1UJOASHI wa e neminyaka e isikombisa ekuqaleni kokubusa kwake, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amane. Igama lika nina la li nguZibia wa seBeresheba.
2uJoashi wenza okulungileyo emehlweni ka Jehova ngazo zonke izinsuku zika Jehoida umpristi.
3uJehoida wa m tatela abafazi ababili; wa zala amadodana namadodakazi.
4Kwa ti ngasemva kwa loku, uJoashi wa cabanga ukulungisa indhlu ka Jehova.
5Wa buta abapristi namaLevi, wa ti ku bona, Pumani ni ye emizini yakwa Juda ni bute kubo bonke aba ka Israeli imali ukuilungisa indhlu ka Tixo wenu umnyaka ngomnyaka njalo, ni i tyetyise lendaba. Kodwa amaLevi ka a tyetyanga.
6Inkosi ya m biza uJehoida induna, ya ti kuyena, A u wa sindezelanga ngani amaLevi uku i leta imali eJuda na seJerusalema na? njengesiyalezo sika Mosi inceku ka Jehova, nesixuku sa kwa Israeli, ku be okwetabanekele lobufakazi na?
7Ngokuba amadodana ka Atalia, lowo mfazi omubi, a e yapulile indhlu ka Tixo; a m nika uBali zonke izinto ezi miselwe indhlu ka Jehova.
8Ngesiyalezo senkosi, benza umpongolo, ba wu misa ngasekungeneni kwendhlu ka Jehova.
9Benza isiyalezo eJuda naseJerusalema, ukuba ba lete kuJehova imali, e ya bekwa pezu kweIsraeli nguMosi inceku ka Tixo ehlane.
10Nezikulu zonke, nabantu bonke ba jabula, ba leta, ba faka empongolweni, ba ze ba gcina.
11Kwa ti lapo umpongolo u letwe endhlini yenkosi ngezandhla zamaLevi, na lapo be bona ukuba iningi imali, umlobi wenkosi nenduna yompristi omkulu, ba fika ba wu tulula umpongolo, ba wu tata, ba wu buyisela endaweni yawo. Benze njalo zonke izinsuku, ba buta imali eningi.
12Inkosi noJehoida ba i nika kubo abenzi bemisebenzi yendhlu ka Jehova, ba kokela abaki, nababazi, uku i lungisa indhlu ka Jehova, nabenzi bensimbi netusi uku i lungisa indhlu ka Jehova.
13Za sebenzake izisebenzi, za wu qeda umsebenzi, za i misa kahle indhlu ka Tixo, za i qinisa.
14Lapo se be i qedile, ba i leta imali e seleyo kuyo inkosi noJehoida, benza ngayo izitya zendhlu ka Jehova, izitya zokukonza nokunikela, nezinkezo, nezitya zegolide nesiliva. Ba nikela imihlabelo etyiswayo, endhlini ka Jehova njalo ngezinsuku zonke zika Jehoida.
15Kodwa uJehoida wa guga, wa fa e nezinsuku eziningi; e neminyaka e ikulu namashumi amatatu ekufeni kwake.
16Ba m mbela emzini ka Davida kanye namakosi, ngokuba wenza okulungileyo eIsraeli, kuTixo na kwa bendhlu yake.
17Kwa ti emva kokufa kuka Jehoida kwa fika amakosi akwa Juda, a i konza inkosi. Nenkosi ya wa lalela.
18Ba i shiya indhlu ka Jehova uTixo wa oyise babo, ba konza amahlati nezitombe; nolaka lwa li fikela iJuda neJerusalema, ngenxa ya loko kwenza kwabo.
19Noko wa tuma abaprofeti kubona, ukubabuyisela kuJehova; ba ba fakazela, noko ka ba i nikanga indhlebe.
20Umoya ka Tixo wa fika kuZekaria indodana ka Jehoida umpristi, wema ngapezu kwabantu, wa ti ku bona, U ti uTixo, Ni za pulelani izimemezelo zika Jehova, ukuze ni nga sizwa na? ngokuba ni m delile uJehova, naye u ni delile.
21Ba menzela icebo, na ngokutyo kwenkosi ba m xoba ngamatye ngapambi kwendhlu ka Jehova.
22uJoashi inkosi a ka kumbulanga umusa ka Jehoida uyise kuyena, kodwa wa bulala indodana yake, Na lapo e fa yena, wa ti, uJehova ma ka ku bone loku, a ku pindisele.
23Kwa ti ekugcineni komnyaka, isixuku sa seSiria sa m fikela; ba fika kuJuda neJerusalema, ba bulala zonke izikulu zabantu kubantu, ba i tumela inkosi ya seDamaseku yonke impango yabo.
24Ngokuba impi ya seSiria ya fika nabantu aba incozana, noJehova wa ba nikela isixuku esikulu kakulu, ngokuba ba be m delile uJehova uTixo wa oyise babo. Ngakoke ba mahlulela ngaloko uJoashi.
25Lapo se be mukile kuyena (ngokuba ba m shiya e gula kakulu,) izinceku zake za m vukela, ngenxa yegazi lamadodana aka Jehoida umpristi, ba m bulalela embedeni wake wa fa; ba m ngqiba emzini ka Davida, kodwa ka ba m fakanga ematuneni amakosi.
26I laba a ba m vukeleyo; uZabadi indodana ka Shimata umAmoni noJehozabada indodana ka Shimrite, wamaMoabi.
27Manjeke ngamadodana ake, na ngobukulu bemitwalo yake, nokulungiswa kwendhlu ka Tixo, bheka ku lotyiwe endabeni yencwadi yamakosi. uAmazia indodana yake wa busa endaweni yake.