1NOMA ngi kuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, ngi nge nalo utando, ngi itusi elikencezayo, nensimbi encencetayo.
2Noma ngi nokuprofeta, ngi qonda imfihlakalo yonke nokwazi konke; noma ngi nokukolwa konke, kokuba ngi suse izintaba, ngi nge nalo utando, a ngi into yaluto.
3Noma ngi nika konke engi nako, ngi babele abampofu ukudhla; noma ngi nikela umzimba wami u tyiswe, ngi nge nalo utando, ku nge ngi size.
4Utando lu ya bekezela, lu mnene; utando a lu namona; utando a lu zidumisi, a lu zikukumezi;
5A lwenzi okungafanele a lu zifuneli okwalo, a lu nalulaka, a lu zindhlekeli okubi;
6A lu tokozi ngokungalungile, kepa lu tokoza ngesiminya;
7Lu zitulela izinto zonke, lu kolwa izinto zonke lwetemba izinto zonke, lu bekezela izinto zonke.
8Utando lu nge ze lwa nqamuka; kepa noma ku kona ukuprofeta, ku za kupela; noma ku kona izilimi, zi ya kunqamuka, noma ku kona ukwazi ku ya kunyamalala.
9Ngokuba si yazi nganxanye, si profeta nganxanye.
10Kepa nxa se ku fikile okupeleleyo, kona ku za kupela okungapelele.
11Lapo ngi se umntwana, nga kulumisa okomntwana, ngazisa okomntwana, nga zindhlisa okomntwana; kepa lapa se ngi indoda, nga yeka okobumntwana.
12Ngokuba manje si bona esibukweni kalufifi; kepa lapo ubuso bo bukana nobuso; manje ngazi nganxanye; kepa lapo ngi ya kwazi njengokuba ngaziwa.
13Njalo ku kona ukukolwa, ukwetemba, utando, loku kokutatu; kepa okukulu ku utando.