1UDAVIDA inkosi wa ti, kuyo yonke inhlangano, uSolomona indodana yami uTixo a m ketileyo yedwa, u se mncane, u tambile, umsebenzi mkulu, ngokuba itempeli a si lo e lomuntu e lika Jehova uTixo.
2Ngi lungisile indhlu ka Tixo wami, ngamandhla ami onke, igolide lo kwegolide isiliva lo kwesiliva netusi lo kwetusi nensimbi yo kwensimbi, nemiti yo kwemiti, amatye eshohamu na wokufakwa, namatye a kazimulayo na nemibala eminingi, nezinhlobo zonke zamatye amahle, namhlope amaningi.
3Futi ngokuba ngi ya tokoza ngendhlu ka Tixo wami, ngi nemfuyo yegolide nesiliva, e ngi ku nikeleyo endhlini ka Tixo wami oku pezu kwako konke e ngi ku lungisele indhlu e ingcwele.
4Amatalenta a izinkulungwane ezintatu egolide la seOfire, namatalenta a izinkulungwane ezi isikombisa esiliva eli colisisekileyo, lokuhuqa izindonga zezindhlu;
5Igolide lo kwegolide nesiliva lo kwesiliva nokomsebenzi wonke wezandhla zezinyanga. Ubani o vumayo namhla ukugcwalisela uJehova izandhla zake na?
6Konake amakosana ezindhlu, namakosana ezizwe za kwa Israeli, nezinduna zezinkulungwane nezamakulu kanye nababusi bomsebenzi wenkosi ba nikela ngokuvuma.
7Ba nikela enkonzweni yendhlu ka Tixo amatalenta a izinkulungwane ezi isihlanu egolide namadarike a izinkulungwane ezi ishumi namatalenta a izinkulungwane ezi ishumi esiliva namatalenta a izinkulungwane ezi ishumi nashiyagalombili etusi, namatalenta a izinkulungwane ezi ikulu ensimbi.
8Aba be nawo amatye amahle ba wa nikela emfuyweni yendhlu ka Jehova, ngesandhla sika Jehieli umGershoni.
9Abantu ba jabula, ngokuba ba be vuma ukunikela ngenhliziyo e peleleyo kuJehova, uDavida inkosi wa tokoza kakulu futi.
10uDavida wa bonga uJehova pambi kwenhlangano yonke uDavida wa ti, Ma u bongwe Jehova Tixo ka Israeli ubaba ku ze ku be nini na nini.
11Obako Jehova ubukulu, namandhla, nobuhle, nobumnandi, nobukosi; ngokuba konke oku sezulwini noku semhlabeni, ku okwako, umbuso u ngo wako Jehova, u pakeme u inhloko pezu kwako konke.
12Ukuceba nodumo ku vela kuwe u ku busa konke; esandhleni sako, ku kona amandhla nokwahlula, ku sesandhleni sako ukukulisa konke, ku be namandhla.
13Tixo wetuke si ya kubonga, si ya li dumisa igama lako lobukosi.
14Ngi ubani mina nabantu bami ba ini, ukuba si be namandhla okunikela ngokuvuma kanje na? Ngokuba konke ku vela kuwe, si ku nike okwesandhla sako.
15Tina si abafo pambi kwako nabahambi njengobaba betu bonke, izinsuku zetu emhlabeni zi njengetunzi, aliko itemba.
16Jehova Tixo wetu yonke lempahla e si yi lungisele ukwakela igama lako eli ingcwele indhlu i vele esandhleni sako, e yako yonke.
17Ngi yazi Tixo wami, ukuba u ya i hlola inhliziyo, u tokoze ngokulunga. Mina ngokulunga kwenhliziyo yami, ngi ku nikele konke loku ngokuvuma, nabantu bako aba kona, ngi ba bonile, ngokujabula, be nikela ngokuvuma kuwe.
18Jehova Tixo ka Abrahama noIsaka noIsraeli; obaba betu, ku gcine loku ezizindhlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bako, ku ze ku be pakade u mise inhliziyo yabo kuwe.
19U nike indodana yami uSolomona inhliziyo epeleleyo, ukugcina imiyalo yako, nemiteto yako, nezimemezelo zako, nokwenza konke nokwaka itempeli e ngi li lungiseleyo.
20uDavida wa ti kuyo yonke inhlangano, M bongenike uJehova uTixo wenu; Inhlangano yonke ya m bonga uJehova uTixo wa oyise; ba goba amakanda abo ba kotama kuJehova, na senkosini.
21Ba m hlabela uJehova, ba m nikela iminikelo yokutya kuye, nga ngomuso izinkunzi ezi inkulungwane, nezinqama ezi inkulungwane namacwane a inkulungwane; neminikelo yabo yokupuza, nemihlatyelo eminingi ka Israeli wonke.
22Ba dhla ba puza pambi kuka Jehova ngalolosuku ngenjabulo enkulu, ngokwesibili benza uSolomona indodana ka Davida a be inkosi ba m gcobela uJehova ukuba a be umbusi, noZadoki a be umpristi.
23uSolomona wa hlala esihlalweni sobukosi sika Jehova e inkosi, esikundhleni sika Davida uyise wa ba nenhlanhla, uIsraeli wonke wa m lalela.
24Amakosana onke, namaqawe, namadodana onke enkosi uDavida, a zi toba ku Solomona inkosi.
25uJehova wa m kulisa uSolomona kakulu emehlweni abaIsraeli bonke, wamamkelisa ubukosi bombuso, o bu nga zange bu be kona enkosini ya kwa Israeli ngapambili kwake.
26uDavida indodana ka Jese wa busa pezu kuka Israeli wonke.
27Isikati a busa ngaso, pezu kuka Israeli wonke, sa ba iminyaka e amashumi amane; eHebroni wa busa iminyaka e isikombisa; eJerusalema wa busa iminyaka e amashumi amatatu nantatu.
28Wa fa, e semdala, e neminyaka eminingi, e nengcebo nodumo; uSolomona indodana yake wa busa esikundhleni sake.
29Imisebenzi ka Davida inkosi, e yokuqala neyokugcina, bheka i baliwe encwadini ka Samueli umprofeti, na sencwadini ka Natani umprofeti, na sencwadini ka Gadi umprofeti.
30Kanye nokubusa kwake konke namandhla ake, nezikati e za m dhlulayo, noIsraeli, nemibuso yonke yamazwe.