1INKOSI ya tuma, ya butela kuyo amalunga onke a seJuda, na seJerusalema.
2Inkosi yenyuka, ya ya endhlini ka Jehova, kanye nabantu bonke ba kwaJuda nabantu bonke ba seJerusalema, nabapristi, nabaprofeti, nabantu bonke abancane nabakulu; ya funda ezindhlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano e be i funyenwe endhlini ka Jehova.
3Inkosi yema endaweni epakamileyo, yenza isivumelwano pambi kuka Jehova, ukulandela uJehova, nokugcina imiyalo yake, nemiteto yake, nezimiso zake, ngayo yonke inhliziyo na ngawo wonke umpefumlo, nokufeza amazwi esivumelwano a lotyiweyo ku lencwadi. Abantu bonke bema ngesivumelwano leso.
4Inkosi ya yala uHilkia umpristi omkulu, nabapristi bokwesibili, nabalinda emnyango, ukuba ba kipe etempeleni lika Jehova zonke izitya eza be zenzelwa uBali, noAshera, nebandhla lonke la sezulwini, wa zi tyisa ngapandhle kweJerusalema, emasimini a seKidroni, wa yisa imputyana yazo eBeteli.
5Ya susa abapristi bezitombe, a be ba misile amakosi abaJuda, ukuba ba tyise impepo ezindaweni ezipakamileyo emizini ya kwaJuda, na sezindaweni za seJerusalema; nabatyisayo impepo kuBali, na selangeni, na senyangeni, na sezinkanyezini, na sebandhleni lonke la sezulwini.
6Wa kipa umfanekiso ka Ashera endhlini ka Jehova, eJerusalema wa wu yisa emfuleni okutiwa iKidroni, wa wu tyisa emfuleni okutiwa iKidroni, wa wu kanda wa za wa ba imputyananje wa ponsa lemputyana ematuneni abantwana babantu.
7Wa bidhliza izindhlu zamasodoma, eza zi ngasendhlini ka Jehova, lapo isifazana sa be salukela kona amatente ka Ashera.
8Wa ba pumisa abapristi bonke ngasemizini yabaJuda, wa cita izindawo ezipakamileyo lapo abapristi ba be tyisile impepo, kwa suka eGaba kwa za kwa ba eBeresheba, wa bidhliza izindawo ezipakamileyo, za semasangweni okwa sekungeneni kwesango lika Joshua umbusi womuzi, ngasokohlo komuntu esangweni lomuzi.
9Kodwa abapristi bezindawo ezipakamileyo be be nga kupuki ukuya elatini lika Jehova eJerusalema, kepa be be si dhla isinkwa esi nge namvubelo kubazalwane babo.
10Wa cita iTofeta ela li semfundeni yabantwana baka Hinomi, ku nga bi kona muntu odhlulisayo nendodana yake nendodakazi yake emlilweni pambi kuka Moleki.
11Wa susa amahashi a be nikile amakosi abaJuda kulo ilanga ekungeneni kwendhlu ka Jehova ngasegumbini lika Natanimeleka inceku, ela li ngapandhle, wa zi tyisa izinqola zelanga ngomlilo.
12Namalati a be sopahleni pezulu kwendhlu ka Ahazi a be wenzile amakosi abaJuda, namalati a benziwe nguManasa ezigodhlweni ezimbili endhlini ka Jehova, inkosi ya wa bidhliza, ya ya kona, ya ponsa utuli lwawo emfuleni eKidroni.
13Nezindawo ezipakamileyo eza zi kona pambi kweJerusalema, ngasokunene kwentaba yomnqumo, uSolomona inkosi yabaIsraeli, a yakela uAshterote, ububi bamaZidonia, noKemosha, ububi bamaMoabi, noMilkoma, ububi babantwana baka Amoni, inkosi ya qeda konke.
14Ya bulala imifanekiso, ya ba gaula oAshera, ya gcwalisa izindawo zabo ngamatambo abantu.
15Futi ilati ela li seBeteli, nendawo epakamileyo a be yenzile uJeroboamu, indodana ka Nebati, yena owonisa abaIsraeli, ilati lelo kanye nendawo epakamileyo ya yi bidhliza, ya yi tyisa lendawo epakamileyo, ya yi kanda ya za ya ba njengotuli, ya tyisa noAshera.
16Ekubhekeni kwake uJosia, wa bona amatuna a e kona entabeni, wa tuma, wa wa kipa amatambo ematuneni, wa wa tyisa elatini, wa li bulala njengokutyo kuka Jehova, kwa memezelwa umuntu ka Tixo owa memezela lawamazwi.
