1UMANASA wa e neminyaka e ishumi nambili mzukwana wa qala ukubusa, wa busa iminyaka e ngamashumi amahlanu nanhlanu eJerusalema. Igama lika nina la li nguHepsiba.
2Wenza kabi emehlweni ka Jehova, ngemikuba emibi yezizwe a zi xotyayo uJehova pambi kwabantwana ba ka Israeli.
3Ngokuba wa buya waka izindawo ezipakamileyo eza be zi citiwe nguyise uHezekia; wa misela uBali amalati, wenza umfanekiso ka Ashera, njengaloko a kwenzayo uAhabi inkosi yabaIsraeli, wa dumisa ibandhla lonke la sezulwini, wa li konza.
4Waka amalati na sendhlini ka Jehova, ngayo uJehova a be tyilo, eJerusalema ngi ya kubeka igama lami kulo.
5Nga semagumbini amabili endhlu ka Jehova wakela ibandhla lonke la sezulwini amalati.
6Wa yi dhlulisa indodana yake emlilweni, wa gcina izikati ezitile, wa kunkula, wa bula, wa misa izinyanga nezanusi, wenza okubi okuningi emehlweni ka Jehova, ukuba lu vute ulaka lwake.
7Wa beka isitombe esibaziweyo sika Ashera a be senzile, endhlini ngayo uJehova u be tyilo kuDavida, na kuyo indodana yake uSolomona, ukuti, Kulendhlu, na seJerusalema engi li ketile kuzo zonke izizwe zabaIsraeli, ngi ya kubeka igama lami ku ze ku be ngunapakade.
8Futi a ngi yi kupinda ngi zi dukise izinyawo zabaIsraeli ezweni enga li nika oyise, uma ba ya kugcina, benze konke engi ba yalile kona, na ngawo umteto, aba u yalwa inceku yami uMosi.
9Kodwa ka ba lalelanga; uManasa wa ba pambukisa, benze okubi okukulu ku nazo izizwe a be zi citiwe uJehova ngapambi kwabantwana baka Israeli.
10uJehova wa shumayela ngezinceku zake abaprofeti, wa ti,
11Ngokuba uManasa inkosi yabaJuda wenzile imikuba leyo emibi, wenzile kabi ku nako konke a kwenzile amaAmori, a ngapambili kwake, wenza abaJuda bone ngezitixo zake.
12Ngako u ti uJehova uTixo ka Israeli, Bhekake, ngi ya kuyisa eJerusalema na seJudia ukuhlupeka kokuti yena okuzwayo kona, izindhlebe zake zombili zi ya kukenceza.
13Ngi ya kolula pezu kweJerusalema intambo ya seSamaria, nesilinganiso sendhlu ka Ahabi; ngi ya kusula iJerusalema njengokuba umuntu a sule isitya, a si sule, a si pendukezela.
14Ngi ya kulahla abaseleyo befa lami ngi ba nikele esandhleni sezita zabo; ba za kuba abokupangwa, abokutunjwa izita zonke zabo;
15Ngokuba benzile kabi emehlweni ami, ba ngi vusela ulaka, iloku oyise ba puma Egipite, ku ze ku be namhlanje.
16Futi uManasa wa li palaza igazi eli nga nacala li vame kakulu, wa za wa gcwalisa iJerusalema ku suka kwelinye icala kwa za kwa ba kwelinye icala; ngapandhle kokona kwake a benza ngako abaJuda bone, ngokwenza kabi emehlweni ka Jehova.
17Imisebenzi eminye ka Manasa, nokwenza konke kwake, nokona kwake, ona ngako, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
18uManasa wa lala nokoko bake, wa mbelwa ensimini yendhlu yake, ensimini ka Uza; uAmona indodana yake wa busa esikundhleni sake.
19Ekuqaleni kwake ukubusa uAmona wa e neminyaka e ngamashumi amabili nambili, wa busa iminyaka emibili eJerusalema. Igama lika nina la li nguMeshulemeta, indodakazi kaHaruze, wa seJotba.
20Wenza kabi emehlweni ka Jehova, njengoyise uManasa.
21Wa hamba ngendhlela yonke uyise a be hambile ngayo, wa zi dumisa izitombe eza be zi dunyiswa uyise, ka hambanga endhleleni ka Jehova.
22Wa m shiya uJehova uTixo wa oyise bake; ka hambanga endhleleni ka Jehova.
23Izinceku zika Amona zenza icebo kuye, za yi bulala inkosi endhlini yayo.
24Abantu ba lelozwe ba bulala bonke abayihlubukayo inkosi uAmona; abantu ba lelozwe ba m misa uJosia indodana yake a be inkosi esikundhleni sake.
25Imisebenzi eminye ka Amona a yenzayo, ka i lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
26Wa mbelwa etuneni lake ensimini ka Uza; uJosia indodana yake wa busa esikundhleni sake.