1KWA ti inkosi uSolomona ya i inKosi yabaIsraeli bonke.
2Nanka amakunzana ake; uAzaria indodana ka Zadoki umpristi;
3uElihorefa noAhia, amadodana ka Shisha, ababali; uJehoshafati indodana ka Ahiludi, umkumbuzi wezindaba.
4uBenia indodana ka Jehoida wa e induna yamabuto, uZadoki noAbiatari ba be ngabapristi;
5uAzaria indodana ka Natani wa e inkosi yezinduna; uZabuda indodana ka Natani wa e umpristi omkulu, umhlobo wenkosi,
6uAhisha wa miselwa endhlini; uAdoniramu indodana ka Abda wa miselwa ukutelisa imali.
7uSolomona wa misa izinduna ezi ishumi nambili kubo bonke abaIsraeli, zona za mela ukudhla kwenkosi nokudhla kwabo a bendhlu yake; zonke za mela ukudhla, kwa ba ileyo ya ku mela inyanga inye yomuyaka.
8Ilawa amagama azo; Indodana ka Hure, entabeni kwa Efraimi;
9Indodana ka Dekare, eMakaze, eShaibimu, na seBetishemeshi, na sElonebetehanana;
10Indodana ka Hesede, eArubote, kwa ku ngelake iSokohe, nezwe lonke la seHeferi.
11Indodana ka Abinadabi, ezintabeni zonke za seDore, umfazi wake wa e nguTafate indodakazi ka Solomona.
12uBana indodana ka Ahiludi; la li ngelake iTanaki neMegido, nalo lonke iBetshani, eli nga seZartana enzansi kweJezreli, ku suka eBetshani ku ze ku fike eAbelamehola, ku ze ku fike ngapambili kweJokneamu.
13Indodana ka Gebere, eRamote-giladi, ya i ngeyake imizi ka Jaire indodana ka Manasa, eGiladi, futi la li ngelake izwe la seArgobe eBashane, (imizi emikulu e ngamashumi a isitupa, e nezindonga nezihlutulo zetusi.)
14uAhinadabe indodana ka Ido eMahanaimi.
15uAhimazi wa e kwaNaftali, yena wa m tata uBasmate indodakazi ka Solomona a be umfazi wake;
16uBana indodana ka Hushai wa e seAsheri na seAlote.
17uJehoshafati indodana ka Parua, kwaIsakari.
18uShimi indodana ka Ela, kwa Benjamini.
19uGebere indodana ka Uri wa busa ezweni la seGiladi, ezweni lika Sihoni inkosi yamaAmori, nelika Hogi inkosi ya seBashane, wa ye induna e yodwa ku lelozwe.
20AbaJuda nabaIsraeli ba be baningi, be ngangesihlabati solwandhle ngobuningi, ba dhla ba puza, ba jabula.
21uSolomona wa busa emibusweni yonke, kwa qala emfuleni kwa za kwa ba nga sezweni lamaFilisti, na semkaulweni wa sEgipite, ba zisa izipo, ba m konza uSolomona imihla yonke yokuhamba kwake.
22Ukudhla kuka Solomona ngosuku lu lunye, kwa ku impupu egayekileyo izilinganiso ezi ngamashumi amatatu, nezilinganiso zempupu ezi ngamashumi a isitupa.
23Izinkabi ezinonileyo ezi ishumi, nezinkabi ezi ngamashumi amabili zamadhlelo, nezimvu ezi ikulu, ngapandhle kwezinyamazane, nezinhlango, nonkonka, nezinkuku ezinonileyo.
24Ngokuba yena wa busa ezweni eli nganeno komfula, kwa qala eTifsa kwa za kwa seAza, pezu kwamakosi onke nganeno komfula, wa hlala ngapandhle kokulwa ezweni lonke eli zungezayo.
25AbaJuda nabaIsraeli ba hlala kahle, abantu bonke pansi kwesivini sabo na pansi kwemiti yamakiwane yabo, kwa qala eDani, kwa za kwa seBeresheba, imihla yonke ka Solomona.
26uSolomona wa e nazo izindhlwana ezi izinkulungwane ezi mashumi mane zamahashi nezinqola zake, nabakweli bamabashi aba izinkulungwane ezi ishumi nambili.
27Izinceku lezo za mela ukudhla kwenkosi uSolomona, ezinye ngezinye ngezinyanga zazo, kwa ku nga sweleki luto kuzona.
28Ibarle kanye nefolije lamahashi, namahashi okugijima, zi ku zisa enkosini, ku ileyo njengomsebenzi wayo.
29uTixo wa mu pa uSolomona ukuhlakanipa, nengqondo enkulu kakulu, nenhliziyo enkulu, ngangesihlabati sa sosebeni lolwandhle.
30Ukuhlakanipa kuka Solomona kwa dhlula ukuhlakanipa kwabantu bonke aba sempumalanga, nokuhlakanipa kwa ba sEgipite.
31Yebo, wa e hlakanipile ku nabantu bonke; ku naye uEtani umEzra, noHemani, noKalkole, noDarda, amadodana ka Mahole, udumo lwake lwezwakala ezizweni zonke ezizungezayo.
32Wa pimisa iziga ezi izinkulungwane ezintatu, amagama ake a be inkulungwane inye nesihlanu.
33Wa kuluma ngemiti, umuti wesedare la seLebanoni, nebisope elihlumayo odongeni, futi wa kuluma na ngezilwane, na ngezilwanyana, na ngezinyoni, na ngezinhlanzi.
34Be suka abantu aba sezizweni zonke beza ukuzwa ukuhlakanipa kuka Solomona, na semakosini onke omhlaba, a be zwile ngokuhlakanipa kwake.