1USOLOMONA wa qinisela ukuba akele igama lika Jehova indhlu, nendhlu yombuso wake.
2uSolomona wa keta amadoda a izinkulungwane ezi ishumi ukutwala imitwalo, nezinkulungwane ezi ngamashumi a isishiyagalombili ukumba entabeni, nezinkulungwane ezintatu namakulu a isitupa uku ba mela labo.
3uSolomona wa tumela kuHuramu inkosi yaseTire, e ti, Njenga loku wa kwenza kuDavida ubaba, wa m tumela amasedare ukuba ake indhlu yake, yenze njalo kimina.
4Bheka, ngi ya kulakela igama lika Jehova uTixo wami indhlu, ngi i misele yena, ngi tyise ngapambi kwake impepo emnandi, nesinkwa sesibonakaliso esingapeliyo, nemihlabelo etyiswayo kusasa na kusihlwa, ngamasonto, na ngezinyanga ezintya, na ngokudhla oku ingcwele kuka Jehova uTixo wetu, Loku ku isimiso kubo abaIsraeli kuze kube ngunapakade.
5Nendhlu e ngi yakayo inkulu; ngokuba mkulu uTixo wetu pezu kwezitixo zonke.
6Kodwa ubani onamandhla ukumakela indhlu, njenga loku izulu nezulu lamazulu li nge manele, ngi ngubanike mina ukuba ngi makele indhlu, i be ngeyokutyisa imihlabelo kupela?
7Ngi tumelake umuntu ohlakanipileyo ekusebenzeni igolide, nesiliva, netusi, nensimbi, nangokubomvu, nangokubomvu kakulu, nangokuluhlaza, nongalingana ekubazeni kanye namadoda ahlakanipileyo a kimina eJuda naseJerusalema, abaletwe nguDavida ubaba.
8Ngi tumele futi imiti yesedare, ne yefire, ne yealgume, epuma eLebanoni; ngokuba ngi yazi izinceku zako zi ya kwazi ukugaula imiti eLebanoni; Futi, bheka, e zami izinceku zi ya kuba kanye nezako,
9Ukungilungisela kakulu imiti; ngokuba indhlu e ngi za ku yaka i ya kuba nkulu kakulu.
10Futi, bheka, ngi ya kunika izinceku zako, ababazi bemiti, izilinganiso zokolweni ezi izinkulungwane ezingamashumi amabili, nezilinganiso zebarle ezi izinkulungwane ezi ngamashumi amabili, nezewaini, nezamafuta.
11uHuramu inkosi yaseTire ya se i pendula kuSolomona ngokuloba, ya ti, uJehova ngokutanda abantu bake wa kwenza u be inkosi pezu kwabo,
12uHuramu wa ti futi, Ma ka busiswe uJehova uTixo ka Israeli, o wenza izulu nomhlaba, o wa nika uDavida inkosi indodana ehlakanipileyo, e nokuqonda nokwazi, e ngakela uJehova indhlu, nendhlu yombuso wake.
13Ngi m tumileke umuntu ohlakanipileyo o nokwazi ka Huramu ubaba,
14Indodana yowesifazana samadodakazi ka Dani, noyise wa e ngumuntu weTire, e hlakanipile ekwenzeni igolide, nesiliva, netusi, nensimbi, namatye, nemiti, nokubomvu, nokuluhlaza, nendwangu enhle, nokubomvu kakulu; nokubaza konke oku bazwayo, nokuveza yonke imikubana aba i funayo, kanye nabako, nabenkosi yami uDavida uyihlo.
15Manjeke inkosi yami ma i tumele kuzo izinceku zayo loko e kulume ngako, ukolweni, nebarle, namafuta, newaini;
16Nati si ya kugaula imiti eLebanoni, o ku ku lingeneyo; si ku letele yona eJafo, ngendhlela yolwandhle; nawe u i kupulele eJerusalema.
17uSolomona wa bala bonke abezizwe aba sezweni lakwa Israeli, njengokubalwa kwabo nguDavida uyise kwa bonakala ukuba ba izinkulungwane ezi ikulu namashumi a isihlanu, nezinkulungwane ezintatu namakulu a isitupa.
18Wa keta kubona izinkulungwane ezi ngamashumi a isikombisa ba twale imitwalo, nezinkulungwane ezi ngamashumi a isishiyagalombili ukumba entabeni, nezinkulungwane ezintatu namakulu a isitupa ukumela nokusebenzisa abantu.