Ukungakholwa kwabakwaIsrayeli kuyadabukisa
1Ngikhuluma iqiniso ngikuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami ufakazelana nami eMoyeni oNgcwele
2ukuthi nginokudabuka okukhulu nobuhlungu obungapheliyo enhliziyweni yami.
3Ngokuba ngingafisa ukuba mina uqobo ngibe-ngoqalekisiweyo kuKristu ngenxa yabazalwane bami abangabakithi ngokwenyama;
4bona bangabakwaIsrayeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,
5abangababo okhokho avela kubo uKristu ngokwenyama, yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube-phakade. Amen.
AbakwaIsrayeli bakhethwa nguNkulunkulu
6Akusikho okungathi izwi likaNkulunkulu liphuthile. Ngokuba asibo bonke abavela kuIsrayeli abangabakwaIsrayeli;
7nakuba beyinzalo ka-Abrahama, bonke abasibo abantwana, kodwa kuthiwa: NgoIsaka iyakubizwa inzalo yakho.
8Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo.
9Ngokuba lingelesithembiso lelizwi lokuthi: Ngalesisikhathi ngizakufika; khona uSara uzakuba-nendodana.
10Akuyilokhu kuphela, kodwa kwabanjalo nakuRebeka ekhulelisiwe ngoyedwa, uIsaka, ukhokho wethu;
11ngokuba bengakazalwa, bengakenzi okuhle nokubi, ukuze icebo likaNkulunkulu eliya ngokukhetha lime,
12kungabi-ngemisebenzi, kodwa kube-ngaye obizayo, kwashiwo kuye ukuthi:
Omkhulu uyakukhonza omncane,
13njengalokho kulotshiwe ukuthi:
UJakobe ngamthanda,
kepha uEsawu ngamzonda.
14Ngakho siyakuthini na? Kukhona yini ukungalungi kuNkulunkulu na? Qha nakanye.
15Ngokuba kuMose uthi: Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.
16Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.
17Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: Ngakuphakamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.
18Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza-lukhuni lowo athanda ukumenza-lukhuni.
19Usuzakuthi kimi: Usasolelani yena na? Ngokuba ngubani ongamelana nentando yakhe na?
20O wena-muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: Wangenzelani ngaba-njena na?
21Nokuba akanamandla yini umbumbi ebumbeni ukwenza ngesigaxa sisinye isitsha esinye esihloniphekayo nesinye esingahloniphekiyo na?
Nabezizwe bayakukhethwa ngomusa kaNkulunkulu
22Uma, pho, uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa
23ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa ayezilungisele inkazimulo ngaphambili,
24thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?
25njengalokhu esho nakuHoseya ukuthi:
Ngiyakubiza abangesiso isizwe sami ngokuthi isizwe sami,
nongathandiwe ngokuthi uthandiwe;
26nasendaweni lapha kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami,
lapho bayakubizwa ngokuthi abantwana bakaNkulunkulu ophilayo.
27UIsaya umemeza ngoIsrayeli, uthi:
Nokuba umumo wabantwana bakwaIsrayeli ungangesihlabathi solwandle,
yinsali eyakusindiswa,
28ngokuba iNkosi iyakufeza izwi layo emhlabeni,
iliphelelise, ikhawuleze,
29njengalokho washo uIsaya ngaphambili ukuthi:
Uma iNkosi-Sebawoti ibingasishiyelanga inzalo
besiyakuba-njengeSodoma,
sifane neGomora.
30Ngakho siyakuthini na? Ukuthi abezizwe abangafunisisanga ukulunga batholile ukulunga, ukulunga kambe okungokukholwa;
31kepha uIsrayeli, elandela umthetho wokulunga, kafinyelelanga emthethweni.
32Ngani na? Ngokuba akubangangokukholwa kodwa kungathi ngemisebenzi; baqhuzuka etsheni lokuqhuzula,
33njengalokho kulotshiwe ukuthi:
Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lokukhubekisa,
nedwala lokuwisa,
nokholwa yilo akayikujabha.