Ukuhlanjululwa kweJerusalema
1Ngalolosuku kuyakuba-khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.
2Kuyakuthi ngalolosuku, usho uJehova-Sebawoti, nginqume amagama ezithombe ezweni, zingabe zisakhunjulwa, ngidlulise abaprofethi nawomoya abangcolileyo ezweni.
3Kuyakuthi uma kusaprofetha umuntu, uyise nonina abamzalayo basho kuye ukuthi: Awuyikuphila, ngokuba ukhuluma amanga egameni likaJehova, uyise nonina abamzalayo bamgwaze esaprofetha.
4Kuyakuthi ngalolosuku abaprofethi babe-namahloni, kube-yilowo nalowo ngombono wakhe ekuprofetheni kwakhe, bangembathi ingubo yoboya ukuyokhohlisa;
5kepha uyakuthi: Angisiye umprofethi, ngingumlimi womhlabathi, ngokuba umuntu wangithenga ebusheni bami.
6Uma sekuthiwa kuye: Iyini leyomivimbo esezandleni zakho na? uyakuthi: Engashaywa ngayo endlini yabathandiweyo bami.
Umalusi wamanga
7Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami,
uvukele umuntu ongumngane wami,
usho uJehova-Sebawoti;
shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu,
besengiphendulela abancane isandla sami.
8Kuyakuthi ezweni lonke, usho uJehova,
kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe,
kusale eyesithathu kulo.
9Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni,
ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva,
ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide;
bayakubiza igama lami,
ngibaphendule,
ngithi: Bangabantu bami;
base bethi: UJehova unguNkulunkulu wami.