Ubuhle bomakoti osinayo
1Zinhle kangakanani izinyawo zakho
ezicathulweni zazo, wena-ndodakazi yesikhulu!
Amathanga akho ayizindilinga anjengemihlobiso,
umsebenzi wezandla zengcweti.
2Inkaba yakho ingumkhele oncweliweyo,
ongasweli iwayini elixutshanisiweyo;
isisu sakho siyinqwaba kakolweni,
ibiyelwe ngeminduze.
3Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili
ezingamawele ensephe.
4Intamo yakho injengoMbhoshongo woPhondo lweNdlovu;
amehlo akho angamachibi aseHeshiboni
ngasesangweni laseBati-Rabimi;
impumulo yakho injengombhoshongo waseLebanoni
obhekene neDamaseku.
5Ikhanda lakho kuwe linjengeKarmeli,
nomyeko wekhanda lakho unjengokububende;
kuboshiwe inkosi ngesiyendane.
Umyeni ukhuluma ngothando lwakhe
6Umuhle, umnandi kangakanani
wena othandwa ngenjabulo!
7Isimo sakho siyisundu,
namabele akho omabili anjengamahlukuzo.
8Ngathi: Ngiyakukhwela esundwini,
ngibambe amagatsha alo;
amabele akho mawabe-ngamahlukuzo omvini,
nephunga lokuphefumula kwakho njengama-apula*,
9nomlomo wakho njengewayini elihle
elihamba lehle kamnandi,
lewuka ngezindebe nangamazinyo.
10Mina ngingowothandiweyo wami,
uyanginxanela.
11Woza wena othandiweyo wami, siye endle,
silale emizaneni.
12Masivuke ekuseni, siye ezivinini,
sibone uma umvini uqhakazile,
nezimbali zawo uma zivulekile,
namapomegranati* uma ekhahlele.
Lapho ngiyakukunika uthando lwami.
13Amamandragora* athaphuka iphunga,
nangaseminyango yethu kukhona izinhlobo zonke zezithelo ezinqabileyo,
ezintsha nezindala,
engizibekele wena othandiweyo wami.