1KEPA, bazalwane, ngi ya ni kumbuza ivangeli enga ni shumayeza lona, nena lamkelayo, neni mi kulo;
2Neni ya kusindiswa ngalo, uma ni bambelela ezwini enga ni shumayeza ngalo, uma ni nga kolwa ize.
3Ngokuba nga ni nika ekuqaleni loko enga kwamkela nami ukuti, uKristu wa fa ngenxa yezono zetu, njengokwemibalo;
4Nokuti wa mbelwa, wa buya wa vuka ngosuku lwesitatu njengokwemibalo;
5Nokuti wa bonwa uKefasi, ngasemva wa bonwa aba ishumi nambili;
6Emva kwaloko wa bonwa kanyekanye ngabazalwane aba dhlula amakulu amahlanu, iningi labo li se kona na kaloku, kepa abanye se be lele.
7Emva kwa loko wa bonwa uJakobe; kona wa bonwa abapostoli bonke;
8Kepa emva kwabo bonke wa bonwa imi, engi njengozelwe ku nga ka bi isikati.
9Ngokuba ngi ngomncinyane ku nabo abapostoli, engi nga fanele ukutiwa umpostoli, ngokuba nga hlupa ibandhla lika Tixo.
10Kepa ngomusa ka Tixo ngi iko engi iko; umusa wake o kimi a u banga ize; kodwa nga sebenza kakulu ku nabo bonke; kepa a si mina; ku umusa ka Tixo o kimi.
11Ngakoke noma imi, noma ibo, si ya shumayela, ni kolwe.
12Kepa uma uKristu e shunyayelwa ukuti, wa vuka kwabafileyo, ba tyo kanjani abanye ba kini ukuti, a ku ko ukuvuka kwabafileyo na?
13Kepa uma ku ngeko ukuvuka kwabafileyo, a ka vukanga naye uKristu.
14Uma uKristu e nga vukanga, ukushumayela kwetu ku ize, nokukolwa kwenu ku ize.
15Yebo, si ya funyaniswa si ngofakazi bamanga baka Tixo; ngokuba si qinisile ngoTixo ngokuti, wa m vusa uKristu; e nga m vusanga; uma abafileyo be nga vuki.
16Ngokuba uma abafileyo be nga vuki, a ka vukanga naye uKristu.
17Uma uKristu e nga vukanga, ukukolwa kwenu ku ize ni se sezonweni zenu.
18Njalo aba lele kuKristu ka be se ko.
19Uma si netemba kuKristu ku lokukupila kodwa, si ya hlupeka ku nabantu bonke,
20Kepa uKristu wa vuka kwabafileyo, wa ba ulibolwabaleleyo.
21Loku ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo kweza na ngomuntu.
22Ngokuba njengaloku bonke ba ya fa ngoAdamu, njalo bonke ba ya kupiliswa ngoKristu.
23Kepa ilowo ngokuhlelwa kwake; uKristu ulibo; ngasemva abaka Kristu ekufikeni kwake.
24Kwandu kuba ukupela, lapo se e nikele umbuso kuTixo, uYise; lapo se e citile ukubusa konke, nobukosi bonke namandhla onke.
25Ngokuba ku fanele a buse a ze a beke izita zonke pansi kwezinyawo zake.
26Isita sokugcina esi ya kucitwa si ukufa.
27Ngokuba u hlelile izinto zonke pansi kwezinyawo zake. Kepa nxa e ti, Izinto zonke zi hleliwe, ku sobala ukuti, a ka hlelwa yena, owa hlela izinto zonke pansi kwake.
28Kepa lapo izinto zonke se zi hleliwe pansi kwake, kona neNdodana i ya kuhlelwa pansi kowa hlela izinto zonke pansi kwake, ukuze uTixo a be iko konke kuko konke.
29Uma ku nge njalo, ba ya kwenze njani ababapatizelwa abafileyo? Uma abafileyo be nga vuki nokuvuka, ba bapatizelwa abafileyo ngani na?
30Si meleni si sengozini izikati zonke na?
