufiphazwe amehlo abo
ukuba angaboni,
ugobe umhlane wabo njalo.
Ngokungakholwa kukaIsrayeli insindiso yafika kwabezizwe
11Ngakho ngithi: Bakhubeka ukuba bawe na? Qha nakanye; kepha ngesiphambeko sabo insindiso ifikile kwabezizwe ukubavusela umhawu.
12Kepha uma isiphambeko sabo siyingcebo yezwe, nokuncipha kwabo yingcebo yabezizwe, pho, kakhulu kangakanani ukuphelela kwabo.
13Ngikhuluma kini nina-bezizwe. Njengokuba mina ngingumphostoli wabezizwe, ngidumisa ukukhonza kwami
14ukuba mhlawumbe ngingabavusela umhawu abenyama yami, ngisindise abanye kubo.
15Ngokuba uma ukulahlwa kwabo kungukubuyiswa kwezwe, ukwamukelwa kwabo kungaba-yini, uma kungesikho ukuphila kwabafileyo na?
16Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, namagatsha anjalo.
17Kepha uma kwaphulwa amanye amagatsha, wena-ke ongumnqumo wasendle wafakelwa phakathi kwawo, wahlanganyela nawo impande yamafutha yomnqumo,
18ungazigabisi phezu kwamagatsha; kepha uma uzigabisa, akusuwe othwele impande, kepha yimpande ethwele wena.
19Uzakuthi-ke wena: Amagatsha aphulwa ukuba mina ngifakelwe.
20Kulungile; aphulwa ngokungakholwa, wena-ke umi ngokukholwa. Ungazikhukhumezi, kepha yesaba;
21ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, nawe angeze akuyeka.
22Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni; uma kungenjalo, uzakunqunywa nawe.
23Nalabo uma bengahlali ekungakholweni, bayakufakelwa, ngokuba uNkulunkulu unamandla okubafakela futhi.
24Ngokuba uma wena wanqunywa emnqumweni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo, ikakhulu labo abangabemvelo bayakufakelwa emnqumweni wakubo.
Ngokukholwa kwabezizwe abakwaIsrayeli bayakubuyiswa
25Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi lemfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo, ukuthi inxenye kaIsrayeli yehlelwe ngubulukhuni, kuze kungene abezizwe ngokupheleleyo;
26kanjalo uIsrayeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi,
asuse ukungalungi kuJakobe.
27Yilesi isivumelwano sami nabo,
lapho ngisusa izono zabo.
28Ngokwevangeli bayizitha ngenxa yenu, kepha ngokukhethwa bangabathandiweyo ngenxa yawokhokho,
29ngokuba izipho zomusa nokubiza kukaNkulunkulu akaguquki kukho.
30Ngokuba njengalokho nina kade ningamlaleli uNkulunkulu, kepha manje nihawukelwe ngenxa yokungalaleli kwabo,
31kanjalo nalaba kalokhu abalalelanga, ukuze ngomusa enenzelwe wona nabo bahawukelwe manje.
32Ngokuba uNkulunkulu ubavalele bonke ekungalalelini ukuze abahawukele bonke.
33Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!
34Ngokuba
ngubani owawazi umqondo weNkosi na?
Nokuba ngubani owaba-ngumluleki wayo na?
35Noma ngubani owaqala ukuyipha
ukuba kubuyiselwe kuye na?
36Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube-kuye inkazimulo kuze kube-phakade. Amen.