1NGA lesosikati uDavida wa e mdala e nemihla eminingi; ba m ambatisa izingubo, kodwa ka fudunyezwanga.
2Ngako izinceku zake za ti kuye, Ma ku funelwe inkosi yami, inkosi ya kiti intombi epelayo; ma i me pambi kwenkosi, i hlale nayo i lale esifubeni sako, ukuze inkosi yami, inkosi ya kiti i fudumale.
3Ba suka ba yi funa intombi enhle emazweni onke kwa Israeli, ba m fumana uAbishage wa seShunemu, ba m zisa enkosini.
4Lentombi ya i inhle kakulu, ya hlala nayo inkosi, ya yonga; kodwa inkosi ya i nga yazi.
5Kona uAdonija indodana ka Hagiti wa zipakamisa, e ti, Mina ngi ya kuba inkosi; wa zilungisela izinqola nabakweli bamahashi, nabantu aba ngamashumi amahlanu ukugijima ngapambili kwake.
6Uyise wa e nga m kuzanga nakanye ngokuti, Wenzeleni loku na? futi naye wa e muhle kakulu, yena wa m elama uAbsalomu kunina.
7Wenza icebo noJoabi indodana ka Zeruia, noAbiatari umpristi; laba ba m landela uAdonija, ba m siza.
8Kodwa uZadoki umpristi, noBenia indodana ka Jehoida, noNatani umprofeti, noShimi, noReyi, amaqawe ka Davida, ba be ngahlangani naye uAdonija.
9uAdonija wa hlaba izimvu, nezinkabi, nezinkomo ezinonileyo, nga setyeni la seZoheleta, oku nga seEnrogeli, wa ba mema bonke abafo wabo, amadodana enkosi, nabantu bonke ba kwaJuda, izinceku zenkosi.
10Kepa uNatani umprofeti, noBenia, namaqawe, noSolomona umfo wabo, ka ba memanga.
11Ngako uNatani wa kuluma noBatsheba unina ka Solomona, wa ti, Ka u zwanga yini ukuba uAdonija indodana ka Hagiti u se inkosi, uDavida inkosi yetu kazi kodwa.
12Ngako a ke u lalele, ngi ku nike icebo, ukuze u zisindise wena, kanye nendodana yako uSolomona.
13Hamba, u ye enkosini uDavida, u ti kuye, Ka u funganga yini wena, nkosi yami, nkosi yakiti, kuyo incekukazi yako, wa ti, uSolomona indodana yako, u ya kubusa esikundhleni sami, u ya kuhlala esihlalweni sami sobukosi? po ku njani ukuba uAdonija u ya busa?
14Bhekake, njalo lapo u sa kuluma kona enkosini, mina ngi ya kungena ngasemva kwako, ngi wa qinise amazwi ako.
15uBatsheba wa ngena enkosini endhlini, inkosi ya i gugile impela, uAbishage wa seShunemu wa yonga inkosi.
16uBatsheba wa kotama, wa kuleka enkosini. Inkosi ya ti, U funa ntoni na?
17Wa ti kuye, Nkosi yami, wena wa m funga uJehova uTixo wako kuyo incekukazi yako, wa ti, uSolomona indodana yako u ya kubusa esikundhleni sami, u ya kuhlala esihlalweni sami sobukosi.
18Bhekake kaloku, nangu uAdonija u se busa, kepa wena, nkosi, nkosi ya kiti, ka u kwazi loku.
19U se hlabile izinkabi, nezinkomo ezinonileyo, kanye nezimvu eziningi, u wa memile amadodana onke enkosi, noAbiatari umpristi, noJoabi induna yamabuto; kodwa ka m memanga uSolomona inceku yako.
20Yebo, nkosi yami, nkosi ya kiti, amehlo abaIsraeli bonke a bheka kuwe, ukuba u ba kombise ubani o za kuhlala esihlalweni sobukosi senkosi yami, inkosi ya kiti; esikundhleni sayo.
21Funa lapo inkosi yami, inkosi ya kiti i si lele nokoko bayo, mina kanye nendodana yami uSolomona si tiwe izoni.
22Kwa ti e sa kuluma nenkosi, kwa ngena noNatani umprofeti.
23Ya tyelwa inkosi ukuti, Nangu uNatani umprofeti. Wa ngena enkosini, wa yi kotamela inkosi wa ti mbo ngobuso emhlabatini.
24Wa ti uNatani, Nkosi yami, nkosi ya kiti, imbala u tyilo wena ukuti, uAdonija u ya kubusa esikundhleni sami, u ya kuhlala esihlalweni sami sobukosi?
25Ngokuba namhla u sehlile u se hlabile izinkabi, nezinkomo ezi nonileyo, nezimvu eziningi, u wa memile namadodana onke enkosi, nezinduna zamabuto, kanye noAbiatari umpristi; kanjalo, ba ya dhla ba ya puza pambi kwake, ba ti, Ma i hlale inkosi uAdonija.
26Kodwa mina, inceku yako, noZadoki umpristi, noBenia indodana ka Jehoida, noSolomona inceku yako, ka si memanga.
27Konje leyonto yenziwa iyo inkosi yami, inkosi ya kiti na? u nga yazisanga inceku yako, ubani o za kuhlala esihlalweni sobukosi senkosi yami, inkosi ya kiti, esikundhleni sayo?
