1USIMONE Petro, inceku nompostoli kaJesu Kristu kwabazuzileyo ukukolwa njengati ngokulunga kuka Tixo wetu nomSindisi uJesu Kristu;
2Umusa nokutula a ku vame kinina ngokumazi uTixo noJesu iNkosi yetu.
3Loku amandhla ake a ubuTixo e si nikile izinto zonke ezi fanele ukupila nokukonza uTixo, ngokumazi yena owa si bizayo ngobukosi na ngamandhla ake;
4(Esi piwe ngako izitembiso ezikulu kakulu, ezitandwayo, ukuba nga lezo nabelwe ukuma kobuTixo, ni sindile kuko ukonakala oku sezweni ngokukanuka;)
5Ngako loku a ni qinise nokuqinisa, nelekele ekukolweni kwenu ubuqawe; na sebuqaweni ukwazi;
6Na sekwazini ukuzitiba; na sekuzitibeni ukubekezela; na sekubekezeleni, ukukonza uTixo;
7Na sekukonzeni uTixo ukutandisa okwabazalwane; na sekutandiseni okwabazalwane utando.
8Ngokuba uma lezizinto zi kona kini, zi vame, zi ya nenza ni nga bi abavilapayo nabangateliyo ekwazini iNkosi yetu uJesu Kristu.
9Kepa yena o nge nazo lezizinto u impumpute, ka bonisisi, u kohliwe ukuhlanzwa izono zake za mandulo.
10Ngako, bazalwane, kutazelani kakulu, ni qinise ukubizwa nokuketwa kwenu; ngokuba uma nenza loku a ni sa yi kuputa;
11Ngokwenza njalo ni ya kwelekelwa kakulu ukungena embusweni opakade weNkosi yetu noMsindisi wetu uJesu Kristu.
12Ngako a ngi yi ku kohlwa ukunikumbuza njalo nga lezizinto, noma ni zazi, noma ni mi ni qinile eqinisweni eni nalo.
13Ngi ti ku lungile, nxa ngi se kona ku lelidokodo, ukuba ngi ni vuse ngokunikumbuza;
14Ngazi ukuti li ya kususwa masinyane idokodo lami; njengaloko iNkosi yetu uJesu Kristu ya ngi tyela.
15Futi ngi ya kukutazela ukuba ni be nokukumbula lezizinto njalo ngasemva kokudhlula kwami.
16Ngokuba sa si nga landeli izinganekwane ezobuqili, lapo sa nazisa amandhla nokufika kweNkosi yetu uJesu Kristu, kepa sa si ngababonayo ubukulu bake.
17Ngokuba wamkeliswa udumo nobukosi nguTixo uYise, lapo kwa fika kuye izwi elinje, li vela ebukosini obuhle kakulu, li ti, Lo u iNdodana yami etandiweyo, engi kolwa iyo.
18Lelozwi sa li zwa, li vela ezulwini, si kona naye entabeni engcwele.
19Futi si nezwi lesiprofeto eliqinisile kakulu; ni ya kwenza kahle uma ni li qonda, kungati li isibani esikanyayo endaweni emnyama, ku ze ku se, ikwezi li pumele ezinhliziyweni zenu;
20Nazi loku kakulu, ukuti, ka si ko isiprofeto sombalo esi ukucasisela ngokwaso.
21Ngokuba isiprofeto a si zange si fike ngentando yomuntu; kepa abantu abangcwele baka Tixo ba shumayela, be qutywa uMoya o ingcwele.