1NGOKWABELA abangcwele, a ku sweleki ngi ni lobele;
2Ngokuba ngi ya kwazi ukutanda kwenhliziyo yenu, engi ni babaza ngako kwaba seMakedonia, ukuti, aba seAkaya ba be lungile nyakenye; ukuqinisa kwenu kwa ba vusa abaningi.
3Kepa ngi tumile abazalwane, ukuba ukunibabaza kwetu ku ngenziwa ize nga leyonto, ku ze ku ti, njengokutyo kwami, ni be ni lungile;
4Funa, uma ku fika nami aba seMakedonia, ba ni fumane ni nga lungile; si jabe tina, (ngi nga tyo nina,) nga loku ukwetemba kwetu.
5Ngaloko be ngi ti, ku fanele ngi nxuse abazalwane beze kuqala kinina, ba lungise ngapambili loko eni ku payo okwa tyiwo kuqala, ukuba ku hlale ku lungile loko, ku be njengokupiwa ngesihle, ku nga bi njengokufiswa:
6Kepa ku kona ukuti, O hlwanyela incozana, u ya kuvuna incozana; o hlwanyela kakulu, u ya kuvuna kakulu.
7A ku be ilowo a pe njenga ku tyoyo enhliziyweni yake, ku nga bi ngokudabuka, na ngokucindezelwa; ngokuba uTixo u ya m tanda opayo ngokutokoza.
8Kepa uTixo u namandhla okuvamisa umusa wonke kinina, ni ze ni be nokwanela konke ezintweni zonke ngezikati zonke, ni vame imisebenzi yonke elungileyo;
9Njengokulotyiweyo ukuti, Wabile, u ba pile abampofu; ukulunga kwake ku mi pakade.
10Yena o nika ohlwanyelayo imbeu nokudhla okudhliwayo, u ya kunika a yandise imbeu yenu, a kulise izitelo zokulunga kwenu;
11Ni cebile izinto zonke, ku be isisa sonke, esenzayo ngati ku bongwe uTixo.
12Ngokuba ukwabiwa kwa lesisipo a kwanele ukuswela kwabangcwele kodwa, kepa ku ya ku vamisa kakulu ukumbonga uTixo;
13Ba ti ngokubona loku ukwabiwa, ba m dumise uTixo ngokulalela kwenu okuvumayo ivangeli lika Kristu, na ngokubapa kwenu okukulu, bona nabo bonke.
14Na ngokunikulekela kwabo, be ni langazela ngawo umusa omkulu ka Tixo o kinina.
15Ma ka bongwe uTixo ngesipo sake esi nge nakukulunywa.