1UMOYA ka Tixo wa fika pezu kuka Azaria indodana ka Odede;
2Wa puma ukuhlangana noAsa, wa ti kuyena, Yizwa mina Asa, nalo lonke iJuda neBenjamini; uJehova u kinina, lapo nani ni kona kuyena; uma ni m funa, ni ya kumfumana, kodwa uma ni m dela nani, u ya ku ni dela.
3Kade be hlezi aba kwa Israeli be nge naye uTixo weqiniso, engeko nompristi ofundisayo, u ngeko nomteto.
4Kodwa lapo be hlupeka ba pendukela uJehova uTixo ka Israeli, ba m funa, ba m tola.
5Ngalezozikati kwa ku ngeko ukupumula kuye opumayo, na kuye o ngenayo, kwa ku kona izinhlupeko ezinkulu kubo bonke abezizwe.
6Isizwe sa bulawa isizwe, nomuzi ngomuzi; ngokuba uTixo wa ba hlupa ngezinhlupeko zonke.
7Yibani namandhlake, izandhla zenu zi nga bi butakataka; ngokuba umsebenzi wenu u ya kubuyiswa.
8Lapo uAsa e wa zwile lawa mazwi, nokutyo kuka Odede umprofeti, wema isibindi, wa susa zonke izitombe ezi ihlazo ezweni lonke lakwa Juda noBenjamini, nasemizini a i tatileyo entabeni iEfraimi, wa buyisa ilati lika Jehova, e la li ngapambi kwendhlu ka Jehova.
9Wa buta bonke abakwaJuda no Benjamini, nabezizwe zakwa Efraimi noManasa, nezakwa Simeoni; ngokuba ba zileta kuyena ngobuningi be puma eIsraeli, lapo be bona ukuba uJehova uTixo wake, u naye.
10Ba butanake eJerusalema ngenyanga yobutatu, ngomnyaka wokubusa kuka Asa o weshumi nesihlanu.
11Ba nikela kuJehova nga leso sikati, impango a ba be i letile, izinkabi ezi ngamakulu a isikombisa, nezimvu ezi izinkulungwane ezi isikombisa.
12Benza isivumelwano, ukumfuna uJehova uTixo wa oyise babo ngenhliziyo yonke yabo nangomoya wonke wabo.
13Naye o nga m funiyo uJehova uTixo ka Israeli, a bujiswe, noma e mcane, noma e mkulu, noma indoda, noma umfazi.
14Ba funga kuJehova ngezwi elikulu, ngokumemeza na ngamatilongo.
15Nalo lonke iJuda la jabula ngesifungo leso; ngokuba ba funga ngenhliziyo yonke yabo, be m funa ngokufisa konke kwabo; naye wa tolakala kubona; noJehova wa ba nika ukupumula ku leyo ndawo.
16Wa m susa ebunkosikazini uMaka unina ka Asa inkosi, ngokuba yena wenza isitombe ehlatini; noAsa wa si bulala isitombe leso, wa si gxoba, wa si tyisa ngasemfuleni iKidroni.
17Kodwa izindawo ezipakamileyo a zi suswanga eIsraeli; noko inhliziyo ka Asa ya i pelele ngazo zonke izinsuku zake.
18Wa leta endhlini ka Tixo izinto e za zi piwe uYise, ne za piwa uyena, isiliva, negolide, nezitya.
19Ukulwa a kwa biko kwa za kwa fika emnyakeni e ngamashumi amatatu nesihlanu wokubusa kuka Asa.