Indlela yokuphatha ababuthakathaka ekukholweni
1Kepha obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi-ngokwahlulela ngezizindlo.
2Omunye ukholwa ukuthi angadla konke, kepha obuthakathaka udla imifino.
3Odlayo angamdeleli ongadliyo, ongadliyo angamahluleli odlayo, ngokuba uNkulunkulu umamukele.
4Ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iyakumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.
5Omunye wazisa olunye usuku kunolunye, omunye wazisa izinsuku zonke; yilowo nalowo akaqiniseke enhliziyweni yakhe.
6Ohlonipha usuka uluhloniphela iNkosi; nodlayo udlela iNkosi, ngokuba ubonga uNkulunkulu; nongadliyo, akadli ngenxa yeNkosi, ubonga uNkulunkulu.
7Ngokuba akakho phakathi kwethu oziphilela yena, akakho nozifela yena;
8ngokuba uma siphila, siphilela iNkosi; uma sifa, sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNkosi.
9Ngokuba ngenxa yalokho uKristu wafa, wabuye waphila ukuba abe-yiNkosi yabafileyo neyabaphilayo.
10Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.
11Ngokuba kulotshiwe ukuthi:
Kuphila kwami, isho iNkosi,
kimina ayakuguqa amadolo onke,
nezilimi zonke ziyakudumisa uNkulunkulu.
12Ngalokho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.
13Ngakho masingabe sisahlulelana; kepha okungcono yahlulelani lokho kokuthi makungabekelwa umzalwane into yokumqhuzula nakuba isikhubekiso.
14Ngiyazi, nganelisiwe eNkosini uJesu, ukuthi akukho-lutho oluyichilo ngokwalo; kepha kuye othi lubi, kuyena lubi.
15Ngokuba uma umzalwane wakho edabukiswa ngenxa yokudla, awusahambi ngothando. Ungambhubhisi ngokudla kwakho lowo amfelayo uKristu.
16Ngalokho okuhle kwenu makungahlanjalazwa.
17Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,
18ngokuba okhonza uKristu kulokhu uthandekile kuNkulunkulu, ukholekile kubantu.
19Ngalokho-ke asijonge okokuthula nokokwakhana.
20Ungawuchithi umsebenzi kaNkulunkulu ngenxa yokudla. Konke kuhlanzekile, kepha kubi kulowomuntu okudla ekhubeka.
21Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.
22Ukukholwa onakho, yiba-nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu. Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo;
23kepha ongabazayo, nxa edla, ulahliwe, ngokuba kungengokukholwa; konke okungaveli ekukholweni kuyisono.