1WA shumayela uElisha kulomfazi, indodana yake a i vusayo i file, wa ti, Suka u hambe wena nendhlu yako, u hlale lapo u nga hlala kona; ngokuba uJehova u se memezile ukuti, Ma i be kona indhlala; njalo i za kuba kona ezweni iminyaka e isikombisa.
2Wa suka lomfazi, wenza njengokutyo komuntu ka Tixo, wa hamba yena nendhlu yake, wa hlala ezweni lamaFilisti iminyaka e isikombisa.
3Kwa ti, ekupeleni kweminyaka e isikombisa, umfazi wa buya ezweni lamaFilisti; wa puma wa ya ukunxusa enkosini, ngenxa yendhlu yake, na ngenxa yezwe lake.
4Inkosi ya kuluma noGehazi inceku yomuntu ka Tixo, ya ti, A ku ngi tyele zonke izinto ezinkulu a zenzayo uElisha.
5Kwa ti, e sa yi tyela inkosi ukuba wa be e vusile umuntu ofileyo, bheka, lomfazi indodana yake a be i vusile ekufeni, wa nxusa enkosini ngenxa yendhlu yake, na ngenxa yezwe lake. uGehazi wa ti, Nkosi yami, nkosi ya kiti, nangu lomfazi, nansi nendodana yake, uElisha a i vusayo ekufeni.
6Kwa ti lapo inkosi ya m buza umfazi, wa i tyela, kona inkosi ya m misela induna e tile, ya ti, Buyisa konke okwake, nokwavunwa emasimini ake, iloku wa suka ezweni, ku ze ku be namhla.
7uElisha we za eDamaseku; inkosi ya seSiria uBenhadade ya gula; ya tyelwa ukuti, Umuntu ka Tixo u fikile kona lapa.
8Inkosi ya ti kuHazaeli, Hamba nesipo esandhleni sako, u ye u m hlangabeze lomuntu ka Tixo u buze kuJehova ngaye, u ti, Ngi ya kusinda ku lesisifo na?
9Njalo uHazaeli wa ya ukumhlangabeza e hamba nesipo sako konke okuhle kwa seDamaseku, imitwalo yamakamelo a ngamashumi amane, we za wema pambi kuka Elisha, wa ti, Indodana yako uBenhadade inkosi ya seSiria u ngi tumile kuwe, u ti, Ngi ya kusinda ku lesisifo na?
10uElisha wa ti kuye, Hamba u ti kuye, U nga sinda kambe, kepa uJehova u ngi bonisile ukuba u za kufa nokufa.
11Wa m gqolozela, kwa za kwa pela amandhla; umuntu ka Tixo wa lila.
12uHazaeli wa ti, Inkosi yami i lilelani na? Wa ti, Ngokuba ngi yazi usizi o za kulwenza kuyo inzalo ka Israeli. Imizi yayo u ya kuityisa ngomlilo, izinsizwa zayo u ya kuzibulala ngezinkemba, izingane zayo u ya kuzipohloza, abafazi bayo abamitiyo, u ya kubaqaqa.
13Wa ti uHazaeli, Injani inceku yako, ukuze yenze lento enkulu na? Wa ti uElisha, uJehova u ngi bonisile ukuba u za kuba inkosi wena eSiria.
14Njalo wa suka kuElisha, we za enkosini yake; ya ti kuye, uElisha wa tini kuwe na? Wa ti kimi, u ya kusinda.
15Kwa ti ngangomso, wa tata indwangu wa i cwilisa emanzini, wa i mboza ubuso bayo, ya fa; uHazaeli wa ba inkosi esikundhleni sayo.
16Ngomnyaka wesihlanu ka Joramu indodana ka Ahabi inkosi yabaIsraeli, uJehoshafati e inkosi yabaJuda, uJehoramu indodana ka Jehoshafati inkosi yabaJuda wa ba inkosi.
17Wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amatatu nambili; wa busa iminyaka e isishiyagalombili eJerusalema.
18Wa fuza amakosi abaIsraeli, njengendhlu ka Ahabi; ngokuba umkake wa e indodakazi ka Ahabi; wenza kabi emehlweni ka Jehova.
19Kepa uJehova wa e nga tandi ukubacita abaJuda, ngenxa ka Davida inceku yake, njengokutyo kwake kuye ngokuti u za kumnika ukukanya, yena nenzalo yake, ku ze ku be njalo.
20Emihleni yake amaEdomi a hlubuka kubaJuda, a zimisela inkosi.
21uJoramu wa ya eZaira, nazo izinqola zake zonke; wa suka ebusuku, wa wa bulala amaEdomi a mzungezayo, nezinduna zezinqola; abantu ba baleka, ba ya ematenteni abo.
22Kepa amaEdomi a hlubukile kubaJuda, ku ze ku be namhlanje. Kona nga lesosikati ba hlubuka aba seSiria futi.
23Imisebenzi eminye ka Joramu, nako konke a kwenzayo, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda na?
24uJoramu wa lala nokoko bake, wa mbelwa nokoko bake emuzini ka Davida; uAhazia indodana yake wa ba inkosi esikundhleni sake.
25Ngomnyaka weshumi nambili ka Joramu indodana ka Ahabi inkosi yabaIsraeli, uAhazia indodana ka Jehoramu inkosi yabaJuda wa ba inkosi.
26Ekuqaleni kwake ukubusa uAhazia wa e neminyaka engamashumi amabili; wa busa umnyaka wa ba munye eJerusalema. Igama lika nina la li nguAtalia indodakazi ka Omri, inkosi yabaIsraeli.
27Wa fuza indhlu ka Ahabi wenza okubi emehlweni ka Jehova njengayo indhlu ka Ahabi, ngokuba wa e umkwenya wendhlu ka Ahabi.
28Wa ya kanye noJoramu indodana ka Ahabi ukuhlasela kuHazaeli inkosi ya seSiria eRamote Giladi; amaSiria a m kubaza uJoramu.
29Inkosi uJoramu wa buya ukuba elatywe eJezreli amanxeba ake, loku wa be kutyaziwe ngamaSiria eRama, ekulweni kwake noHazaeli inkosi ya seSiria. uAhazia indodana ka Jehoramu inkosi yabaJuda wehla wa ya eJezreli ukumbona uJoramu indodana ka Ahabi, ngokuba wa wa e gula.