1KWA ku kona ebandhleni la seAntioki abaprofeti nabafundisi, oku ku ti, oBarnaba, noSimeone o tiwa uNigeri, noLukio wa seKurene, noManane owa kula kanye noHerodi inkosi, noSauli.
2Be sa konza iNkosi, be zila ukudhla, wa ti uMoya o ingcwele, Ngahlukaniseleni uBarnaba noSauli emsebenzini engi ba bizele wona.
3Kona ba zila, ba kuleka, ba beka izandhla pezu kwabo, ba ba mukisa.
4Njalo se be tunyiwe uMoya o ingcwele, behlela eSelukia; besuka kona, ba hamba ngomkumbi ba ya eKupro.
5Se be fikile eSalami, ba shumayela izwi lika Tixo ezindhlini zokusonta zabaJuda. Ba be noJohane e isikonzi nabo.
6Ba dabula esiqingini ba za ba fika ePafo; ba fumana isanusi, umprofeti wamanga, umJuda, igama lake li nguBarjesu.
7Wa e kona kumbusi wezwe, uSergio Paule, umuntu oqondileyo; wa biza uBarnaba noSauli, e funa ukuzwa izwi lika Tixo.
8Kodwa uEluma isanusi (li njalo igama lake ngokukumsha), wa ba pikisa, e funa ukupambukisa umbusi ekukolweni.
9Kona uSauli, o nguPaule, e gcwele uMoya o ingcwele wa m jamela,
10Wa ti, Wena o gcwele ukukohlisa konke nobuqili bonke, umntwana ka Satani, isita kuko ukulunga konke, a u yi kuyeka ukupambukisa izindhlela ezilungileyo zeNkosi na?
11Bheka, isandhla seNkosi si pezu kwako, u ya kuba impumpute, u nga li boni ilanga ngesikati. Kwa se ku mehlela masinyane ikungu nobumnyama; wa hambe e funa abokumhola ngesandhla.
12Kona umbusi, e bone okwenzekile, wa kolwa, e mangala ngokufundisa kweNkosi.
13uPaule naba be naye bemuka ePafo, beza ePerga la sePamfilia uJohane e muka kubo, wa buyela eJerusalema.
14Bemuka ePerga, beza eAntioki la sePisidia, ba ngena endhlini yokusonta, ngosuku lwesabata, ba hlala.
15Se ku fundwe umteto nabaprofeti, izinduna zendhlu yokusonta, za tumela kubo, za ti, Madoda, bazalwane, uma ni nezwi lokuyala abantu, shumayelani.
16Wesuka uPaule, wa qweba ngesandhla, wa ti, Madoda a kwa Israeli, nani nina bamesaba uTixo, lalelani.
17uTixo wa lababantu ba kwa Israeli wa keta obaba betu, wa ba pakamisa abantu be ngabafo ezweni la sEgipite, wa ba kipa kulo ngengalo epakamileyo.
18Wa bondhla ehlane, kwa nga ti iminyaka emashumi amane.
19Se e citile izizwe ezi isikombisa ezweni la seKanani, wa bahlukanisela izwe labo ngenkato.
20Ngasemva kwa loko, wemisa abahluli kwa nga ti iminyaka ya ba makulu amane namashumi a isihlanu, kwa za kwa ba uSamueli umprofeti.
21Kona besuka ba cela inkosi: uTixo wa ba nika uSauli indodana ka Kishi, umuntu wesizwe sika Benjamini, iminyaka ya ba mashumi amane.
22Se e m susile yena, wa ba vusela uDavida, a be inkosi: wa qinisa ngaye, wa ti, Ngi m fumene uDavida ka Jese, umuntu o ngowenhliziyo yami, o ya kwenza konke engi ku tandayo.
23Enzalweni ya lomuntu uTixo wa vezela uIsraeli umsindisi, uJesu, njengesitembiso sake;
24uJohane e se shumayele kubantu bonke baka Israeli ukubapatiza kokupenduka, e nga ka fiki yena.
25Wa ti uJohane, e sa qeda ukuhamba kwake, Ni tini, ngi ngubani na? A ngi siye; kodwa ku yeza emva kwami yena, ozicatulo zezinyawo zake a ngi fanele ngi zi tukulule.
