1KEPA, bazalwane, ngokufika kweNkosi yetu uJesu Kristu, na ngokubutana kwetu kuyo, si ya ni ncenga,
2Ukuba ni nga tyetyi ni zanyazanyiswe enhliziyweni, ni ngetuswa na ngomoya, na ngezwi, na ngencwadi, ngokungati i vela kitina, ku ngukuti usuku lweNkosi lu sondele.
3A ku nga biko muntu o ni kohlisayo ngandawo; ngokuba a li yi ku fika, uma ku nga ka fiki kuqala ukuhlubuka, a bonakaliswe umuntu wesono, umntwana wokulahlwa;
4O pikayo, o zipakamisayo ku nako konke oku tiwa uTixo, nokudunyiswayo; a ze a hlale yena etempelini lika Tixo, ngokungati e nguTixo, e zityaya uTixo.
5A ni kumbuli ini ukuti, lapo ngi kona kini, nga ni tyela loku?
6Na manje ni ya kwazi okuvimbelayo, a ze a bonakaliswe ngesikati sake.
7Ngokuba imfihlakalo yokonakala i ya sebenza namanje; kodwa ku kona o vimbelayo a ze a nga be sa ba ko.
8Kona u ya kubonakaliswa lowo omubi, e ya kumqeda iNkosi uJesu ngomoya womlomo wayo, i m cite ngokubonakala kokufika kwayo;
9Ukuti lo ukufika kwake ku njengokusebenza kuka Satani, ngamandhla onke, na ngezibonakaliso, na ngemimangaliso yamanga,
10Na ngokukohlisa konke kokubi kwababubayo; ngokuba be ngamkelanga utando lweqiniso, ukuba ba sindiswe.
11Ngaloku uTixo u ya kubatumela imisebenzi emikulu edukisayo, ba ze ba kolwe amanga;
12Ba lahlwe bonke aba nga kolwa iqiniso be tokoza ngokungalungi.
13Kepa tina nga si m bonga uTixo njalo ngani, bazalwane abatandiweyo iNkosi, ngokuba uTixo wa ni ketela ukusindiswa ekuqaleni, ngokuhlanza kuka Moya, no ngokukolwa iqiniso;
14A ni bizele kuko ngevangeli letu, ni ze ni zuze ubukosi buka Jesu Kristu iNkosi yetu.
15Ngako, bazalwane, qinisani, ni gcine imiyalo ena fundiswa, nokuba ku ngezwi letu, nokuba ku ngencwadi yetu.
16uJesu Kristu iNkosi yetu, yena, noTixo uBaba wetu owa si tanda, wa si nika ngomusa ukutokoza okupakade, netemba elilungileyo.
17Ka zi tokozise izinhliziyo zenu, a ni qinise emazwini onke, na semisebenzini elungileyo.