1UHEZEKIA wa tumela kubo bonke abaIsraeli nabaJuda, wa loba nezincwadi kuEfraimi noManasa, ukuba ba fike, endhlini ka Jehova eJerusalema, ukugcina ipasika kuJehova uTixo ka Israeli.
2Ngokuba inkosi ya kuluma nezikulu zayo, nesixuku sonke eJerusalema, ukugcina ipasika ngenyanga yobubili.
3Ngokuba ba be nge nakugcina nga lesosikati, ngokuba abapristi ba be nga ka zigcobile kahle, nabantu ba be nga ka butaneli eJerusalema.
4Into leyo ya i jabulisa inkosi nesixuku sonke.
5Benzake umteto, kwa menyezelwa kubaIsraeli bonke kwa suka eBeresheba kwa za kwa seDani, ukuba ba fike benze ipasika kuJehova uTixo ka Israeli, eJerusalema; ngokuba kwa se ku isikati esikati be nga kwenzanga loko njengokulotyiweyo.
6Ngako izigijimi za hamba nezincwadi ezi puma enkosini nezikulu zayo, kubo bonke abaIsraeli nabaJuda, njengesiyalezo senkosi, i ti, Nina baka Israeli, buyelani kuJehova uTixo ka Abrahama, noIsaka, noIsraeli, naye u ya kuibuyela insali yenu, e punyukileyo esandhleni samakosi akwa Asiria.
7Ni nga bi njengoyihlo benu, nabazalwane benu, abonileyo kuJehova uTixo wa oyise babo, no wa ba citayo, njenga loku ni bona nani.
8Ni nga bi ntamo lukuni, njengoyihlo, kodwa zinikeni kuJehova, ni ngene endhlini yake, a yenze ngcwele ku ze ku be pakade; ni konze uJehova uTixo wenu, ukuba ulaka lwake olukulu lu ni shiye.
9Ngokuba uma ni buyela kuJehova futi, abafo wenu nabantwana benu, ba ya kuba haukela bona aba be benza izibotywa, ba buye ba ngene ezweni leli; ngokuba uJehova uTixo wenu u lungile u nomusa, a ka yi ku ni pendulela ubuso, uma ni buyela kuyena.
10Ngako izigijimi za hamba kuyo yonke imizi ezweni lakwa Efraimi noManasa, za ze za fika eZebuloni; kodwa ba zi hleka usulu, ba zi lingisa.
11Noko abanye bakwa Asheri, noManasa, noZebuloni, ba zitobisa, ba fika eJerusalema.
12Futi eJuda isandhla sika Jehova sa si kona ukubanika inhliziyo inye ukusenza isiyalezo senkosi ne sezikulu zayo, ngezwi lika Jehova.
13Kwa butana eJerusalema abantu abaningi ukwenza ukudhla kwesinkwa esingakukumele ngenyanga yobubili, isixuku esikulu kakulu.
14Ba vuka ba wa susa amalati a seJerusalema, namalati onke empepo ba wa susa, ba wa ponsa emfuleni iKidroni.
15Ba li bulala ipasika ngosuku lweshumi nane, lwenyanga yobubili; nabapristi namaLevi ba be nenhloni, ba zigcoba, ba ngenisa izipo ezityisweyo endhlini ka Jehova.
16Bema endaweni yabo njengokuma kwabo, njengomteto ka Mosi umuntu ka Tixo; abapristi ba fafaza igazi, aba lamkele ezandhleni zamaLevi.
17Ngokuba ba be baningi esixukwini aba be nga gcotyiwe; ngako amaLevi a e ba sebenzela bonke aba be ngcolile ekubulaleni ipasika, ukuba ba gcotyelwe uJehova.
18Ngokuba iningi labantu, baka Efraimi, noManasa, noIsaka, noZebuloni, ba be nga ka zihlanzi, noko ba li dhla ipasika njengokulotyiweyo. Kodwa uHezekia wa ba tandazela, e ti, uJehova olungileyo ma ka ba yekele bonke.
19Abalungisela izinhliziyo zabo ukufuna uTixo, uJehova uTixo wa oyise babo, noko e nga hlanziwe njengokulunga kwendhlu e ingcwele.
20uJehova wa m lalela uHezekia, wa ba sindisa abantu.
21Nabakwa Israeli aba be seJerusalema ba kwenza lokokudhla oku nge nambiliso izinsuku ezi isikombisa ngokujabula okukulu; namaLevi nabapristi ba dumisa uJehova ngezinsuku zonke, be gwaba ngezingumbu ezi namandhla kuJehova.
22uHezekia wa kuluma kahle kuwo onke amaLevi a fundisa ukwazi kuka Jehova okulungileyo; ba dhla ku loko kudhla izinsuku ezi isikombisa, be nika izipo zokutula, be zi bika kuJehova uTixo wa oyise babo.
23Sonke isixuku sa vumelana ukuhlalela ezinye izinsuku ezi isikombisa; ba zi hlalela ngenjabulo.
24Ngokuba uHezekia inkosi ya kwa Juda wa si nika isixuku izinkabi ezi inkulungwane, nezinqama ezi izinkulungwane ezi isikombisa; nezikulu za si nika isixuku izinkabi ezi inkulungwane, nezimvu ezi izinkulungwane ezi ishumi; nabapristi abaningi ba zigcoba.
25Naso sonke isixuku sakwa Juda, kanye nabapristi namaLevi, nesixuku sonke e sa puma eIsraeli, nabezizwe aba puma ezweni lakwa Israeli, na ba be hlezi eJuda, ba jabula.
26Kwa ba kona injabulo enkulu eJerusalema; ku i loku kwenzakala esikatini sika Salomona indodana ka Davida inkosi yakwa Israeli.
27Ba vukake abapristi amaLevi ba busisa abantu; nezwi labo lezwakala, nomtandazo wabo wa kupukela endaweni yake e ingcwele yokuhlala, ezulwini.