26Madoda, bazalwane, bantwana, bohlanga luka Abrahama, nabo bonke pakati kwenu, aba m esaba uTixo, izwi la lokukusindisa li tunyelwa kini.
27Ngi ti aba hlezi eJerusalema, namakosi abo, be nga m azi yena, namazwi abaprofeti a fundwa ngamasabata onke, ba wa gcwalisa ngokumlahla.
28Noma be nga fumananga icala lokuba a fe, ba m nxusa uPilatu ukuba a bulawe.
29Se be pelelise konke okwa ku lotyiwe ngaye, ba m ehlisa emtini, ba m faka etuneni.
30Kepa uTixo wa m vusa kwabafileyo:
31Wa bonwa izinsuku eziningi ilabo aba kupuka naye eGalile, be ya eJerusalema, aba ofakazi bake kubantu.
32Njalo tina si ya ni shumayeza izindaba ezilungileyo zokuti, isitembiso aba tenjiswa ngaso obaba betu;
33Lesi uTixo u si gcwalisile kitina abantwana babo, ngokumvusa uJesu; njengokulotyiweyo esihlabelelweni sesibili ukuti, Wena u iNdodana yami, namhla ngi ku zele.
34Na ngokumvusa kwake kwabafileyo, a nga be e sa buya a fe, wa tyo ukuti, Ngo ni nika inhlanhla eqinisileyo ka Davida.
35Njalo u ti kwensinye isihlabelelo, A u yi kuvuma o ingcwele wako a bone ukubola.
36uDavida, e se si konzile isizukulwane sake ngentando ka Tixo, wa lala ubutongo, wa bekwa koyise bake, wa bona ukubola:
37Kepa yena owa vuswa uTixo ka bonanga ukubola.
38A ke nazi, madoda, bazalwane, ukuba ku shunyayelwa kini ukutetelelwa izono nga lowo:
39Nokuba bonke abakolwayo ba tetelelwa konke e be ni nga yi kutetelelwa kona ngomteto ka Mosi.
40Qondanike, ni ngehlelwa iloku okwa shunyayelwa umprofeti ukuti,
41Bhekani, nina badelayo, ni mangale, ni nyamalale; ngokuba ngi sebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi, eni nga yi kukolwa iwo, noma ni u tyelwa umuntu.
42Se be pumile endhlini yokusonta, ba ncenga ukuba lamazwi a shunyayelwe kubo ngesabata elizayo.
43Ibandhla se li hlakazekile; abaningi kubaJuda nabakonzayo bezizwe ba landela uPaule noBarnaba; labo ba kuluma nabo, ba ba yala ukuba ba hlale emuseni ka Tixo.
44Njalo ngesabata elilandelayo kwa cityu kwa butana umuzi wonke ukuzwa izwi lika Tixo.
45Kodwa abaJuda se be bonile izixuku, ba gcwala umona, ba pika loko okwa shunyayelwa uPaule, be pika, be tuka.
46Kona uPaule noBarnaba ba shumayela, be mi isibindi, ba ti, Kwa ku dingeka ukuba izwi lika Tixo li shunyayelwe kinina kuqala; kepa loku ni li nqaba, ni ti a ni fanele ukupila okupakade, bhekani, se si pendukele kwabezizwe.
47Ngokuba iNkosi i si yale njalo, i ti, Ngi ku bekile, u be ukukanya kwabezizwe, ukuba u be owokusindisa ku ze ku be semikaulweni yomhlaba.
48Ba ti abezizwe se be zwile loku, ba jabula ba li bonga izwi leNkosi: ba kolwa labo aba be miselwe ukupila okupakade.
49Izwi leNkosi la menyezelwa kulo lonke izwe la kona.
50Kepa abaJuda ba quba isifazana esikonzayo esidumileyo, nezikulu zomuzi, ba vusela uPaule noBarnaba utyaba, ba ba xotya ezweni labo.
51Kodwa ba ba tuntutela utuli lwezinyawo zabo, ba ya eIkonio.
52Abafundi ba gcwala ukutokoza noMoya o ingcwele.