1U NGA soli ilunga; u li ncenge njengoyihlo, nabatya njengabafo wenu,
2Abesifazana abadala njengonyoko; abatya njengodade wenu, ngobumhlope bodwa.
3Dumisa abafelokazi, aba ngabafelokazi isibili.
4Kepa uma ku kona umfelokazi o nabantwana, noma e nabazukulwana, a ba qale ba funde ukuhlonipa indhlu ya kwabo, ba buyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuhle loku, ku ya bongeka pambi kuka Tixo.
5Yena o ngumfelokazi isibili, e yedwa, u ya m etemba uTixo, u ya hlala e kuleka, e nxusa ebusuku na semini.
6Kepa yena o hlala ngokobutakataka, u file noma e kona.
7U yale loku, ukuba ba nga bi nakusolwa.
8Kepa uma ku kona umuntu o nga bonisi aba kwake, kakulu abendhlu yake, u hlubukile ekukolweni, mubi kunongakolwayo.
9A ka nga balwa umfelokazi o nge neminyaka emashumi a isitupa, umka ndodanye.
10E tuswa ngemisebenzi emihle; uma ondhle abantwana, uma e pate kahle abangenisayo, uma e hlanze izinyawo zabangcwele, uma e hlenge abahlupekayo, uma e bambelele kuyo yonke imisebenzi elungileyo.
11Kepa u ba nqabe abafelokazi abatya; ngokuba nxa se be bensile nga kuKristu, ba ya kufuna ukugana;
12Be necala lokulahlwa, ngokuba be citile ukukolwa kwabo kwakuqala.
13Futike ba jwayela ukuvilapa, be ndinda izindhlu ngezindhlu, kepa a ba vilapi ku be kupela, ba buya ba xoxe izindaba, be hlola okwabanye, be kuluma oku nga ba faneleyo.
14Ngako ngi ya tanda ukuba abesifazana abatya ba gane, ba zale abantwana, ba bonise indhlu, be nga m niki opikayo ituba lokutuka.
15Ngokuba namanje, abanye se be hlubukile, ba m landela uSatani.
16Uma ku kona okolwayo, noma owesilisa noma owesifazana, o nabafelokazi, ka ba size, ibandhla li nga sindwa, ukuze li ba size aba ngabafelokazi isibili.
17Amalunga a melayo kahle a ku tiwe a fanele ukutuswa nokutuswa, kakulu lawo a kutele ngezwi na ngokufundisa.
18Ngokuba umbalo u ti, U nga faki isifonyo enkabini e bulayo; nokuti, Osebenzayo u fanele a ku kokelwayo.
19U nga lahli ilunga ngecala, uma li nga qiniswa ofakazi ababili, nokuba batatu.
20Abonayo u ba sole pambi kwabo bonke, ba ze besabe abanye.
21Ngi ku yala pambi kuka Tixo, noKristu Jesu, nezingelosi eziketiweyo, ukuba u gcine lezizinto, u nga qali u zindhlekele, u ngenzi luto ngokutanda omunye ku nomunye.
22U nga tyetyi u beke izandhla pezu komuntu; u nga hlanganyeli ukona nabanye, u zigcine u be mhlope.
23U nga bi u sa puza amanzi odwa; u puze iwaini incozana, ngenxa yesisu sako, nokugula kwako futifuti.
24Izono zabanye abantu zi sobala, zi yandulela ekwahlulweni kepa zi ya ba landela abanye;
25Ku njalo nemisebenzi emihle i sobala; nayo e nge njalo, i nge siteke.