1AU kulaba aba hlezi ngokwenama eZioni, a betemba entabeni ya seSamaria, a ba tiwa isihloko sezizwe, abendhlu ka Israeli beza ku bona.
2Dhlulelani kulo iKalne ni bone, ni pume lapo ni ye kulo iHamati elikulu, neukele eGati labaFilisti, ba lungile ku nalemibuso ini; nomkaulo wabo mkulu ku nomkaulo wenu na?
3Nina e ni mukisa usuku olubi, ni sondeza isihlalo sokuhlupa.
4Nina aba lala emibedeni yopondo lwendhlovu, a ba cambalala pezu kwamacansi abo, ba dhla izimvana zezimvu, namatole pakati kwesibaya.
5A ba haya kuwo umsindo wogubu, ba ziqambela imisebenzi yokuhlabelela njengoDavida.
6A ba puza iwaini ngemikelo, ba zigcoba ngamafuta a dhlulayo ngobumnandi, kepa a ba dabukeli ingozi ka Josefa.
7Ngako manje ba ya kuya ekutunjweni nabokuqala bokutunjwa, ko deda inxokozelo yabacambaleleyo.
8iNkosi uJehova i fungile umpefumlo wayo, u tyo uJehova uTixo wamabandhla, Ngi ya nengwa ubuhle buka Jakobe ngi ya zonda nezinqaba zake, ngako ngo nikela umuzi nokugcwala kwawo.
9Ku ya kuti uma ku sele abantu aba ishumi endhlini enye, ba ya kufa.
10Ko ti uyisekazi a m pate no m tyisayo ukupumisa amatambo endhlini, a tyo kuye o nga sendhlini, ukuti, u se kona kuwe na? Yena wo pendula, A kako, lapo u ya kuti, Tulake, ngokuba a si nge kumbuze ngegama lika Jehova.
11Ngokuba bheka uJehova u ya yaleza, ko ti a tyaye indhlu enkulu ngezikala, nendhlu encane ngezimfa.
12Amahashi o gijima edwaleni na? umuntu wo lima kona ngezinkabi na? ngokuba ni pendulile ukwahlula ku be ubuti, nesitelo sokulunga si be inhlungunyembe.
13Nina e ni jabula ngako o ku nge luto; e ni ti, A si ti, si zitabatele izimpondo ngamandhla etu na?
14Ngokuba, bheka, ngo pakamisela ngakini, Ndhlu ka Israeli, isizwe, u tyo uJehova uTixo wamabandhla, ba ya ku ni cindezela ku qale ekugeneni kweHamati, ku ze ku be semfuleni wehlane.