1BONKE aba izigqili pansi kwejokwe, ma ba ti amakosi abo a fanele ukutuswa njalo, ukuba ku nga tukwa igama lika Tixo nokufundisa.
2Aba namakosi a kolwayo, a ba nga wa deli, ngokuba a ngabazalwane; kepa a ba wa konze, ngokuba a ngabakolwayo nabatandekayo, a hlanganyela umsebenzi omuhle. Fundisa loku, u yale.
3Uma ka kona umuntu o fundisa okunye, e nga vumeli amazwi aqinisileyo, amazwi eNkosi yetu uJesu Kristu, nokufundisa oku fanele ukukonza,
4U ya zikukumeza, e ngazi luto; u ya tanda imibuzo nokupikisana, oku vela kuko umona, nenkani, nokutuka, nokuzindhla okubi.
5Nokukulumisana kwabantu abonakeleyo ngenhliziyo, aba ntula iqiniso, be ti ukuceba ku ukukonza. Yahlukana nabanjalo.
6Kepa ukukonza ku nokwenama ku ukuceba okukulu.
7A si zanga naluto emhlabeni; ku sobala si nge muke naluto.
8Uma si nokudhla nezambato, a sename.
9Aba tanda ukufuya behlelwa ukulingwa, nogibe, nezinkanuko eziningi ezi ize, ezonayo, ezi tyonisa abantu ekufeni na sekubujisweni.
10Ngokuba ukutanda imali ku impande yako konke okubi, abanye ngokuifisa ba hlubukile ekukolweni, ba zigwaza ngezinsizi eziningi.
11Kepa wena, muntu ka Tixo, balekela loku, u lande ukulunga, nokukonza, nokukolwa, nokutanda, nokubekezela, nobunene.
12Yilwa ukulwa okulungileyo kokukolwa, u bambelele ekupileni okupakade, owa bizelwa kuko, wa vuma ukuvuma okulungileyo pambi kofakazi abaningi.
13Ngi ku yala pambi kuka Tixo o pilisayo konke, na pambi kuka Kristu Jesu, owa qinisa ukuvuma okulungileyo pambi kuka Pontio Pilatu,
14Ukuba u londe umyalo u nge nabala, u nge nakusoleka, ku ze ku be ukubonakala kweNkosi yetu uJesu Kristu;
15O za kubonisa kona ngezikati ezifaneleyo uSomandhla obongekayo, oyedwa, iNkosi yamakosi, umBusi wababusi;
16O nge nakufa yena yedwa, e hlala ekukanyeni oku nge nakusondelwa, o nga bonwanga muntu, o nge bonwe; a ku be kuye udumiso namandhla a pakade. Ameni.
17Ba yale abafuyileyo lapa emhlabeni, ukuba ba nga zikukumezi, ba tembe imfuyo e ngemiyo; a ba m etembe uTixo opilayo, o si nika konke ku vame, si ze si tokoze ngako;
18Ba yale ukuba benze okuhle, ba vame imisebenzi elungileyo, ba pe ngesihle, babele;
19Be zibekelela isisekelo esihle, si bekelwa okuzayo, ukuze ba bambelele ekupileni okupakade.
20Au Timote, gcina okubekiweyo kuwe, u dele ukukuluma oku ize, nokupikisana oku tyaywa ukwazi;
21Aba ku vumayo abanye, beduka ekukolweni. Umusa a u be kuwe. Ameni.