1AMAFILISTI a lwa nabakwa Israeli, namadoda a bakwa Israeli a balekela amaFilisti, a wa pansi e bulewe entabeni yaseGibea.
2AmaFilisti a landela uSauli namadodana ngamandhla. amaFilisti a bulala uJonatani, noAbinadabi, noMelkishua, amadodana ka Sauli.
3Impi ya ba nzima kuSauli, abemicibityelo ba m hlaba. Wa limala kakulu ngabemicibityelo.
4Wa ti uSauli kumpati wezikali zake, hotya inkemba yako, u ngi gwaze ngayo, funa laba abangasokile, ba fike ba ngi gwaze, ba ngone kodwa umpati wezikali zake wala, ngokuba wa yesaba, ngako uSauli wa tata inkemba yake wa wa pezu kwayo.
5Lapo umpati wezikali, e bona ukuba uSauli u file, wa wa naye pezu kwenkemba yake wa fa kanye naye.
6Njalo wa fa uSauli namadodana ake amatatu nompati wezikali zake nabantu bonke bake ngalolo 'suku kanye kanye.
7Lapo abantu bakwa Israeli ba be ngapesheya kwesigodi, naba be ngapesheya kweJordani be bona ukuba abantu bakwa Israeli ba balekile nokuba uSauli namadodana ake ba file, ba yi shiya imizi ba baleka, amaFilisti a fika a hlala kuyo.
8Kwa ti ngomso lapo amaFilisti a fika ukupanga abafileyo ba bona uSauli namadodana ake amatatu be file entabeni yaseGilboa.
9Ba nquma ikanda lake ba panga izikali zake. Ba zi tuma ezweni lonke lamaFilisti, ukuze kwazeke endhlini yezintombi zabo na kubantu.
10Ba beka izikali zake endhlini ka Astarote, ba betela isidumbu sake odongeni lwaseBethshani.
11Lapo abantu ba seJabesh-giladi be zwa ngokwenziwa amaFilisti kuSauli.
12Onke amadoda, a namandhla a vuka, a hamba ubusuku bonke a tata isidumbu sika Sauli, nezidumbu zamadodana ake odongeni lwaseBethshani, a fika eJabesh-Giladi a zi tyisa kona.
13A tata amatambo abo a wa gqiba ngapansi komuti eJabeshi a zila izinsuku ezi isikombisa.