1AMADODANA aka Rubeni, izibulo lika Israeli (ngokuba wa e izibulo; kodwa, loku wa lona ukuko luka yise, ifa lake lokuzibula la dhliwa amadodana ka Josefa, indodana ka Israeli; a ka balwanga njengezibulo?
2Ngokuba uJuda wa e mkulu kubafo wabo, nombusi omkulu wa vela kuye; kodwa ubuzibulo ba bu obuka Josefa);
3Ngi ti, Amadodana aka Rubeni izibulo lika Israeli a be uHanoki, uPalu, uHezroni, noKami.
4Amadodana aka Joeli, uShemaia indodana yake, uGogi indodana yake, uShimei indodana yake;
5uMika indodana yake, uReaia indodana yake, uBali indodana yake;
6NoBera o wa tunjwa uTilgatepilnesa inkosi ya seAsiria; Yena wa e inkosi kumaRubeni.
7Nabazalwane bake, ngemindeni yabo, lapa ba balwa ngezizukulwana zabo, ba be uJehieli o inhloko, noZekaria.
8Naye uBela indodana ka Azazi, indodana ka Shemaia, indodana ka Joeli o waka eAroeri, kwa za kwa fika eNebo naseBaal-meoni.
9Na sempumalanga waka kwa za kwa ngena ehlane nga semfuleni uUfrate; ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni la seGiladi.
10Ezinsukwini zika Sauli ba lwa namaHagari, wona a bulawa ngesandhla sabo; ba hlala ematenteni abo ezweni lonke eli nga sempumalanga kweGiladi.
11AbakwaGadi ba be hlezi malungana nabo, ezweni la seBashani, kwa za kwa ba eSalka;
12uJoeli omkulu, noShafamu o wesibili, noJanai, noShafati eBashani.
13Nabazalwane babo, ngezindhlu za oyise uMikaeli, noMeshulamu, noSheba, noJorai, noJakane, noZiha, noHeberu, aba isikombisa.
14Lawa amadodana aka Abihaili, indodana ka Huri, indodana ka Jaroa, indodana ka Giladi, indodana ka Mikaeli, indodana ka Jeshishai, indodana ka Jahdo, indodana ka Buzi.
15uAhi indodana ka Abdieli, indodana ka Guni, inhloko yendhlu ya oyise.
16Ba be hlala eGiladi, eBashani, nasemizini yalo, nasemizaneni yonke ya seSharoni, ekupumeni kwayo.
17Bonke laba ba balwa emihleni ka Jotamu inkosi yakwa Juda nasemihleni ka Jeroboamu inkosi yakwa Israeli.
18Amadodana aka Rubeni noGadi nenxenye yesizwe sika Manasa, amaqawe, a e namandhla ukupata isihlangu, nenkemba, nokucibityela ngomcibityelo, be hlakanipile empini, izinkulungwane ezi amashumi amane nane namakulu a isikombisa namashumi a isitupa, aba puma impi.
19Ba lwa namaHagari, noJeturi, noNefishi, noNodabi,
20Ba sizwa ekulweni nabo, namaHagari a nikelwa esandhleni sabo nabo bonke a ba be nawo, ngokuba ba kala kuTixo empini, wa bezwa ngokuba ba betemba kuye.
21Ba tumba izinkomo zabo, emakamelweni abo izinkulungwane ezi amashumi amahlanu, nasezimvini izinkulungwane ezi amakulu amabili namashumi a isihlanu, na sezinjomaneni izinkulungwane ezimbili, na sebantwini izinkulungwane ezi ikulu.
22Kwa wa abaningi, be file ngokuba impi ya i eka Tixo. Ba hlala ezindaweni zabo ba za ba tunjwa.
23Abenxenye yesizwe sika Manasa ba hlala ezweni; kwa qala eBashani kwa za kwa fika eBalhermoni na seSenire na sentabeni yase Hermoni ba be baningi.
24Laba ba be izinhloko zezinhlu za oyise uEferi, uIshi, uElieli, uAzrieli, uJeremia, uHodavia, uJadieli, amaqawe a namandhla, abantu abadumileyo, izinhloko zezindhlu za oyise.
25Bona kuTixo wa oyise, ba fisa izitixo zabantu ba lelozwe, uTixo a ba citayo pambi kwabo.
26uTixo wakwaIsraeli wa vusa inhliziyo ka Puli inkosi yase Asiria, nenhliziyo ka Tilgatepilnesa inkosi ya seAsiria, wa ba tumba, amaRubeni namaGadi nenxenye yesizwe sika Manasa wa ba yisa eHala na seHabore naseHarana na semfuleni iGozana ku ze ku be namhla.