1KWA ti emva kwaloku uDavida wa tyaya amaFilisti wa wa hlula wa tata iGati nemizi yalo esandhleni samaFilisti.
2Wa tyaya iMoabi naba seMoabi ba ba izinceku zika Davida ba leta izipo.
3uDavida wa tyaya uHadareza inkosi ya seZoba nga seHamati ekuhambeni kwake u ku ya kumisa amandhla ake emfuleni uUfrate.
4uDavida wa dhla izinqola ezi inkulungwane nabakweli bamahashi aba izinkulungwane ezi isikombisa nabahamba pansi aba izinkulungwane ezi amashumi amabili, wa nquma imisipa yamahashi onke ezinqola, wa shiya a wezinqola ezi ikulu, kodwa.
5AmaSiria aseDamaseku e za ukusiza uHadareza inkosi ya seZoba uDavida wa bulala kumaSiria amadoda a izinkulungwane ezi amashumi amabili nambili.
6uDavida wa beka amabuto eSiria-Damaseku, amaSiria a ba izinceku zika Davida a tela, njalo uJehova wa m londoloza uDavida lapo wa e ya kona.
7uDavida wa dhla izihlangu zegolide eza zi sezincekwini zika Hadareza wa zi leta eJerusalema.
8Na semizini ka Hadareza iTibate neKune uDavida wa tata itusi eliningi kakulu uSolomona enza ngalo ulwandhle lwetusi nezinsika nezitya zetusi.
9uTou inkosi ya seHamati wezwa ukuba uDavida u tyayile lonke ibandhla lika Hadadeza inkosi ya seZoba.
10Wa tuma indodana yake kuDavida inkosi uku m bingelela noku m busisa, ngokuba e lwile noHadadeza wa m nqoba (ngokuba uTou wa e ke wa lwa noHadareza;) nezitya zonke zegolide nezesiliva nezetusi;
11Inkosi uDavida wa zahlukanisela uJehova, nesiliva negolide a e li tatile ku lezi zizwe zonke; kumaEdomi na kwaba seMoabi nakubantwana baka Amoni nakubaFilisti na kwabaka Amaleki.
12uAbishai indodana ka Zeruia wa bulala kumaEdomi emfundeni ka Sawoti izinkulungwane ezi ishumi nesishiyagalombili.
13Wa beka amabuto eEdomi; Onke amaEdomi a ba izinceku zika Davida, uJehova wa m londoloza lapo wa e ya kona.
14uDavida wa busa pezu kwa baIsraeli bonke wenza ukwahlula nokulunga kubantu bonke bake.
15uJoabi indodana ka Zeruia wa e pezu kwamabuto; uJehoshafati indodana ka Ahiludi wa e umbali;
16uZadoki indodana ka Ahitubi noAbimeleki indodana ka Abiatari ba be abapristi; noShavsha wa e umbali,
17uBenaia indodana ka Jehoida wa e pezu kwamaKereti namaPeleti; amadodana ka Davida a e izinhloko esandhleni senkosi.