Ukwahlulelwa kwezizwe
1Buthanani, yebo, buthana,
sizwe esingenamahloni,
2isimiso singakazali — lolosuku ludlula njengamakhoba —
lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova,
lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova.
3Funani uJehova nina nonke-bathobekileyo bomhlaba
enisebenzile ukwahlulela kwakhe;
funani ukulunga; funani ukuthobeka;
mhlawumbe niyakusitshekelwa
ngosuku lolaka lukaJehova.
4Ngokuba iGaza liyakushiywa,
iAshikeloni libe-yincithakalo;
bayakulixosha iAshidodi emini,
iEkroni lisishulwe.
5Wo kwabakhileyo ngasogwini lolwandle,
isizwe samaKhereti!
Izwi likaJehova liphezu kwakho, Khanani,
lizwe lamaFilisti;
ngiyakukuchitha ukuze kungabikho ohlala khona.
6Ugu lolwandle luyakuba-ngamadlelo,
lube-nemigodi yabelusi
nezibaya zezimvu.
7Ugu luyakuba-ngolwensali yendlu yakwaJuda,
yaluse kulo;
ezindlini zaseAshikeloni
bayakubuthisa kusihlwa,
ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela,
abuyise ukuthunjwa kwabo.
8Ngiyizwile inhlamba yakwaMowabi
nezithuko zabantwana bakwa-Amoni
abathuké ngazo abantu bami,
bazikhulisela imikhawulo yabo.
9Ngalokho, kuphila kwami, usho uJehova-Sebawoti, uNkulunkulu kaIsrayeli, uthi:
Impela uMowabi uyakuba-njengeSodoma,
nabantwana bakwa-Amoni njengeGomora,
izwe lezimbabazane nelemigodi kasawoti
nencithakalo yaphakade;
insali yabantu bami iyakubaphanga,
nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.
10Lokhu kuyakuba-sesikhundleni sokuziphakamisa kwabo,
ngokuba bathukile,
bazikhulisela abantu bakaJehova-Sebawoti.
11UJehova uyakwesabeka phezu kwabo,
ngokuba uyakuzacisa bonke onkulunkulu bomhlaba,
bakhuleke kuye, kube-yilowo nalowo endaweni yakhe,
zonke iziqhingi zezizwe.
12Nani-maKushe
niyakubulawa ngenkemba yami.
13Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho,
achithe iAsiriya,
alenze iNineve libe-yincithakalo,
lome njengehlane.
14Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo,
zonke izilwane zesizwe,
ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku
ezihlokweni zezinsika zalo,
isikhova sikhale emafasiteleni,
kube-khona incithakalo emigulugulwini,
ngokuba wambulile okwemisedari*.
15Yiwo umuzi owajabula
wahlala ulondekile,
owathi enhliziyweni yawo:
Mina ngikhona, akakho omunye;
yeka ukuphenduka kwawo incithakalo
nendawo yokubuthisa kwezilwane!
Bonke abadlula kuwo
bayakuncimfa, banikine isandla sabo.