UThithu ufanele ukukhombisa abezimo zonke ukuba bazamele ukuhamba okungcwele
1Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo
2sokuthi: Amadoda amadala mawabengazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni;
3kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabingabahlebi, bangabi-yizigqila zewayini eliningi, babe-ngabafundisi bokuhle,
4ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo;
5babe-ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
6Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe-ngabaqondileyo,
7uzibonakalise kukho konke ube-yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube-nesizotha,
8ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe-namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.
9Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki-nkani,
10zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
11Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;
12uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje,
13sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
14owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
15Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa-muntu.