1USOLOMONA wa yaka indhlu yake iminyaka e ishumi nantatu, wa yi qeda indhlu yake, ya ti du.
2Waka nendhlu yehlane la seLebanoni; ubude bayo ba bu ngamakubiti a ikulu, ububanzi bayo amakubiti a ngamashumi a isihlanu, ubukulu bendhlu ba bu ngamakubiti a ngamashumi amatatu, ezindwendweni ezine zezinsika zesedare, imityayo yesedare i bi pezu kwezinsika.
3Ya fulelwa ngesedare pezu kwemityayo ezinsikeni ezingamashumi amane nesihlanu, izinsika zi ishumi nesihlanu udwendwe lu lunye.
4Za zi kona izibuko, izindwendwe ezintatu, isibuko si pezu kwesibuko, izindwendwe ezintatu.
5Yonke iminyango nezinsika za zi namacala amane zi bekelwa imityayo, isibuko si pezu kwesibuko izindwendwe ezintatu.
6Wenza isango ngezinsika; ubude balo ba bu ngamakubiti a ngamashumi amahlanu, ububanzi balo amakubiti a ngamashumi amatatu; isango la li ngapambili kwazo; nezinsika nomgulugulu wa u ngapambili.
7Wenza isango lesihlalo sobukosi, lapo wa e za kuteta kona amacala, isango lokuteta amacala; la li nanyekwa ngesedare emacaleni onke.
8Indhlu yake, lapo wa e hlala kona ya i nesihonqa pakati esangweni, ela fana ngokudabula kwalo. uSolomona wa yenzela futi nendodakazi ka Faro, umkake, indhlu e ya fana nalo lelisango.
9Konke loku kwakiwa ngamatye a nenani, a ngangamatye abaziweko ngobukulu, a sahwa ngamasaha, pakati na ngapandhle, kwa suka pansi esisekelweni kwa za kwa ba pezulu, na ngapandhle kwa sendaweni enkulu.
10Isisekelo sa si ngamatye a nenani, amatye amakulu, amatye a namakubiti a ishumi, namatye a namakubiti a isishiyagalombili.
11Pezulu a be kona amatye a nenani, a ngangamatye abaziweyo, nemiti yesedare.
12Isihonqa esikulu esizungezayo sa si nezindwendwe ezintatu zamatye abaziweyo, nodwendwe lwemityayo yesedare, njengendawo yendhlu ka Jehova, epakati kanye nesango lendhlu.
13uSolomona wa tuma wa m biza uHiramu eTire.
14Yena wa e indodana yomfelokazi otile wesizwe sika Naftali, uyise wa e umuntu wa seTire, owa e kanda itusi, wa e hlakanipile, wa e inyanga yetusi e kwazi ukukanda konke okusetyenzwayo ngetusi. Weza kuyo inkosi uSolomona, wa sebenza wonke umsebenzi wake.
15Wa kanda izinsika ezimbili zetusi, zombili ubude bazo ku ngamakubiti a ishumi nesishiyagalombili; udwendwe lwamakubiti a ishumi nambili lwa zi zungeza zombili.
16Wenza izinhloko ezimbili zetusi elifutwayo, zokubekwa pezu kwezinsika; ubude benhloko i inye kwa ku ngamakubiti a isihlanu, ubude benhloko enye kwa ku ngamakubiti a isihlanu.
17Amahluzo alukiweyo namaqele a setyenzwa ngamaketango ezinhlokweni ezi pezu kwezinsika; inhloko i inye i ngamakubiti a isikombisa.
18Wa zenza izinsika, nezindwendwe ezimbili pezu kwehluzo linye, ukubeka ezinhlokweni ezi pezulu namagranite, wenze njalo enhlokweni enye futi.
19Izinhloko eza zi kona ezinsikeni za zi feketiswa ngombodiya esangweni, amakubiti a be mane.
20Izinhloko ezinsikeni zimbili za zi namagranite pezulu, esiswini sazo eduze nehluzo; amagranite a be ngamakulu amabili ezindwendwe eza zungeza inhloko inye.
21Wa misa izinsika esangweni letempeli; insika ya sokunene wa yi misa, wa yi ta igama lokuti, uJakini; wa misa nensika ya sokohlo, wa yi ta igama lokuti uBoazi.
22Ezinhlokweni zezinsika kwa feketiswa ngombodiya, njalo imisebenzi yezinsika ya pela.
23Wenza ulwandhle olufutwayo, lu ngamakubiti a ishumi kwa suka ku loludini kwa za kwa ba ku loluya; lwa lu yindilinga, ubude ba bu amakubiti a isihlanu, udwendwe lwamakubiti a ngamashumi amatatu lwa lu zungeza emacaleni onke.
24Udini lwa feketiswa ngemiqumbi, imiqumbi i ishumi kulo ikubiti li linye, kwa zungeza ulwandhle; imiqumbi ya futwa ngezindwendwe ezimbili ekufutweni kwayo.
25Lwa hlala pezu kwezinkabi ezi ishumi nambili, ezintatu za bheka nga senyakato, ezintatu za bheka nga sentyonalanga, ezintatu za bheka nga seningizimu, ezintatu za bheka nga sempumalanga, ulwandhle lwa lu hlala pezu kwazo, zona za dunuselana.
