Ukukhululeka emthethweni
1Kanti anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na?
2Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda.
3Ngalokho-ke lapho indoda isekhona, uyakuthiwa isiphingi, uma eba-ngowenye indoda; kepha nxa indoda isifile, ukhululekile emthethweni, angebe-yisiphingi, uma eba-ngowenye indoda.
4Kanjalo nani-bazalwane bami, nani naba-ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe-ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.
5Ngokuba kwathi sisenyameni, ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo;
6kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala.
Umthetho nesono
7Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: Ungafisi;
8kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile.
9Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono,
10ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi,
11ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo.
12Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.
13Pho, okuhle kwaba-ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe-ngesonayo kakhulu.
Ubugqila bomuntu phansi komthetho
14Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono.
15Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo.
16Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle.
17Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi.
18Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho,
19ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.
20Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.
21Ngalokho ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi,
22ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi,
23kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami.
24Wo mina-muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulomzimba wokufa na?
25Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.