1LAWA a ngamazwi okugcina kaDavida, uDavida indodana ka Jese wa ti, umuntu o wa pakanyiselwa pezulu, ogcotyiweyo ka Tixo ka Jakobe, nomhlabeleli omnandi wa kwa Israeli, wa ti,
2Umoya ka Jehova wa kuluma ngami, nezwi lake la li solimini lwami.
3uTixo ka Israeli wa ti, Itye lika Israeli la kuluma kimina, la ti, O busa pezu kwabantu, ma ka lunge, a buse ngokumesaba uTixo.
4A be njengokukanya kwa kusasa, ekupumeni kwelanga, ukusa oku ngenawo amafu njengokuhluma kotyani obutambileyo emhlabatini ngokukanya emva kwemvula.
5A i njalo indhlu yami kuTixo na? Ngokuba u senzile kimi isivumelwano esimiyo njalo, si lungile ezintweni zonke, si qinisekile, ngokuba ukusindiswa kwami konke, nokwenama kwami konke, a ka yi kukuhlumisa na?
6Kodwa amashinga onke a njengameva a ntyingiweyo, ngokuba e ngenakupatwa ngezandhla.
7Kodwa umuntu o ya kuwatinta ma ka hlonyiswe ngensimbi, na ngoti lomkonto; nabo bonke ba ya kuqedwa njengomlilo ku leyo 'ndawo.
8Lawa a ngamagama amaqawe a e kuDavida; umHakmoni o wa e hlala esihlalweni, omkulu ezinduneni; u yena uAdino umEzni, wa pakamisa umkonto wake kubantu aba ngamakulu a isishiyagalombili, a ba bulala ngasikati sinye.
9Emva kwake uEleazari indodana ka Dodo umAhohiti, omunye kwabatatu abanamandhla baka Davida, lapo be delela amaFilisti a e butene ndawonye ukulwa, nabantu ba kwaIsraeli se be hambile.
10Wa suka wa tyaya amaFilisti kwa za kwa katala isandhla sake, isandhla sa namatela kuyo inkemba; uJehova wenza ukwahlula okukulu ngalolo 'suku; nabantu ba buya emva kwake ukubuta impango kupela.
11Emva kwake uShama indodana ka Age umHarari, amaFilisti a e butene aba iviyo lapo kwa ku kona umhlabati u gcwele amalentile; Abantu ba wa balekela amaFilisti.
12Wema ngapakati komhlabati, wa u vikela, wa wa bulala amaFilisti uJehova wenza ukwahlula okukulu.
13Abatatu ezinduneni ezingamashumi amatatu behla, ba fika kuDavida esikatini sokuvuna emhumeni wa seAdulamu, impi yamaFilisti yemisa esigodini sa seRefa.
14uDavida wa e senqabeni ngaleso sikati, Impi yamaFilisti ya i seBetelehema.
15uDavida wa fisa, wa ti, kungati omunye a nga ya ku ngi puzisa amanzi ecibi la seBetelehema, eli nga sesangweni.
16Amadoda lawo amatatu a dabula empini yamaFilisti, aka amanzi ecibini la seBetelehema e la li nga sesangweni, a wa tata, a wa leta kuDavida; kodwa a ka wa puzanga, wa wa tululela uJehova.
17Wa ti, A ku be kude kimi, Jehova, ukuba ngenze lento, ngi puze igazi labantu aba cityu ukulahla ukupila kwabo? Ngako wa nqaba ukuwapuza. Loku kwenziwa i lawa 'madoda amatatu anamandhla.
18uAbishai, umfo wabo ka Joabi indodana ka Zeruia, wa ba induna yamashumi amatatu. Wa pakamisa umkonto wake kwa ba ngamakulu amatatu, wa ba bulala, wa ba negama pakati kwamashumi amatatu.
19Wa e nge mkuli pakati kwamashumi amatatu na? Ngako wa ba induna yabo; kodwa a ka lingananga nabatatu.
20uBenaia indodana ka Jehoida, indodana yomuntu o iqawe, wa seKabzeli, o wa enzile okukulu, wa bulala amaqawe amabili a seMoabi; wehla wa bulala ibubesi ngapakati komgodi ngosuku luka ngqoqwane.
21Wa bulala umEgipite, umuntu o namandhla; lowomuntu e pete umkonto esandhleni sake; kodwa yena wa ya kuye e pete induku, wa hlwita umkonto esandhleni somEgipite, wa m bulala ngomkonto wake.
22Lezi 'zinto zenziwa uBenaia indodana ka Jehoida, wa ba negama kumadoda amashumi matatu.
23Wa ba dhlula ngobuqawe aba ngamashumi amatatu labo, kodwa a ka fikanga kwabatatu. uDavida wa m misa a be umlindi wake.
24uAsaheli umfo wabo ka Joabi wa ye ngomunye wamashumi amatatu; uElhanani indodana ka Dodo umBetelehema.
25uShama umHarodi, uElika umHarodi.
26uHelezi umPaleti, uIra indodana ka Ikeshi umTekoi.
27uAbieza umAnetoti, uMebunai umHushati.
28uZalmone umAhohi, uMaharai umNetofati.
29uHelebi indodana ka Baana, umuntu wa seNetofati, uIttai indodana ka Ribai o wa puma eGibea wabantwana baka Benjamini.
30uBenaia umPiratoni, uHiddai wa nga semifuleni ya seGashi.
31uAbi-alboni umArbati, uAzmaveti umBarhumi.
32uEliaba umShalboni, wa kumadodana aka Jasheni, uJonatani.
33uShama umHarari, uAhiamu indodana ka Shera umHarari.
34uElifeleti indodana ka Ahasbai, indodana yomMaakati, uEliamu indodana ka Ahitofeli umGiloni.
35uHezrai umKarmeli, uParai umArbi.
36uIgali indodana ka Natani wa seZoba, uBani umGadi.
37uZeleki umAmoni, uNahari umBeroti, umpati wezikali zika Joabi indodana ka Zeruia.
38uIra umItri, uGarebi umItri.
39uUria umHiti; be ngamashumi amatatu nesikombisa be bonke.