26Uhlonze lwalo lwa lu ngangesandhla somuntu, udini lwalo, lwa lu njengalo udini lwesitya, lu nembali umbodiya, lwa lu nezincegenzi zokugezela ezi izinkulungwane ezimbili.
27Wa zenza izikondo ezi ishumi, ubude besikondo si sinye ba bu ngamakubiti amane, ububanzi baso ba bu ngamakubiti amane, ukusuka kwaso amakubiti amatatu.
28Ukudabula kwezikondo kwa ku nje ukuti, za zi nezindini, izindini za zi pakati kwezinsiko.
29Ku lezi zindini pakati kwezinsiko kwa ku kona amabubesi, nezinkabi, namakerubi; kuzo izinsiko kwa ku kona isikondo ngapezulu; pansi kwamabubesi na ngapansi kwezinkabi kwa ku kona amaqele a setyenziweyo ngokubandakanye.
30Kwa ku kona namasondo amane etusi esikondweni sinye, amaasi etusi; amagumbi alo amane a be nazo izinti, ngapansi kwaso isitya sokuhlambela kwa ku kona izinti ezinamatisileyo; ecaleni lamaqele onke.
31Umlomo waso pakati kwenhloko nangapezulu kwa ku ikubiti; umlomo waso wa u indilinga njengesikondo ngokusetyenzwa, ikubiti li linye nenxenye, emlonyeni waso kwa ku kona okubaziweko, nezindini zazo za zi namacala amane, za zi nge izindilinga.
32Amasondo amane a be ngapansi kwezindini; amaasi amasondo a be hlangene nesikondo ukusuka kwesondo li linye kwa ku ikubiti li linye nenxenye.
33Ukudabula kwamasondo kwa fana nesondo lenqola, amaasi awo, amabande awo, namafelange, nezipokwe, konke kwa ku futwa.
34Kwa ku kona izinti ezine, kuwo amagumbi amane esikondweni sinye, izinti za zi puma ku lesosikondo uqobo lwaso.
35Nga pezu kwesikondo kwa ku kona okuizindilinga, inxenye yekubiti ngobude; pezu kwesikondo izindini zaso nezinsiko zaso, kwa ku njalo futi.
36Esitebeni sezinsiko, na sezindinini zazo, wa ku feketisa ngamakerubi, namabubesi, nemiti yesundu, njengokubaza kwazo zonke, namaqele azungezayo.
37Kanjalo wa zenza izikondo ezi ishumi; za fana za ti du, ngokudabula kunye nangobukulu bunye.
38Futi wa zenza izitya zokuhlambela ezi ishumi; isitya sokuhlambela si sinye si namabate a ishumi; isitya sokuhlambela sinye si ngamakubiti amane kuzo lezozikondo ezi ishumi ezinye ngezinye sa si kona isitya sokuhlambela.
39Wa beka izikondo ezi isihlanu ngasecaleni lokunene lendhlu, nezinhlanu ngasokohlo lendhlu ulwandhle wa lu beka ngasecaleni lokunene lendhlu, ngasempumalanga, nga kwaseningizimu.
40uHiramu wa zenza izitya zokuhlambela, namafosholo, nezinkamba. Kanjalo uHiramu, wa qeda imisebenzi yonke yendhlu kaJehova a be yenzela inkosi uSolomona.
41Izinsika ezimbili, namagobongo amabili ezinhloko pezu kwazo lezizinsika ezimbili; amahluzo amabili ukubekela amagobongo amabili ezinhloko ngapezu kwezinsika.
42Amarimoni a ngamakulu amane emahluzweni amabili, izindwendwe ezimbili zamarimoni, zehluzo li linye, ukusibekela amagobongo amabili ezinhloko pezu kwezinsika.
43Izikondo ezi ishumi, nezitya zokuhlambela ezi ishumi pezu kwezikondo;
44Ulwandhle lu lunye, nezinkabi zi ishumi pansi kolwandhle;
45Nezimbiza, namafosholo, nezinkamba, zonke lezizitya zendhlu ka Jehova uHiramu azenzelayo inkosi uSolomona, za zi itusi elikazimulayo.
46Etafeni la seJoredani inkosi ya zi futa, emhlabatini webumba pakati kweSukoti neZartani.
47uSolomona wa yeka zonke izitya, ka zi linganisanga, ngokuba za zi ziningi kakulu, nesisindo setusi be si nga saziwa.
48uSolomona wa zenza zonke izitya zendhlu kaJehova; ilati legolide, netebula legolide, lapo kwa bekwa izinkwa zokubhekwa ku lona.
49Izinti zezibane zegolide elihle, zi isihlanu ecaleni lokunene, zi isihlanu ecaleni la sokohlo, ngapambili kuka debire, kanye nembali, namalampe, nodhlau lwegolide.
50Namagobongo, nesizenze, nezinkamba nezinkezo, neziko, kwegolide elihle, neziguqulo ezi igolide zezicaba zendhlu ya pakati, indawo e yingcwele, nezicaba zendhlu, itempeli.
51Kanjalo kwa pela umsebenzi wonke inkosi uSolomona a wenzeleyo indhlu ka Jehova. uSolomona wa zi ngenisa izinto eza miswa uDavida uyise, isiliva, negolide, nezitya, wa zi beka zonke kuyo imfuyo yendhlu ka Jehova.