1UMANASA wa qala ukubusa e neminyaka e ishumi nambili, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi a isihlanu nesihlanu.
2Kodwa wenza okubi emehlweni ka Jehova, njengokubi kwabezizwe, a ba kipileyo uJehova ngapambi kwabantwana baka Israeli.
3Ngokuba wa zaka futi izindawo ezi pakamileyo e be zi wisiwe nguHezekia uyise, wa misela uBali amalati, wenza namahlati, wa konza kulo lonke ibandhla lezulu, wa li dumisa.
4Waka futi amalati endhlini ka Jehova, ngayo e be tyilo uJehova, e ti, eJerusalema igama lami lo ba kona ku ze ku be ngunapakade.
5Wakela ibandhla lonke lezulu amalati ezinhlangotini ezimbili zendhlu ka Jehova.
6Wenza abantwana bake ukuba ba dhlule emlilweni esigodini sendodana ka Hinomi; wa linda izikati, nokukangayo, wa sebenza ngabatakati, nako konke kwamadhlozi, wenza okubi kakulu emehlweni ka Jehova, uku m vusela ngolaka.
7Wa misa nesitombe esibaziweyo, umfanekiso a wenzileyo, endhlini ka Tixo, uTixo wa e te kuDavida na kuSolomona indodana yake, Ku lendhlu, naseJerusalema, e ngi li ketileyo kuzo zonke izizwe zakwa Israeli, ngo beka kona igama lami ku ze ku be pakade.
8A ngi yi ku lu susa nakanye unyawo luka Israeli ezweni e ngi li ketele oyihlo benu; ukuze ba qapele ukukwenza konke e ngi ba yaleze kona, njengawo wonke umteto, nemiyalo, nezimiso, ngesandhla sika Mosi.
9Ngakoke uManasa wa bedusa abakwa Juda neJerusalema, ba dhlula nabezizwe ngobubi, aba be bulewe nguJehova ngapambi kwabantwana baka Israeli.
10uJehova wa kuluma kuManasa, na kubantu bake; kodwa ka ba lalelanga.
11uJehova wa ba fikelake ngezinduna zesixuku zenkosi ya seAsiria, nabo ba bamba uManasa emeveni, ba m bopa ngezinsimbi, ba m yisa eBabulona.
12Lapo e sekuhlupekeni, wa kala kuJehova uTixo wake, wa zitobisa kakulu ngapambi ka Tixo wa oyise bake.
13Wa tandaza kuyena, wa cela, naye wa kuzwa ukucela kwake, wa m buyisela futi embusweni wake eJerusalema. uManasa wa bonake ukuba uJehova uyena uTixo.
14Ngasemva kwa loku wa haqa umuzi ka Davida ngodonga, ngasentyonalanga kweGihoni, esigodini, ngasekungeneni komyango wenhlanzi, wa haqa no Ofeli, wa lu kupula kakulu, wa beka izinduna zokulwa emizini yonke ebiyiweyo ya seJuda.
15Wa susa izitixo ezingaziwayo, nesitombe endhlini ka Jehova, nawo onke amalati a e wakile entabeni yendhlu ka Jehova, na seJerusalema, wa wa ntyinga ngapandhle komuzi.
16Wa lungisa ilati lika Jehova, wa hlabela kona izipo zokutula, nezipo zokubonga, wa yaleza abaJuda ukukonza uJehova uTixo ka Israeli.
17Noko abantu ba hlabela futi ezindaweni ezipakamileyo, kuJehova uTixo wabo kodwa.
18Manjeke izenzo ezinye zika Manasa, nomtandazo wake kuTixo wake, namazwi abaprofeti aba kuluma kuyena egameni lika Jehova uTixo ka Israeli, bheka a lotyiwe encwadini yamakosi akwa Israeli.
19Umtandazo wake futi, nokuncenga kwake kuJehova, nezono zonke zake nokungena kwake, nezindawo lapo waka kona izindawo ezipakamileyo, na lapo wa misa amahlati nezitombe ezibaziweyo, e nga ka tobi; bheka ku lotyiwe kuyo inkulumo yabaprofeti.
20Ngako uManasa wa lala nokoko bake, ba m mbela endhlini yake; noAmoni indodana yake wa busa esikundhleni sake.
21uAmoni wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nambili, wa busa eJerusalema iminyaka emibili.
22Kodwa wenza okubi emehlweni ka Jehova, njengoManasa uyise; ngokuba uAmoni wa hlabela zonke izitombe ezibaziweyo e zenziwe nguManasa uyise, wa zi dumisa.
23A ka zi tobisa kuJehova njengoManasa uyise; kodwa uAmoni wona kakulu ngapambili.
24Nezinceku zake za menzela icebo, za m bulala endhlini yake.
25Kodwa abantu bezwe ba ba bulala bonke aba be cebile inkosi uAmoni, nabantu bezwe benza uJosia indodana yake ukuba a buse endaweni yake.