Usuku lukaJehova
1Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.
2Ngiyakuqothula nokuqothula konke,
kusuke ebusweni bomhlaba, usho uJehova.
3Ngiyakuqothula abantu nezilwane,
ngiqothule izinyoni zezulu
nezinhlanzi zaselwandle,
ngikhubekise ababi,
nginqume abantu ebusweni bomhlaba, usho uJehova.
4Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJuda
naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema,
nginqume insali kaBali kulendawo,
negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,
5nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu,
nabakhuleka kuJehova bemfunga,
befunga futhi uMilkomu,
6nababuyile ekumlandeleni uJehova,
nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.
7Thula phambi kobuso beNkosi uJehova,
ngokuba usuku lukaJehova luseduze;
uJehova ulungisile umhlatshelo,
ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.
8Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova,
ngihambele izikhulu, namadodana enkosi,
nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.
9Ngalolosuku ngiyakuhambela
bonke abeqa umbundu,
begcwalisa indlu yamakhosi abo
ngobudlova nangenkohliso.
10Ngalolosuku, usho uJehova, kuyakuba-khona izwi lokukhala,
livela eSangweni leziNhlanzi,
nokuhewula, kuvela eNxenyeni yesiBili,
nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni.
11Hewulani nina enakhé esiGqulweni,
ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile,
bonke abathweswé isiliva banqunyiwe.
12Kuyakuthi ngalesosikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani,
ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo,
abathi ezinhliziyweni zabo:
UJehova akenzi okuhle,
akenzi nokubi.
13Ingcebo yabo iyakuba-yimpango,
nezindlu zabo incithakalo;
bayakwakha izindlu,
kepha abayikuhlala kuzo,
batshale izivini,
bangaliphuzi kodwa iwayini lazo.
14Usuku olukhulu lukaJehova luseduze;
luseduze, lushesha kakhulu;
umsindo wosuku lukaJehova uyababa,
neqhawe liyahewula khona.
15Lolosuku lungusuku lolaka,
usuku lokuhlupheka nolosizi,
usuku lwencithakalo nolokuyize,
usuku lobumnyama nolwesigayegaye,
usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu,
16usuku lwecilongo nolokuhlaba umkhosi
ngasemizini ebiyelweyo
nasemibhoshongweni yasezingosini.
17Ngiyakucindezela abantu,
bahambe njengezimpumputhe,
ngokuba bonile kuJehova;
igazi labo liyakuthululwa njengothuli,
nenyama yabo njengomquba.
18Nasiliva labo nagolide labo
akuyikuba-namandla okubophula
ngosuku lwentukuthelo lukaJehova,
kepha umhlaba wonke uyakudliwa
ngumlilo womhawu wakhe,
ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo
bonke abakhileyo ezweni.