1KWA ti se ku fikile usuku lwepentekoste, ba be ndawonye bonke nganhliziyonye.
2Ba zumeka inhlokomo i vela ezulwini, ku nga ti eyesipepo esi pepeta ngamandhla, ya i gcwalisa indhlu yonke aba be hlezi kuyo.
3Kwa bonwa ibo izilimi ezahlukeneyo zi njengezomlilo, kwa ba ilowo wehlelwa ilo.
4Bonke ba gcwala uMoya o ingcwele, ba qala ukushumayela ngezinye izilimi, njengaloku uMoya wa ba pa ukupumesela.
5Kwa ku kona eJerusalema abaJuda, abantu abakolwayo, be vela ezizweni zonke ezi pansi kwezulu.
6Se ku dumile loku, abantu ba butana, betuka, ngokuba kwa ba ilowo wa bezwa be kuluma ngolimi lwa kubo.
7Bonke ba mangala nokumangala, ba kuluma, be ti, Bhekani, laba bonke abashumayelayo a si ngaba seGalile na?
8Ku njani po, si zwa sonke ngolimi lwetu esa zalwa nalo na?
9amaPartia, namaMede, naba seElamu, nabakileyo eMesopotamia, na seJudia, na seKapadosia, na sePontu, na seAsia,
10eFrigia, na sePamfilia, Egipite, na sezweni la seLibia nga seKurene, naba seRoma aba hambela kona, abaJuda nabapendukileyo bezizwe,
11Aba seKrete naba seArabia, si ya bezwa be shumayela ngezilimi za kiti imisebenzi emikulu ka Tixo.
12Ba mangala bonke, ba dinga, ba kuluma, be ti, Ku nga linganisani loku na?
13Abanye ba hlekisa, be ti, Lababantu ba gcwele iwaini elimnandi.
14Kepa uPetro e mi naba ishumi nanye, wa memeza, wa ti kubo, Madoda a Judia, nani nonke aba seJerusalema, ma kwazeke loku kini, ni lalele amazwi ami:
15Laba ka ba dakiwe, njengokucabanga kwenu; ku se ihora lesitatu la semini:
16Kodwa ku iko okwa shunyayelwa umprofeti uJoeli ukuti,
17U ti uJehova, ngezinsuku zokupela ngo tela uMoya wami pezu kwabantu bonke; amadodana enu namadodakazi enu a ya kuprofeta; abalisa benu ba ya kubona izibonakaliso, nabadala benu ba ya kupupa amapupo:
18Nga lezozinsuku ngo tela uMoya wami pezu kwezinceku zami na pezu kwezincekukazi zami; zi ya kuprofeta:
19Ngi ya kwenza izimangaliso ezulwini pezulu, nezibonakaliso emhlabeni pansi; igazi, nomlilo, nomusi:
20Ilanga li ya kupenduka ubumnyama, inyanga i penduke igazi, ku nga ka fiki usuku olukulu nolwesabekayo lweNkosi.
21Ku ya kuti, bonke aba kuleka egameni leNkosi ba sindiswe.
22Madoda abaIsraeli, a ke ni zwe lamazwi; uJesu wa seNazareta, umuntu o qiniswa uTixo pakati kwenu ngemisebenzi emikulu na ngezimangaliso nezibonakaliso, uTixo a zenza ngaye pakati kwenu; njengaloku ni kwaziyo nina:
23Yena lo, se e nikelwe ngecebo elimisiweyo na ngokwazi kuka Tixo, na m bamba, na m betela ngezandhla ezimbi, na m bulala:
24Yena a m vusayo uTixo, e kulule ubuhlungu bokufa, loku e nge nakubanjwa iko.
25uDavida wa shumayela ngaye, e ti, Nga i bona iNkosi i sebusweni bami ngezikati zonke; i ngakwesokunene sami ukuze ngi nga zanyazanyiswa.
26Nga loku inhliziyo yami ya tokoza, ulimi lwami lwa jabula; futi inyama yami i ya kupumula ngetemba.
27Ngokuba u nga yi kushiya umpefumlo wami ehaidesi, u nga vumi o ingcwele wako a bone ukubola.
28U ngazisile izindhlela zokupila; wo ngi gcwalisa ngokutokoza ebusweni bako.
29Madoda, bazalwane, ma ngi shumayele, ngi pimisela kini ngokoko uDavida, ukuti, wa fa, wembelwa, ituna lake li kona kiti na namhla nje.
30Loku e ngumprofeti, azi ukuba uTixo wa funga kuye ngesifungo sokuti, u ya kumisa uKristu, e vela enzalweni yake ngokwenyama, a hlale esihlalweni sake sobukosi;
31E bona loku ngapambili, wa shumayela ngokuvuka kuka Kristu ukuti, umpefumlo wake a u shiyelwanga ehaidesi, inyama yake a i bonanga ukubola.
32Lo uJesu se u vusiwe uTixo; si ngofakazi ba loku tina sonke.
33U pakanyiselwe ngakwesokunene sika Tixo, e samkeliswe uYise isitembiso sikaMoya o ingcwele, u telile loku eni ku bonayo neni ku zwayo.
34uDavida a kenyukanga ukuya ezulwini, kepa u ti, iNkosi ya ti eNkosini yami, Hlala ngakwesokunene sami,
35Ngi ze ngenze izita zako zi be isenabelo sezinyawo zako.
36Ma ku ti indhlu yonke ka Israeli yazisise ukuti, uyena uJesu eni m betele, uTixo u m enzile iNkosi noKristu.
37Ba ti ukuzwa loku, ba hlabeka izinhliziyo, ba ti kuPetro na kwabanye abapostoli, Madoda, bazalwane, si ya kwenzani na?
38Kona uPetro wa ti kubo, Pendukani, ni bapatizwe nonke ngegama lika Jesu Kristu, ku tetelelwe izono, ni ze namkeliswe isipiwo sikaMoya o ingcwele.
39Ngokuba isitembiso si kini na kubantwana benu, na kubo bonke aba kude, e ya kubabiza iNkosi uTixo wetu.
40Wa qinisa ngamanye amazwi amaningi, wa yala, e ti, Zisindiseni ku lesisizukulwane esonakeleyo.
41Kona aba be lamkela izwi lake ngokutokoza ba bapatizwa; kwenezelelwa kubo nga lomhla abantu, ku nga ba izinkulungwane ezintatu.
42Ba qinisa bema ekufundiseni kwabapostoli, na sekuhlanganeni, na sekuhlepuleni isinkwa, na sekukulekeni.
43Abantu bonke behlelwa ukwesaba: kwenziwa abapostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi.
44Bonke abakolwayo ba be ndawonye, ba zi hlanganyela izinto zonke.
45Ba tengisa ngemfuyo na ngempahla, babelana ngayo bonke ngokuswela kwabo.
46Imihla ngemihla ba hlala nganhliziyonye etempelini, ba hlepula isinkwa izindhlu ngezindhlu, ba dhla ukudhla kwabo ngokujabula na ngenhliziyo emhlope;
47Be bonga uTixo, be tandeka kubantu bonke. iNkosi yenezezela ebandhleni imihla ngemihla abeza kusindiswa.