1KEPA nga tyo loku ngokwami, nga ti, a ngi yi kubuya, ngi ze kini ngi dabukile.
2Ngokuba, uma ngi ni dabukisa, ngi nga tokoziswa ubani, uma ku nge siye o datyukiswa imi?
3Nga ni lobela kona loku, tuna ku ti, ekufikeni kwami, ngi dabuke nga labo, engi fanele ngi tokoze ngabo; ngi netemba ngani nonke, lokuti, ukutokoza kwami ku ngokwenu nonke.
4Ngokuba ngokuhlupeka okukulu, na ngobuhlungu benhliziyo, nga loba kini, ngi nezinyembezi eziningi; a ngi lobanga ukuba ni dabuke, kodwa ukuba ni lwazi utando olukulu engi ni tanda ngalo
5Kepa uma e kona o dabukisileyo, a ka ngi dabukisanga mina, nganxanye kupela, ngi nga ni twesi nonke icala.
6Kwanele o njalo lokokujeziswa, a jeziswa ngako abaningi.
7Njalo ku lungile ni buye, ni m tetelele, ni m luleke, funa o njalo a bujiswe usizi olukulu.
8Ngaloku ngi ya ni ncenga ukuba ni qinisele ukumtanda kwenu.
9Kwa ku nga loku nga loba, ukuba ngi kwazi ukuqina kwenu, uma ni lalela ezintweni zonke.
10Lowo eni m tetelelayo into, ngi ya m tetelela nami; ngokuba loku engi m tetelele kona uma ngi m tetelele into, nga m tetelela ngenxa yenu pambi kuka Kristu;
11Ukuba si ngahlulwa uSatani; ngokuba a si sibo abangaziyo amacebo ake.
12Kepa ukufika kwami eTroa ukushumayela ivangeli lika Kristu, ngi vulelwe umnyango iNkosi.
13Nga be ngi nge nako ukutula enhliziyweni yami, ngokuba ngi nga m fumananga uTitusi umzalwane wami; kodwa nga ba valelisa, nga dhlula nga ya eMakedonia.
14Ma ka bongwe uTixo, o senzayo ngesikati sonke si nqobe ngoKristu, o zwakalisayo ngati ulwasi lokwazi kwake ezindaweni zonke.
15Ngokuba si ipunga elimnandi lika Kristu kuye uTixo, ngabasindiswayo na ngababubayo.
16Ku laba si ipunga lokufa ku be ukufa; ku labo si ipunga lokupila ku be ukupila. Ubani o ku faneleyo iko loku na?
17Ngokuba tina a si njengabaningi aba lona izwi lika Tixo; kepa njengabesiminya, njengabaka Tixo ebusweni buka Tixo, si kuluma ngoKristu.