31Ngi ya qinisa ngokutokoza kwami ngani, engi nako ngaye uKristu Jesu, iNkosi yetu, ngi ya fa imihla ngemihla.
32Uma nga lwa nezilo eEfesu ngokwabantu, ku ngi siza ngani, uma abafileyo be nga vuki? A si dhle, si puze; ngokuba ngomuso si ya kufa.
33Ni nga kohliswa; ukuhlangana nokubi ku yona imikuba emihle.
34Vukani, ni lunge, ni ngoni; ngokuba abanye be nge nakumazi uTixo. Ngi tyo loku ni ze ni be namahloni.
35Kepa omunye u ya kuti, Abafileyo ba vuka kanjani na? beza be nomzimba onjani na?
36Wena siula, loko o ku tyalayo a ku hlumi, uma ku nga fi;
37Naloku o ku tyalayo, a u tyali lomzimba o za kuba kona, kodwa inhlamvu yodwa; mhlaumbe eyamabele; mhlaumbe eyokunye.
38Kepa uTixo u i nika umzimba njenga ku tandayo, e nika ileyo umzimba wayo.
39Inyama yonke a sinyamanye; kepa i kona enye inyama yabantu, enye inyama yezilwane, enye yezinhlanzi, enye yezinyoni.
40Njalo i kona imizimba ya sezulwini, nemizimba ya semhlabeni; kepa ubukosi beyasezulwini bu bodwa, nobukosi beyasemhlabeni bu bodwa.
41Bu bodwa ubukosi belanga, bu bodwa ubukosi benyanga, bu bodwa ubukosi bezinkanyezi; ngokuba enye inkanyezi i dhlula enye ngobukosi.
42Ku njalo nokuvuka kwabafileyo. Ku tyalwa ku nokubola, ku vuka ku nge nakubola;
43Ku tyalwa ku nokudelwa ku vuka ku nobukosi; ku tyalwa ku nobutakataka, ku vuka ku namandhla.
44Ku tyalwa ku umzimba wenyama, ku vuka ku umzimba womoya. U kona umzimba wenyama; u kona nomzimba womoya.
45Njalo ku lotyiwe ukuti, Umuntu wokuqala, uAdamu, wenziwa umpefumlo opilayo; uAdamu wokugcina umoya opilisayo.
46Kepa okokuqala a siko okomoya, ku ngokwenyama; ngasemva, okomoya.
47Umuntu wokuqala wa vela emhlabeni, u ngokomhlaba; umuntu wesibili u iNkosi eya vela ezulwini.
48Abokomhlaba ba njengaye owa e ngokomhlaba; abokwezulu ba njengaye owokwezulu.
49Njengaloku si fuze o ngokomhlaba, si ya kufuza nangokwezulu.
50Ngi tyo loku, bazalwane, ukuti, inyama negazi ku nge dhle ifa lombuso ka Tixo; ukubola a ku dhli ifa lokungaboli.
51Bhekani, ngi ni tyela imfihlakalo, yokuti, A si yi kulala sonke; kepa si ya kuguqulwa sonke.
52Ngesikatyanyana, ngokupazima kweso, ngetilongo lokugcina, ngokuba itilongo li ya kukala, abafileyo ba ya kuvuka, be nge nakubola, si guqulwe tina.
53Ngokuba lokukubola nga kwambata ukungaboli, nalokukufa nga kwambata ukungafi.
54Kepa nxa lokukubola se kwambete ukungaboli, na lokukufa se kwambete ukungafi, kona ku za kwenzeka izwi eliloyiweyo, lokuti, Ukufa se ku gwinyiwe ukunqoba.
55Lupi udosi lwako, Kufa na? Kupi ukunqoba kwako, Liba, na?
56Udosi lokufa lu ukona; amandhla okona a umteto.
57Kepa ka bongwe uTixo o si nika ukunqoba ngeNkosi yetu, uJesu Kristu.
58Ngako, bazalwane bami abatandekayo qinani, ni nga zamazami, ni vame njalo imisebenzi yeNkosi, nazi ukuti, imisebenzi yenu a i yi kuba ize eNkosini.