1KWA ti indodana ka Sauli se i zwile ukuba uAbneri u file eHebroni, izandhla zayo za ba butakataka, nabo bonke abaIsraeli ba katazeka.
2Indodana ka Sauli ya i namadoda amabili a be izinduna zamabuto, igama lenye, la li ngu Baana, negama lenye la li nguRekabi, amadodana ka Rimmoni waseBerote, o wabantwana baka Benjamini (ngokuba uBerote wa e balelwe kuBenjamini;)
3Aba seBerote ba balekela eGitaimu ba hlala kona ku ze ku be namhla.
4uJonatani indodana ka Sauli wa e nendodana e ya i unyonga ezinyaweni zayo. Ya i neminyaka e isihlanu, lapo kwa fika indaba ngoSauli noJonatani i puma eJezrili, umzanyana wayo, wa i tata, wa baleka ya wa ya ba unyonga. Igama layo la li nguMefibosheti.
5Amadodana ka Rimmoni waseBerote, uRekabi noBaana ba ya, ba fika se li tyisa ilanga, endhlini ka Hish-bosheti, o wa e lele embedeni emini.
6Ba fika kona ngapakati kwendhlu, kwa ngati ba lande ukolweni, ba m tyaya ngapansi kobambo lwesihlanu; uRakabi noBaana umfo wabo ba baleka.
7Ngokuba ekungeneni kwabo endhlini, wa e lele embedeni wake endhlini yake yokulala, ba m tyaya ba m bulala, ba m nquma ikanda ba li tata bamuka, ba dabula etafeni ubusuku bonke.
8Ba leta ikanda lika Hish-bosheti kuDavida, eHebroni, ba ti, enkosini bheka ikanda lika Hish-bosheti, indodana ka Sauli, isita sako, e sa funa ubomi bako, uJehova u pindisile namhla, inkosi yami inkosi, kuSauli na senzalweni yake.
9uDavida wa pendula uRekabi noBaana, umfo wabo, amadodana ka Rimmoni, waseBerote, wa ti kubo, ukupila kuka Jehova, o wa kulula umpefumlo wami kuzo zonke izinhlupeko;
10Lapo omunye wa ngi tyela wa ti, bheka uSauli u file e cabanga ukuti, u letile amazwi amahle, mina nga m bamba, nga m bulala eZiklagi, e cabanga ukuba ngi ya kumnika umvuzo ngamazwi.
11Kakulu kangakani lapo abantu ababi be bulele umuntu olungileyo endhlini yake embedeni wake, imbala a ngi yi kupindisela igazi lake ezandhleni zenu, ngi ni suse nina emhlabeni na?
12uDavida wa yalela izinsizwa zake, za ba bulala, za ba nquma izandhla nezinyawo za zi panyeka ecibini eHebroni, kodwa ba li tata ikanda lika Hish-bosheti ba li mbela etuneni lika Abneri eHebroni.