1UDAVIDA wa e se si dhlulile incosana isicongo sentaba, bheka, uZiba inceku ka Mefibosheti wa m hlangabeza e nezimbongolo ezimbili zi fakwe izihlalo pezu kwazo, ku kona izinkwa ezi ngamakulu amabili, nezihleke zevini ezi ikulu, nezitelo zehlobo ezi ikulu, nemvaba yewaini.
2Ya ti inkosi kuZiba, u linganisani ngaloku na? wa ti uZiba, izimbongolo e zo ku kwela abantu bendhlu yenkosi, nezinkwa nezitelo zehlobo e zo ku dhliwa izinsizwa, newaini e lokupuzwa abakateleyo ehlane.
3Ya ti inkosi, ipi indodana yenkosi yako na? wa ti uZiba enkosini, Bheka u hlezi eJerusalema, ngokuba wa ti yena, namhla indhlu ka Israeli i ya kubuyisela kimina umbuso ka baba.
4Ya i si ti inkosi kuZiba, Bheka ku ngokwako konke o kwa ku ngokuka Mefibosheti, wa ti uZiba, ngi ya cela ngokuzitoba ngapambi kwako ukuba ngi tole umusa emehlweni ako, nkosi yami, inkosi.
5Lapo inkosi uDavida wa fika eBahurimu, bheka kwa puma kona umuntu kwa bomndeni wendhlu ka Sauli, igama lake li nguShimi, indodana ka Gera; wa pumake e tuka ekuhambeni kwake.
6Wa ponsa amatye kuDavida, na kuzo zonke izinceku zenkosi uDavida. Abantu bonke namadoda onke a namandhla a e ngasesandhleni sake sokuponsa nakwesokohlo.
7uShimi ekutukeni kwake wa tyo lawa 'mazwi, Puma, puma, wena muntu wegazi, muntu ka Beliali;
8uJehova u buyisele kuwe lonke igazi lendhlu ka Sauli, o kade u busa endaweni yake; uJehova u nikele umbuso esandhleni sika Absalomu indodana yako, bheka, wena u sekushingeni kwako, ngokuba u ngumuntu wegazi.
9Wa e se ti uAbishai indodana ka Zeruia enkosini, Ku ngani ukuba lenja efileyo e tuka inkosi yami inkosi na? ngi ya kuncenga ma ngi wele ngi m nqume ikanda.
10Ya ti inkosi, ngi namsebenzi muni kinina, nina madodana kaZeruia na? ma ka tuke yena, ngokuba ku tyo uJehova kuye ukuti, tuka uDavida, ubanike o nga ti, u kwenzeleni loku na?
11Wa ti uDavida kuAbishai, nakuzo zonke izinceku zake, Bhekani, indodana yami e ya puma ematunjini ami i funa ukupila kwami; poke umBenjamini? mu yekeni a tuke, ngokuba u tyelwe uJehova.
12Mhlaumbe uJehova u ya kukubona ukuhlupeka kwami, uJehova a ngi nike okuhle, ngokutuka kwake namhla.
13uDavida nabantu bake ba hamba ngendhlela, uShimi wa hamba ecaleni kwentaba malungana naye, e tuka njalo, e m jigijela ngamatye, nangotuli.
14Inkosi nabantu bonke a ba be nayo, ba katala, ba pumula lapo.
15uAbsalomu nabantu bonke, amadoda a kwa Israeli, ba fika eJerusalema, noAhitofeli e naye.
16Kwa ti, lapo uHushai umArki isihlobo sika Davida wa fika kuAbsalomu, uHushai wa ti kuAbsalomu, uTixo ma ka sindise inkosi, uTixo ma ka sindise inkosi.
17uAbsalomu wa ti kuHushai, Loku ku ngumusa wako esihlotyeni sako na? A u hambanga ngani wena nesihlobo sako na?
18uHushai wa ti kuAbsalomu, qa, kodwa o ketwa uJehova, na laba 'bantu nawo onke amadoda a kwa Israeli, ngi ya kuba o wake, ngi hlale naye.
19Futi, ngi nga konza ubani mina na? A ngi nge konze emehlweni endodana yake na? Njengokukonza kwami emehlweni ka yihlo, ngi ya kuba njalo na semehlweni ako.
20Wa e se ti uAbsalomu kuAhitofeli, yi tyoni nina e si nga kwenzayo.
21Wa ti uAhitofeli kuAbsalomu, ngena ezixebeni zika yihlo, a zi shiyileyo ukuba zi linde indhlu noIsraeli wonke, u ya kuzwa ukuba u delwe uyihlo; Ngako izandhla zabo bonke aba nawe zi ya kuqina.
22Ngako ba misela uAbsalomu utente ngapezu kwendhlu, uAbsalomu wa ngena ezixebeni zika yise emehlweni abo bonke abaIsraeli.
23Amazwi ka Ahitofeli a e wa kuluma nga lezo 'zinsuku, kwa kungati a womuntu o buzileyo emtetweni kaTixo; a e njalo onke amazwi ka Ahitofeli, kuDavida, nakuAbsalomu.