1NGOMNYAKA wamashumi amabili nantatu ka Jehoashi indodana ka Ahazia inkosi yabaJuda, uJehoahaza indodana ka Jehu, wa qala ukubusa abaIsraeli eSamaria, wa busa iminyaka e ishumi nesikombisa.
2Wenza kabi emehlweni ka Jehova wa landela izono zika Jeroboamu indodana ka Nebati, owonisa abaIsraeli, ka zi shiyanga.
3Ulaka luka Jehova lwa vuta kubaIsraeli, wa ba nika esandhleni sika Hazaeli inkosi ya seSiria na sesandhleni sika Benhadade indodana ka Hazaeli, ngezinsuku zonke zabo.
4uJehoahaza wa kuleka kuJehova, uJehova wa muzwa; ngokuba wa bona ukuhlupeka kwabaIsraeli ukuti inkosi ya seSiria ya ba hlupa.
5uJehova wa ba nika abaIsraeli umsindisi, ba puma esandhleni samaSiria; abantwana baka Israeli ba hlala amatenteni njengakuqala,
6Kodwa ka ba zi shiyanga izono zendhlu ka Jeroboamu, yena owonisa abaIsraeli, kodwa ba hlala kuzona; uAshera u be se mi eSamaria.
7Ngokuba be ku nga salanga kuJehoahaza abantu kupela ba ngamashumi amahlanu amadoda abakwela emahashini, nezinqola ezi ishumi, nabahamba ngezinyawo ba izinkulungwane ezi ishumi, ngokuba inkosi ya seSiria ya i ba bulele, ya benza ba be njengotuli lokubula.
8Imisebenzi eminye ka Jehoahaza, nokwenza konke kwake, namandhla ake, a ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
9uJehoahaza wa lala nokoko bake; ba m mbela eSamaria; uJehoashi indodana yake wa busa esikundhleni sake.
10Ngomnyaka wamashumi amatatu nesikombisa ka Jehoashi inkosi yabaJuda, uJehoasha indodana ka Jehoahaza wa ba inkosi yabaIsraeli, eSamaria, wa busa iminyaka e ishumi nesitupa.
11Wenza kabi emehlweni ka Jehova; ka si shiyanga nasono sika Jeroboamu indodana ka Nebati, owonisa abaIsraeli; kodwa wa hamba kuso.
12Imisebenzi eminye ka Jehoashi, nako konke a kwenzayo, namandhla ake, a lwa ngawo noAmazia inkosi yabaJuda, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
13uJehoashi wa lala nokoko bake; uJeroboamu wa hlala esihlalweni sake sobukosi; uJehoashi wa mbelwa eSamaria ndawonye namakosi abaIsraeli.
14Kwa ti uElisha wa e kwelwe isifo sake, a fa ngaso. uJehoashi inkosi yabaIsraeli wehlela kuye, wa kala ebusweni bake, eti; Wo Baba wami, baba wami! inqola yabaIsraeli, nababamahashi abo!
15uElisha wa ti kuye, Tata imicibityelo. Wa tata imicibityelo.
16Wa ti enkosini yabaIsraeli, Beka isandhla sako kumcibityelo. Ya beka kona isandhla sayo; uElisha wa beka isandhla zake pezu kwezandhla zenkosi.
17Wa ti, Vula isibuko ngasempumalanga. Ya si vula. uElisha wa ti, Cibityela. Ya cibityela. Wa ti, Umcibityelo wokukululwa kuka Jehova eSiria, ngokuba u za kubulala amaSiria eAfeki, u ze u wa qede.
18Wa ti, Tata imicibityelo. Ya yi tata. Wa ti enkosini yabaIsraeli, Tyaya emhlabatini. Ya tyaya katatu, ya peza.
19Umuntu ka Tixo wa e tukutela nayo, wa ti, Kwa ku fanele ukutyaya kahlanu, noma kasitupa; kona u bu za kwahlula amaSiria u ze u wa qede; kodwa kaloku u za kuwahlula katatu kupela.
20uElisha wa fa, ba m mbela. Amabuto amaMoabi a hlasela ezweni ekuqaleni kwa lomnyaka.
21Kwa ti be sa m mbela umuntu o tile, ba bona ibandhla labantu, ba ntyinga isidumbu somuntu etuneni lika Elisha; uma lomuntu wa namata amatambo ka Elisha, wa vuka wema ngezinyawo.
22uHazaeli inkosi ya seSiria wa hlupa abaIsraeli izinsuku zonke zika Jehoahaza.
23uJehova wa e nomusa kubona, wa ba haukela, wa ba bheka, ngenxa yesivumelwano sake noAbrahama, noIsaka, noJakobe; wa e nga tandi ukubaqeda, futi ka ba xotyanga ebusweni bake, ku ze ku be manje.
24Njalo uHazaeli inkosi ya seSiria wa fa; uBenhadade indodana yake wa busa esikundhleni sake.
25Wa buya uJehoashi indodana ka Jehoahaza wa mapuca uBenhadade indodana ka Hazaeli imizi, a mapuca yona uJehoahaza uyise, ngokulwa. uJehoashi wa mahlula katatu, wa i buyisa, wa yapuca imizi yabaIsraeli.