1WA ti uDavida, Le i indhlu ka Jehova uTixo, leli ilati lomnikelo wokutya wabaIsraeli.
2uDavida wa yala ukuba ku butane ndawonye abezizwe aba be sezweni la kwa Israeli, wa misa abaki ba baze amatye, a linganayo ukwaka indhlu ka Tixo.
3uDavida wa lungisa insimbi eningi yezipikili zeminyango yamasango, nezokuhlanganiswa, netusi eliningi li nge nakulinganiswa.
4Nemiti yesedare eminingi ngokuba amaZidoni namaTire a leta imiti eminingi yesedare kuDavida.
5uDavida wa ti, uSolomona indodana yami u se mutya u sa tambile, nendhlu e za kwakiwelwa uJehova nga i ba nhle kakulu i be nodumo nobukosi emazweni onke; Ngi za ku i lungisake; uDavida wa lungisa kakulu e nga ka fi.
6Wa biza uSolomona indodana yake, wa m yala ngokwakela uJehova uTixo ka Israeli indhlu.
7uDavida wa ti kuSolomona, ndodana yami, ngokwami, kwa ku sengqondweni yami ukwaka indhlu ngegama lika Jehova uTixo wami.
8Kodwa izwi lika Jehova la fika kimi li ti, U cite igazi eliningi wenza ukulwa okukulu, a u yi ku yaka indhlu ngegama lami, ngokuba u citile igazi eliningi emhlabeni pambi kwami.
9Bheka u ya kuzala indodana, e ya kuba umuntu wokupumula, ngi ya ku m pumuza eziteni zonke zake, ezindaweni zonke; ngokuba igama lake li ya kuba uSolomona, ngi ya kupa abaIsraeli ukutula nokuhlala kahle, emihleni yake.
10U ya kwaka indhlu ngegama lami, u ya kuba indodana yami, ngi be uyise, ngi ya kuqinisa isihlalo sake sobukosi, pezu kwabaIsraeli ku ze ku be pakade.
11Kaloku ndodana yami, uJehova ma be nawe u be nenhlanhla wakele uJehova uTixo wako indhlu njengokutye kwake kuwe.
12Futi uJehova a ku pe ukuhlakanipa nokuqonda, a ku mise pezu kwabaIsraeli ukuba u gcine umteto ka Jehova uTixo wako.
13Konake u ya kuba nenhlanhla uma u qapela ukwenza imiyalo nokwahlula uJehova a ku yalela uMosi ngabaIsraeli. Qina u be namandhla u ngesabi, u nga dangali.
14Bheka enhlupekweni yami ngi lungisele indhla ka Jehova amatalenta egolide a izinkulungwane ezi ikulu, namatalenta esiliva a izinkulungwane ezi inkulungwane, nawetusi nensimbi a nge nakulinganiswa, ngokuba ku ningi; ngi ku lungisile nemiti namatye, u ya ku kwenezela.
15Ku kona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi naba sika amatye, nemiti, nabantu bonke abahlakanipele imisebenzi yonke.
16Igolide, nesiliva, netusi, nensimbi a ku nakubalwa. Suka, wenze, uJehova a be nawe.
17uDavida wa yala onke amakosana a kwa Israeli ukusiza uSolomona indodana yake, wa ti;
18uJehova uTixo wenu a nani na? A ni nikile ukutula inxa zonke na? Ngokuba u nikile ezandhleni zami abakileyo ezweni, nezwe li nqotyiwe pambi kuka Jehova na pambi kwabantu bake.
19Bekanike inhliziyo yenu nompefumlo wenu ekufuneni uJehova uTixo wenu; Sukani nake indhlu e ingcwele ka Jehova uTixo ukuleta umpongolo wesivumelwano ka Jehova nezitya ezi ingcwele zika Tixo endhlini e zo kwakelwa igama lika Jehova.