1NGONYAKA wesitatu wokubusa kuka Jehoakimu inkosi yabaJuda, weza uNebukadnezari inkosi ya seBabulona eJerusalema, wa li vimbezela.
2Ya ti iNkosi ya m mkela uJehoakimu inkosi yabaJuda esandhleni sake, nezinye zezitya zendhlu ka Tixo; wa zi yisa ezweni la seShinari endhlini yesitixo sake, wa se e zi ngenisa izitya endhlini yengcebo yesitixo sake.
3Ya ti inkosi ya m yaleza uAshpenazi induna yabatenwa bayo; a lete abanye bamadodana abaIsraeli, abenzalo yenkosi, nabezikulu.
4Abantwana aba nge nasifamfa, kodwa abahle ngesimo, abaqondileyo ekuhlakanipeni konke, abaziyo ngokwazi, abezwisisayo ngokwaziwayo, aba nokukutala ukuma endhlu enkulu yenkosi; a ba fundise imibalo nolimi lwabaKaldi.
5Ya ti inkosi ya babela ngemihla isabelo sosuku sokudhla kwenkosi, nasewaini e li puzayo; i bondhle njalo iminyaka emitatu, ukuze ekupeleni kwayo be me ebusweni benkosi.
6Kwa ti kwa be ku kona pakati kwabo abamadodana ka Juda, uDanyeli, noHanania, noMishali, noAzaria.
7Ya ti induna yabatenwa ya ba ta amagama: ya se i mu ta uDanyeli uBelteshazari, noHanania uShadraki, noMishali uMeshaki, noAzaria uAbednego.
8Kepa uDanyeli wa ti enhliziy weni yake ukuba a so za a zitunise ngokudhla kwenkosi, na ngewaini e li puzayo, ngako wa nxusa kuyo induna yabatenwa ukuze a nga zitunisi.
9Ku te uTixo wa be e m nikile uDanyeli umusa nokuhaukelwa ebusweni benduna yabatenwa.
10Lapo induna yabatenwa ya ti kuDanyeli: Ngi yesaba umninimina inkosi, o wabele ukudhla kwenu nokupuza kwenu; ngokuba yini ukuba e za ku bona ubuso benu bondile ku nabantwana aba intanga yenu na? ku ya kuti ni ngi lahlise ikanda lami enkosini.
11Lapo uDanyeli wa ti kuMelzari o misiwe induna yabatenwa pezu kuka Danyeli noHanania noMishali noAzaria.
12Linga izinceku zako ngi ku ncenga izinsuku ezi ishumi, ma ba si nike izikafu si dhle, namanzi si puze.
13Lapo ma ba bone isimo setu pambi kwako, nesimo sabantwana a ba dhla ukudhla kwenkosi, na njengaloko u bona, wenze ngezinceku zako.
14Wa ti wa ba vumela ngalento, wa ba linga izinsuku ezi ishumi.
15Kwa ti ekupeleni kwezinsuku ezi ishumi isimo sabo sa bonakala, sihle si kulupele izinyama ku nabantwana bonke abadhla ukudhla kwenkosi.
16Kwa tike uMelzari wa susa ukudhla kwabo, newaini labo lokupuzwa, wa ba nika izikafu
17Kepa labantwana abane uTixo wa ba nika ukukumbula nokuqonda ngemibalo yonke, nokuhlakanipa; futi uDanyeli wa azisisa ngezibonakalo zonke namapupo.
18Kwa ti ekupeleni kwezinsuku inkosi ya be i tyilo ukuba i zo ba ngenisa ngazo, induna yabatenwa ya ba ngenisa ebusweni buka Nebukadnezari.
19Ya ti inkosi ya kuluma nabo, kepa a ku funyanwanga pakati kwabo bonke, o njengoDanyeli, noHanania, noMishali, noAzaria, ngako be ma ebusweni benkosi.
20Kwa ti ngezindaba zonke zokuhlakanipa nezokwazisisa eya ba buza ngazo inkosi, ya ba fumana be bahlula kashumi amaqili nabaMagi bonke embusweni wonke wake.
21Wa ti uDanyeli wa ba kona kwa za kwa ba umnyaka wokuqala ka Kuresi inkosi.