28Wa pendula uDavida inkosi wa ti, Ngi bizela uBatsheba. Weza ebusweni benkosi, wema pambi kwenkosi.
29Inkosi ya funga, ya ti, U kona uJehova, o ngi sindisile ekuhlupekeni konke kwami.
30Njengokuba nga funga kuwe uJehova uTixo ka Israeli, nga ti, Iqiniso uSolomona indodana yako u ya kubusa esikundhleni sami, u ya kuhlala esihlalweni sami sobukosi ngasemva kwami; impela ngi ya kwenze njalo namhlanje.
31uBatsheba wa kotama wa ti mbo ngobuso emhlabatini, wa kuleka enkosini, wa ti, Inkosi yami uDavida ma i me ku be ngunapakade.
32Wa ti uDavida inkosi, Ngi bizele oZadoki umpristi, noNatani umprofeti, noBenia indodana ka Jehoida. Beza pambi kwenkosi.
33Inkosi ya ti kubona, Tatani izinceku zenkosi yenu, ni m kwelise uSolomona indodana yami enjomaneni yami nehlele naye eGihone.
34uZadoki umpristi noNatani umprofeti ma ba m mise kona, a be inkosi yabaIsraeli, ni vutele amatilongo ni ti, Ma i pile inkosi uSolomona.
35Ni ya kubuya nenyuke ngasemva kwake; u ya kuza a hlale esihlalweni sami sobukosi; ngokuba yena u ya kuba inkosi esikundhleni sami; ngi m misile a be inkosi yabaIsraeli neyabaJuda.
36Wa pendula uBenia indodana ka Jehoida enkosini, wa ti, Ameni; uJehova uTixo wenkosi yami, inkosi ya kiti ma a tyo njalo naye.
37Njengokuba uJehova wa be nayo inkosi yami, inkosi ya kiti, njalo ma a be naye uSolomona, a senze isihlalo sake sobukosi si be sikulu ku naso isihlalo sobukosi sika Davida inkosi yami, inkosi ya kiti.
38Kwa suka uZadoki umpristi, noNatani umprofiti, noBenia indodana ka Jehoida, namapolisa, nezigijimi, zehla, za kwelisa uSolomona embongolweni yenkosi uDavida za m yisa eGihone.
39uZadoki umpristi wa tata upondo lwamafuta etenteni, wa m gcoba uSolomona. Ba vutela itilongo; abantu bonke ba ti, Ma i pile inkosi uSolomona.
40Abantu bonke ba kupuka ngasemva kwake, abantu ba beta imintyingo, ba jabula ngokujabula okukulu, kwa duma izwe ngomsindo wabo.
41uAdonija nabo bonke abamenyiweyo aba be hlezi kona naye, bezwa lomsindo ekuqedeni kwabo ukudhla. uJoabi wezwa ukukala kwetilongo, wa ti, Owani lomsindo emuzini nokukuluma okumpitimpiti?
42E sa kuluma, wa fika uJonatani indodana ka Abiatari umpristi, uAdonija wa ti kuye, Ngena, wena, ndoda e qunga isibindi u ze nezindaba ezitokozisayo.
43Wa pendula uJonatani wa ti kuAdonija. Ngi qinisile inkosi yetu inkosi uDavida u m bekile uSolomona a be inkosi.
44Inkosi i tumile naye uZadoki umpristi, noNatani umprofeti, noBenia indodana ka Jehoida, namapolisa, nezigijimi, za m kwelisa embongolweni yenkosi;
45Njalo uZadoki umpristi noNatani umprofeti ba m gcobile eGihone a be inkosi; se be vela kona be tokoza, kwa dungunyeka nomuzi, wona umsindo eni wu zwileyo.
46Yebo uSolomona u hlezi esihlalweni sobukosi sombuso.
47Kwa fika izinceku zenkosi ukubonga inkosi yetu, inkosi uDavida, zi ti, uTixo menze igama lika Solomona li be e li lungile ku negama lako, enze isihlalo sake sobukosi si be si kulu ku nesihlalo sobukosi sako. Inkosi ya zi kotamela embedeni wayo.
48Ya ti inkosi, Ma ka dunyiswe uJehova uTixo ka Israeli, o misile namhla, omunye ukuhlala esihlalweni sami sobukosi, amehlo ami e sa bona nje.
49Abamenyiweyo aba be kona noAdonija besaba, ba suka, ba hamba bonke ngezindhlela zabo.
50Wesaba uAdonija ngenxa ka Solomona, wesuka, wa ya wa bamba izimpondo zelati.
51uSolomona wa tyelwa ukuti, Bheka, uAdonija u ya yesaba inkosi uSolomona; bhekake, u se bamba izimpondo zelati, e ti, Inkosi uSolomona ma ka ngi fungele namhlanje ukuti a ka yi kuyibulala inceku yake ngenkemba.
52uSolomona wa ti, Uma yena u ya bonakalisa ukuba u ngumuntu o nesiminya, a ku yi ku wa nalunye lwezinwele zake emhlabatini; kodwa uma okubi ku funyenwe kuye, u ya kufa.
53Njalo inkosi uSolomona ya tuma, ba m ehlisa nga selatini. Weza wa kuleka enkosini uSolomona; uSolomona wa ti kuye, Hamba u ye endhlini yako.