1WENZA futi ilati letusi, amakubiti a ngamashumi amabili ubude, nobubanzi futi, ukupakama kwalo ku ngamakubiti a ishumi.
2Wenza futi icibi lamanzi lamakubiti a ishumi, li indilinga, ukupakama kwalo li ngamakubiti a isihlanu, li haqwa ngentambo yamakubiti a ngamashumi amatatu,
3Ngapansi kwalo kwa izitombe zezinkabi, za li haqa; zi ishumi ngekubiti linye, zi wa haqa amanzi lawo. Izinhla izibili zezinkabi za bazwa lapo kwenziwa loko.
4Lema pezu kwezinkabi ezi ishumi nambili, ezintatu zi bheka ngasenyakato, nezintatu ngasentyonalanga, nezintatu ngaseningizimu, nezintatu ngasempumalanga; necibi la bekwa ngapezu kwazo, nezinqe zonke za zi ngapakati.
5Nohlonze lwalo lwa ngangobubanzi besandhla, na ngapezulu ku fana nesitya, si nezimbali; lamukela ngapakati izitya zokugeza ezi izinkulungwane ezintatu.
6Wenza futi izityana ezi ishumi, wa beka isihlanu ngalapa, nesihlanu ngalapa, ukuhlambela kona, nemihlabelo etyiswayo ba i gezela kona; kodwa icibi lenzelwa ukugeza abapristi bodwa.
7Wenza izinti zamakandelo ezi ishumi zegolide, njengokuma kwazo, wa zi beka etempeleni, isihlanu ngalapa nesihlanu ngalapa,
8Wenza futi amatebula a ishumi, wa wa beka etempeleni, isihlanu ngalapa nesihlanu ngalapa, wenza futi izitya ezi ikulu zegolide,
9Wenza futi ikamelo labapristi, nekamelo elikulu, nezivalo zekamelo, wa gqiza izivalo ngetusi.
10Wa beka icibi, ngakwesokuponsa ngasempumalanga, na ngaseningizimu.
11NoHuramu wenza amabodwe, namafosholo, nezitya. NoHuramu wa wu qeda umsebenzi wendhlu ka Tixo a e wenzela inkosi uSolomona;
12Lezo nsika ezibili, namagobongo, namakanjana a e ngapezu kwezinsika, nemiqele emibili ukusibekela amagobongo amabili awo amakanjana a ngapezulu kwezinsika.
13Namarimoni a ngamakulu amane pezu kwemiqele leyo; izindhla ezibili zamarimoni ku inqele munye, ukusibekela amakanjana a sezinsikeni.
14Wenza futi izisekelo, nezitya pezu kwazo;
15Icibi linye, nezinkabi ezi ishumi ngapansi kwalo.
16Namabodwe, namafosholo, nezindobo zenyama, nako konke aba kudingileyo, uHuramu uyise wenzela inkosi uSolomona ku be okwendhlu ka Jehova, ngetusi elikazimulayo.
17Inkosi ya zi bumba etafeni leJordani, kulo ibumba eli ngapakati kweSukoti neZeredata.
18Njaloke uSolomona wenza lezi zitya za zi ningi kakulu; nesikalo salo itusi sa si nge tolwe muntu.
19uSolomona wenza zonke izitya zendhlu yenkosi, nelati legolide, namatebula esinkwa sesibonakaliso;
20Futi izinti zamakandelo, kanye namalampe azo, wa zenza ngegolide elihle, ukuba zi baneke kahle.
21Nezimbali, namalampe, no dhlau, wa kwenza ngegolide eli peleleyo.
22Wenza ngegolide elipeleleyo, nesizenze nezitya, nezinkezo neziko; nasekungeneni kwendhlu, nezivalo zapakati ezingasendaweni e ingcwele, nezivalo zendhlu yetempeli, za zi negolide.