1A NGI siye umpostoli na? A ngi kululekile na? A ngi m bonanga uJesu Kristu iNkosi yetu na? A ni siwo umsebenzi wami eNkosini na?
2Noma ngi nge siye umpostoli kwabanye, ngi uye impela kinina; ngokuba nina ni upau lobupostoli bami eNkosini.
3Ukupendula kwami kwabangibuzayo iloku;
4Si nge dhle ukudhla, si puze na?
5Si nge hambe nomzalwane wesifazana njengabanye abapostoli, nabazalwane beNkosi, noKefasi na?
6Mina ngedwa noBarnaba si nge yeke ukusebenza na?
7Ubani o puma impi ngemali yake na? Ubani o tyala isivini, a nga dhli izitelo zaso na? Ubani owalusa umhlambi, a nga dhli ubisi lwawo na?
8Ngi tyo loku ngokwabantu na? ka u tyo njalo futi umteto na?
9Ngokuba ku lotyiwe emtetweni kaMosi ukuti, U nga i faki isifonyo inkabi ebulayo. uTixo u katalela izinkabi na?
10Ka ku tyo ngenxa yetu impela na? Yebo, ku lotyiwe ngenxa yetu; ngokuba olimayo nga e lima ngokwetemba, nobulayo nga e bula e netemba lokwabelwa.
11Uma tina si ni hlwanyelele okomoya, ku into enkulu ini, uma si vune okwenu kwenyama na?
12Uma abanye babelwa amandhla pezu kwenu, tina a sabelwa wona kakulu na? Kepa a si wa patanga lawamandhla; si bekezela konke, funa si li tiye ivangeli lika Kristu.
13A nazi ini ukuti, abakonzayo ngemisebenzi engcwele ba dhla okwetempeli, nokuti abakonzayo elatini ba hlanganyela nelati.
14Njalo iNkosi i misile ukuba abashumayela ivangeli ba pile ngokwevangeli.
15Kepa a ngi patanga luto lwa lezizinto; na loku a ngi ku lobanga ukuba ngenzelwe njalo; ngokuba kuhle kimina ukuba ngi fe ku nokuba umuntu a kwenzize loku engi tokoza ngako.
16Ngokuba, noma ngi shumayela ivangeli, a ngi nako engi zibonga ngako; loko ngi cindezelwe; yebo, nako kimina uma ngi nga shumayeli ivangeli.
17Uma ngenza loku ngenhliziyo, ngi nomvuzo; uma ngenza, ngi nga tandi, ngi miselwe inkonzo.
18U mupi umvuzo wami na? Iloku ukuba ngi shumayele, ngi lenze ivangeli lika Kristu li nga tengwa, ngi nga pati kabi amandhla ami evangelini.
19Ngokuba noma ngi kululekile kubo bonke, nga zenza isigqili sabo bonke, ukuba ngi zuze abaningi.
20KubaJuda nga ba njengomJuda, ukuba ngi zuze abaJuda: kwabapansi komteto nga ba njengopansi komteto, noma mina ngi nge pansi komteto, ukuba ngi zuze abangapansi komteto;
21Kwaba nge namteto nga ba njengo nge namteto (ngi nge siye o nge namteto kuTixo, ngi pansi komteto kuKristu,) ukuba ngi zuze aba nge namteto.
22Kwababutakataka nga ba njengobutakataka, ukuba ngi zuze ababutakataka; se ngi izinto zonke kubo bonke, ukuba ngako konke ngi sindise abanye.
23Na loku ngi ya kwenza ngenxa yevangeli, ukuba ngi li hlanganyele kanye nani.
24A nazi ini ukuti, ba ya gijima bonke abancintisanayo ngokugijima, kepa munye owabelwayo. Gijimani njalo ukuba ni zuze.
25Bonke abancintisanayo ba zitiba ezintweni zonke; labo benza ukuba ba zuze umqele obunayo, kepa tina ukuba si zuze engabuniyo.
26Njalo a ngi gijimi ngokungati ngi nga qondisisi; a ngi lwi njengotyaya umoya.
27Kepa ngi u nqoba umzimba wami, ngi wenza isigqili, funa, lapa se ngi shumayele kwabanye, ngi lahlwe mina uqobo.