1LOKU si na lezizitembiso, batandekayo, a si zihlanze ukungcola konke komzimba nokomoya, si pelelise ubungcwele ngokumesaba uTixo.
2A ke ni samkele; a senzanga kabi kumuntu, a sonanga muntu, a si dhlanga muntu.
3A ngi tyo loku ukuba ni solwe; ngokuba se ngi tyilo ukuti, ni sezinhliziyweni zetu, ukuba si fe nani, nokuba si pile nani.
4Si kulu isibindi sami kinina; ku kulu ukutusa kwami ngani; ngi gcwele ukujabula, ngi vama nokuvama ukutokoza ekuhlupekeni konke kwetu.
5Ngokuba, ukufika kwetu eMakedonia, umzimba wetu wa u nga nakutula, kepa sa hlupeka indawo zonke; ngapandhle ya i kona inkani, ngapakati ukwesaba.
6Kepa uTixo o tokozisayo abatobekileyo, wa si tokozisa ngokufika kuka Titusi;
7A ngi tyo ngokufika kwake kodwa; ngi tyo na ngokutokoziswa, a tokoziswa ngako kinina, e si landisa ukululukelwa kwenu, nokudabuka kwenu, nokuqinisa kwenu ngami; njalo kwengezwa ukutokoza kwami.
8Noma nga ni dabukisa ngencwadi, a ngi dabukele loko, noma nga ngi ku dabukela; ngokuba ngi ya bona leyoncwadi ya ni dabukisa, kwa ku isikatyana kodwa.
9Manje ngi ya tokoza; a ngi tokozi, ngokuba na dabuka, kepa ngokuba na dabuka, kwa ba ukupenduka; ngokuba na dabuka ngokuba Tixo, ukuba ni nga lahlekelwa uto ngati.
10Ngokuba ukudabuka oku ngokuka Tixo ku ya veza ukupenduka, ku be ukusindiswa, oku nge nakudabuka ngako; kepa ukudabuka oku ngokomhlaba ku ya veza ukufa,
11Ngokuba, bhekani, ikona loku, ukudabuka kwenu oku ngokuka Tixo, kwenza kinina ukuqinisa okungaka, yebo, nokuzipendulela; yebo, nokusola; yebo, nokwesaba; yebo, nokululukelwa; yebo, nesibindi; yebo, nokupindisa. Kuko konke ni zibonakalisa, ukuti a ni nacala nga leyonto.
12Njalo, noma nga ni lobela, a ngi lobanga ngenxa yowonileyo, na ngenxa yowoniwe; nga loba ukuba ukunikutalela kwetu pambi kuka Tixo ku be sobala kini.
13Ngaloko sa tokoziswa; kepa ekutokozeni kwetu sa jabula kakulu kakulu ngokujabula kuka Titusi, ngokuba inhliziyo yake ya punyuzwa inina nonke.
14Ngokuba uma nga ke nga ni babaza ngento kuyena, a ngi namahloni; kepa njengokuba konke esa shumayela kinina ku iqiniso, ku njalo ukunibabaza kwetu kuTitusi ku iqiniso.
15Yebo, inhliziyo yake ya pela kakulu kinina, e kumbula ukulalela kwenu nonke, ukuti na m vumela ngokwesaba nokututumela.
16Ngi ya jabula ngokuba kuko konke ngi netemba ngani.