1NJALO u tyo uJehova ngezipambeko ezitatu za seMoabi, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwalo; ngokuba ba tyisa amatambo enkosi ya seEdomi, a be umcako.
2Kepa ngo tuma umlilo pezu kweMoabi, u dhle izinqaba za seKiriote; ko ti iMoabi li fe ngenxokozelo, na ngomsindo na ngokukala kwetilongo;
3Futi ngo nquma abateti pakati kwalo, ngi bubise izikulu zonke zalo kanye nalo, u tyo uJehova.
4Njalo u tyo uJehova ngezipambeko ezitatu za seJuda, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwalo; ngokuba ba delile umteto ka Jehova, a ba gcinanga izimiso zake, futi amanga abo a ba dusile, a ba wa landelayo oyise babo;
5Kepa ngo tuma umlilo pezu kweJuda, u dhle izinqaba za seJerusalema.
6Njalo u tyo uJehova; ngezipambeko ezitatu za seIsraeli, na ngesesine, a ngi yi ku ku buyisa ukulahlwa kwalo; ngokuba ba tengile olungileyo ngesiliva, nompofu ngombanqa wezicatulo;
7A ba fisa utuli lomhlabati olu sekanda kwabampofu, ba pambukisa nendhlela yotobekileyo; futi umuntu noyise ba ngena kuyo intombi inye ba ngcolise igama lami eli ingcwele.
8Ba ya cambalala pezu kwezingubo zokubambisa ngasohlangotini lwamalati onke, ba puza iwaini labahlaulisiweyo endhlini ka Tixo wabo.
9Kepa mina nga cita umAmori ebusweni babo, okudepa kwake kwa ku njengokudepa kwamasedari, wa e qinile njengamaaloni; noko nga cita izinhlamvu zake ngapezulu, nezimpande zake ngapansi.
10Futi nga ni kupula nina ezweni la sEgipite, nga ni hola ehlane iminyaka engamashumi amane, ni ze ni bambe izwe lomAmori.
11Futi nga pakamisa abanye bamadodana enu ba be abazisi, nabamadoda amatya enu ba be abaNazari. A ngi ti loku ku njalo, bantwana ba seIsraeli na? u tyo uJehova.
12Kanti nina na puzisa abaNazari iwaini, na yaleza abazisi ni ti, ni ngazisi.
13Bheka, mina ngo ni cindezela pansi, njengaloku ingqukumbane i ya cindezela e gcwele izinyanda.
14Ngako isipepelo so puta kuye o nejubane, yena o namandhla a ka yi ku qinisa amandhla ake, nesiqwaga a si yi ku sindisa umpefumlo waso.
15Naye o pete umcibityelo a ka yi ku ma; naye o lula ezinyaweni a ka yi ku zisindisa; nokwela ehashini a ka yi ku sindisa umpefumlo wake.
16Ko ti yena o qinile enhliziyweni pakati kweziqwaga wo baleka e hambaze ngalolosuku, u tyo uJehova.