1NGI ya tanda ukuba ni wazi umsebenzi ongaka engi nawo ngani, na ngaba seLaodikia, na ngabo bonke aba nga bonanga ubuso bami enyameni;
2Ukuba izinhliziyo zabo zi tokoziswe, be hlangene otandweni, ba ze ba be nomcebo wonke wetemba elipeleleyo lokuzwisisa, bazisise imfihlakalo kaTixo uYise, neka Kristu;
3Oku fihliwe kuye imfuyo yonke yokuhlakanipa neyokwazi.
4Kepa ngi tyo loku ukuba ni nga dukiswa muntu ngamazwi ayengayo.
5Noma ngi nge ko ngomzimba, ngi kona nani ngomoya wami, ngi tokoza, ngi bona ukuhlelwa kwenu, nokuqina kokukolwa kwenu kuKristu.
6Ngako njengokuba ni mamkele uKristu Jesu iNkosi, hambani ngokwake,
7Ni gxilile nakelwe kuye; ni qiniswe ekukolweni, njengokuba ni fundisiwe, ni ku vame kona, ni bonge.
8Xwayani, ni nga tunjwa muntu ngemikuba, na ngokukohlisa oku ize, njengokwemvelo yabantu njengokufundisa kwezwe, ku nge njengoKristu.
9Ngokuba ku kuye ukupelela konke kobuTixo uqobo lwabo.
10Ni pelele ngaye o inhloko yabo bonke ubukulu namandhla;
11Eni sokile ngaye ngokusoka oku ngenziwa ngezandhla, ngokwambula umzimba wenyama, ukuti, ngokusoka kuka Kristu,
12Na mbelwa njengaye ngokubapatizwa, ena vuswa ngako njengaye, ngokukolwa okusetyenzwayo uTixo, owa m vusa yena kwabafileyo.
13Nina ena ni ngabafileyo ezonweni na sekungasokeni kwenyama yenu, wa ni vusa, ni pile kanye naye, e si tetelela izono zonke;
14Wa hlangula okulotyiweyo emtetweni oku si lahlayo, okubetana nati, wa ku susa, wa ku betela esipambanweni;
15Wahlula amakosi naba izikulu, wa ba veza obala, e ba nqoba yena ngokwake.
16Ngako a ku nga bi ko muntu o ni lahlayo ngokudhla, na ngokupuza, na ngesikati esimisiweyo sokudhla, na ngokutwasa kwenyanga, na ngamasonto;
17Oku isitunzi sa loko o be za kuza, kepa umzimba u ngoka Kristu.
18A ku nga bi ko muntu o namuka umvuzo, e tokoza ngokuzitobisa kwake, na ngokudumisa izingelosi, e ngena ku loko e nga ku bonanga, e zikukumeza ngeze ngenhliziyo yake e ngokwenyama,
19E nga bambelele enhlokweni, okondhliwa iyo umzimba wonke, u hlanganiswa ngamalungu nemisipa u ya kula ngokukulisa kuka Tixo.
20Ngako uma na fa kanye noKristu ekufundiseni kwezwe, ni bopekeleni ngemikuba, ngokungati ni sa hlezi ezweni?
21Imikuba yokuti, U nga pati, u ngezwa ngolimi, u nga namati;
22(Konke loku ku ukufa ngokupatwa), ngokuyala na ngokufundisa kwabantu?
23Loku ku ukuzenzisa okokuhlakanipa ngokuzidumisela na ngokuzitobisa, na ngokudela umzimba, u nga nakekelwa, ku ze ku sute inyama.