17Njalo wa ti, Insika leyo engi yi bonayo, i yini na? Abantu ba lomuzi ba m tyela ba ti, Ku ituna lomuntu ka Tixo, owa vela kwaJuda, owa shumayela lezozinto o zenzileyo kulo ilati la seBeteli.
18Wa ti, M yekeni ma a nga tintwa muntu amatambo ake. Ngako ba wa yeka amatambo ake, kanye namatambo omprofeti owa vela eSamaria.
19Futi nazo zonke izindhlu ezindaweni ezipakamileyo ezi semizini ya seSamaria, eza be zenziwa iyo inkosi yabaIsraeli ukuvusa ulaka luka Jehova, uJosia wa zi susa, wenza kuzo njengokwenza kwake konke a be kwenzile eBeteli.
20Wa ba bulala bonke abapristi bezindawo ezipakamileyo emalatini, wa tyisa amatambo abantu pezu kwawo, wa buya wa ya eJerusalema.
21Inkosi ya ba yala abantu bonke, ya ti, Yenzani ipasika lika Jehova uTixo wenu njengokuba ku lotyiwe encwadini ya lesisivumelwano.
22Impela kwa be ku ngenziwanga ipasika elinye ngezinsuku zabahluli aba be hlulela abaIsraeli, na kuzo zonke izinsuku zamakosi abaIsraeli, namakosi abaJuda.
23Kupela ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosia, kuwo la miswa lelipasika lika Jehova eJerusalema.
24Futi izanusi, nezinyanga, nemifanekiso, nezitombe, nokubi konke kwa kona ezweni labaJuda, na seJerusalema, uJosia wa ku qeda ukuba a feze amazwi omteto owa lotywa encwadini eya funyanwa uHilkia umpristi endhlini ka Jehova.
25Ya yi ngeko ngapambili kwake inkosi eya fana naye, eya buyela kuJehova ngenhliziyo yonke yayo, na ngompefumlo wonke wayo, na ngamandhla onke ayo, njengomteto wonke ka Mosi; futi ngasemva kwake ka i velanga inkosi e njengaye.
26Kepa uJehova ka guqukanga olakeni lwake oluvutayo olukulu, ukutukutela kwake okwa vuta njalo kubaJuda ngenxa yokutukutela uManasa a be m tukutelisa ngako.
27Wa ti uJehova, Ngi ya kususa abaJuda ngasebusweni bami, njengokuba ngi ba susile abaIsraeli, ngi ya kulahla lomuzi iJerusalema, engi wu ketile, nendhlu enga ti ngayo, Igama lami li ya kuba kona.
28Imisebenzi eminye ka Josia, nako konke a kwenzayo, a ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
29Ngezinsuku zake uFaroneko inkosi ya sEgipite wenyukela ukulwa nenkosi ya seAsiria emfuleni uUfrate. Inkosi uJosia ya ya ukulwa naye, wa bulalwa eMegido, nxa i si m bonile.
30Izinceku zake za m twala, e file enqoleni, zi suka eMegido, za m yisa eJerusalema, za m mbela etuneni lake. Abantu bezwe ba m tata uJehoahazi indodana ka Josia, ba m gcoba, ba m misa a be inkosi esikundhleni sika yise.
31Ekuqaleni kwake ukubusa uJehoahazi wa neminyaka e ngamashumi amabili nantatu; wa busa izinyanga zantatu eJerusalema. Igama lika nina la li nguHamutali, indodakazi ka Jeremia wa seLibna.
32Wenza kabi emehlweni ka Jehova njengako konke aba be kwenzile oyise.
33uFaroneko wa m bopa eRibla ezweni la seHamati, ngokuba wa e busa eJerusalema, wa telisa izwe amatalenta esiliva a ikulu netalenta legolide li linye.
34uFaroneko wa misa uEliakimu indodana ka Josia, a be inkosi esikundhleni sika yise uJosia, wa muta uJehoakimu, wa susa igama uJehoahazi; weza Egipite, wa fa kona.
35uJehoakimu wa li nika isiliva negolide kuFaro; kodwa wa linganisa izwe ukuba li nike lemali kuFaro, njengomteto ka Faro; wa ba telisa abantu bezwe isiliva negolide, bonke njengokulinganisa kwake ukuba ba ku nike uFaroneko.
36Ekuqaleni kwake ukubusa, uJehoakimu wa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu; wa busa iminyaka ya ishumi nanye eJerusalema. Igama lika nina la li nguZabuda, indodakazi ka Pedia wa seRuma.
37Wenza kabi emehlweni ka Jehova, njengako konke a ba be kwenzile oyise.