1ABAKWA Israeli bonke ba butana kuDavida eHebroni be ti, Bheka, tina si itambo lako, nenyama yako.
2Na ngapambili, uSauli e se inkosi, uwena o wa ba hola abaIsraeli ekupumeni kwabo, nasekubuyeni kwabo, uJehova uTixo wako wa ti kuwe, wo balusa abantu bami abaIsraeli.
3Aba izikulu baka Israeli beza enkosini eHebroni, uDavida wa senza isivumelwano kanye nabo, be kona eHebroni pambi kuka Jehova, ba m misa uDavida pezu kwabaIsraeli njengelizwi lika Jehova ngo Samueli.
4uDavida, nabaIsraeli bonke, ba ya eJerusalema e li iJebusi ezweni amaJebusi a hlala kulo.
5AmaJebusi a ti kuDavida a u so ze wa ngena lapa; uDavida wa tabata inqaba ya seZioni yona u ngumuzi ka Davida.
6uDavida wa ti, onqobayo amaJebusi kuqala u ya kuba umkulu a be induna empini; uJoabi indodana ka Zeruia wamlulela ukukupuka wa miswa a be mkulu.
7uDavida wa hlala enqabeni ngako kwa tiwa umuzi ka Davida.
8Waka umuzi kona, u suka eMilo wa zungeza; inxenye e seleyo yomuzi ya lungiswa uJoabi.
9uDavida wa kula njalo njalo, uJehova wamabandhla wa e naye.
10Laba, izikulu zamaqawe aka Davida aba bambelele kuye embusweni wake nabaIsraeli bonke ukumenza a be inkosi ngezwi lika Jehova kuIsraeli.
11Lo u umumo wabanamandhla baka Davida, uJashobamu indodana ka Hakmoni yena wa be mkulu pakati kwezinduna zake, wa pakamisa umkonto wake kwabamakulu amatatu, wa ba bulala ngesikati si sinye.
12Wa landelwa uEleazari indodana ka Dodo umAholi wa e ngomunye wabanamandhla amatatu.
13Wa be naye uDavida ePasdammimi; amaFilisti a butana kona ukulwa; kwa ku kona indima, e gcwele ibarle, abantu ba baleka pambi kwamaFilisti;
14Bema pakati kwendima ba i vikela, ba bulala amaFilisti, ba piwa uJehova ukusindiswa okukulu.
15Abatatu kwaba izikulu ezi mashumi amatatu behlela kuDavida edwaleni emhumeni wa seAdulamu, ikamu lamaFilisti la semfundeni yamaRafa.
16uDavida wa e senqabeni; ikamu lamaFilisti la li seBetlehema;
17uDavida wa fisa, wa ti, ngi nga puziswa ubani amanzi omtombo wa seBetlehema o sesangweni na?
18Laba abatatu ba dabula impi yamaFilisti, baka amanzi emtonjeni wa seBetlehema o sesangweni ba wa tabata ba wa zisa kuDavida, kodwa uDavida wala ukuwapuza, wa wa telela uJehova.
19Wa ti, Tixo wami ma ku nga bi ko ukuba ngenza loku, ngi nga puza igazi la lababantu abacityu ukufa na? ngokuba ba wa leta ngokudela ukupila kwabo a ka vumanga uku wa puza. Laba aba izikulu abatatu benze loku.
20uAbishai umfo wabo ka Joabi wa e mkulu ku laba batatu, wa pakamisa umkonto wake kwaba makulu amatatu, wa ba bulala, wa e negama pakati kwabatatu.
21Kubo bobatatu, wa e nodumo, ku nababili, wa e induna yabo, kodwa a ka fikelanga kwa batatu bokuqala.
22uBenaia indodana ka Jehoida indodana yomuntu o iqawe o wa vela eKabzeli odhlulayo emisebenzini, wa bulala ababili baka Arieli wa seMoabi, futi wehla, wa bulala ibubesi li semgodini, ngosuku luka ngqoqwane.
23Wa bulala umEgipite umuntu omude, e namakubiti amahlanu; kwa ku kona esandhleni somEgipite umkonto o ngangoti lomaluki; Wehlela kuye e nenduku nje, wa hlwita umkonto esandhleni somEgipite, wa m gwaza ngomkonto wake.
24Loku kwenziwa uBenaia indodana ka Jehoida wa e negama kumaqawe amatatu;
25Bheka wa e nodumo kwaba mashumi amatatu kodwa a ka fikelanga kwabatatu, uDavida wa m misa pezu kwezinduna zake.
26Aba amaqawe empini ba be uAsaheli umfo wabo ka Joabi uElhanani indodana ka Dodo wa seBetlehema.
27uShamote, umHarori, uHelezi, umPeloni,
28uIra indodana ka Ikeshi, umTekoi, uAbieza, umAnetoti,
29uSibekai, umHushati, uIlai, umAhohi,
30uMaharai, umNetofati, uHeledi indodana ka Baana, umNetofati,
31uItai indodana ka Ribai wa seGibea, e lamadodana ka Benjamini, uBenaia umPiratoni,
32uHurai, wa seNahale-gashi, uAbieli, umArbati,
33uAzmaveti umBaharumi, uEliaba umShalboni,
34Amadodana ka Hasheme umGizoni, uJonatani indodana ka Shage umHarari,
35uAhihamu indodana kaSaka umHarari, uElifaleti indodana ka Uri,
36uHeferi umMekerati, uAhija umPeloni,
37uHezro umKameli, uNarai indodana ka Ezbai,
38uJoeli umfo wabo ka Natani, uMibha indodana ka Hageri;
39uZeleki umAmoni, uNahari, umBeroti, umpati wezikali ka Joabi indodana ka Zeruia,
40uIra umItri, uGarebi umItri,
41uUria umHiti, uZabade indodana ka Ahlai,
42uAdina indodana ka Shiza umRubeni induna yamaRubeni, be naye abamashumi amatatu.
43uHanani indodana ka Maka, uJoshafati umMithni,
44uUzzia umAshterati, uShama noJehieli amadodana ka Hotamu, umAroeri.
45uJediale indodana ka Shimri, noJoha umfo wabo umTizi,
46uElieli umMahavi, uJeribai, noJoshavia, amadodana ka Elnami, noItma, umMoabi,
47uElieli, uObedi, noJasieli, umMesobi.