1NGONYAKA wokuqala ka Belshazari inkosi ya seBabulona, uDanyeli wa bona ipupo, nezibonakalo zekanda lake okukweni lwake, lapa wa loba ipupo, wa tyela isihloko sezindaba.
2uDanyeli wa kuluma, wa ti, Nga be ngi bona esibonakalweni sami ebusuku, bhekake imimoya emine yezulu ya i vunguzela pezu kolwandhle olukulu.
3Za ti izilo ezine ezikulu za pupuma elwandhle, za zi hlukana esinye kwesinye.
4Esokuqala njengengonyama si be namapiko enqe, nga be ngi bheka a ze a hlutwa amapiko aso; sa ti sa pakanyiswa pezu komhlaba, sa miswa ngezinyawo njengomuntu, sa piwa inhliziyo yomuntu.
5Bhekake isilo esinye sesibili, si fana nebere, sa miswa ohlangotini olunye; sa ba nezimbambo ezintatu emlonyeni waso pakati kwamazinyo aso; ba tyo njalo bona kuso; Suka u dhle inyama eningi.
6Emva kwa loku nga be ngi bona, bhekake esinye si njengengwe, si be namapiko amane enyoni emhlana waso, namakanda amane a be sesilweni, nokubusa kwa piwa kuso.
7Emva kwa loku nga be ngi bona ezibonakalweni zobusuku; bhekake isilo sesine esi sabekayo esi namandhla esadhlula kakulu; sa si namazinyo amakulu ensimbi, sa dhla sa fohloza, sa nyatela okuseleyo ngezinyawo zaso; sona sa hlukana nezilo zonke e zi be pambi kwaso, sa si nezimpondo ezi ishumi.
8Nga be ngi bhekisisa izimpondo, bhekake, kwa puma pakati kwazo upondo olunye oluncinane; za ti ezintatu izimpondo zokuqala za donyulwa pambi kwaso; bhekake, opondweni lolu a be kona amehlo njengamehlo omuntu, nomlomo o kuluma okukulu.
9Nga be ngi bona kwa za kwa bekwa izihlalo zobukosi, wa ti, Omdala wezinsuku wa hlala, okwambata kwake kwa ku mhlope njengongqoqwane, nezinwele zekanda lake njengoboya bemvu obuhlanzekileyo; isihlalo sobukosi bake sa si ngamalangabi omlilo, namasondo ake a be umlilo ovutayo.
10Umfula womlilo wa hamba u puma pambi kwake, inkulungwane yezinkulungwane ya m konza, nezinkulungwane ezi ishumi zezinkulungwane ezi ishumi ze ma pambi kwake; ukwahlula kwa hlala, izincwadi za penywa.
11Lapo nga be ngi bona ngayo inhlokomo yamazwi amakulu a shunyayelwa upondo: nga be ngi bona sa za sa bulawa isilo; nomzimba waso wa bujiswa, wa nikelwa emlilweni ovutayo.
12Kepa ezinye izilo zamukwa ukubusa kwazo, noko ukujobelela kokuhlala kwa piwa kuzo ngomzuzu, nesikati.
13Nga be ngi bona ezibonakalweni zobusuku, bhekake wa e fika o njengeNdodana yomuntu o namafu ezulu, weza kOmdala wezinsuku, ba se be m sondeza pambi kwake.
14Kwa ti kwa piwa kuye ukubusa, nodumo, nombuso, ukuze abantu bonke, nezizwe, nezilimi zi m konze, ukubusa kwake ku ngukubusa ku ze ku be pakade, nombuso wake iwo o nga yi ku citwa.
15Mina Danyeli umoya wami wa katazeka pakati kwesikwama sawo, nezibonakalo zekanda lami za ngetusa.
16Nga sondela komunye wabo a bemiyo, nga buza kuye iqiniso la loku konke; wa se e pendula kimi wa ngazisa ukucasisela kwezindaba.
17Lezizilo ezikulu, ezine, zi ngamakosi amane, a ya kuvuka emhlabeni,
18Kepa abangcwele bOpakamileyo ba zo wamkela umbuso, ba be nawo umbuso ku ze ku be pakade, ku ti ku ze ku be pakade, ku be ngunapakade.
19Lapo nga funa iqiniso ngesilo se sine, e sahlukene nazo zonke lezi, esi sabekayo kakulu, amazinyo aso a be insimbi, nezinzipo zaso itusi, e sa dhla, sa fohloza, sa nyatela insalo ngezinyawo zaso.
20Na ngezimpondo ezi ishumi ezi be zi sekanda kuso, nangolunye o lwa puma, e za wa pambi kwalo ezintatu; lolupondo olu be namehlo, nomlomo olwa kuluma okukulu, ukubonakala kwalo kwa ku kulu ku zona ezi intanga yalo.
21Nga be ngi bona, kwa ti lolupondo lwa lwa naba ingcwele, lwa ba namandhla pezu kwabo.
22Wa ze we za Omdala wezinsuku, kwa ti ukwahlula kwa piwa kwaba ingcwele bOpakamileyo, sa ti sa fika isikati aba ingcwele a ba buya ngaso ba ba nombuso.
23Njalo wa tyo ukuti, Isilo sesine sa ba umbuso wesine emhlabeni, o ya ku hlukana nemibuso yonke, isona si zo wu dhla umhlaba wonke, si wu nyatele, si wu fohloze.
24Ku ti izimpondo ezi ishumi ku lombuso, zi ngamakosi a ishumi a ya kuvuka, nenye yo vuka emva kwawo; e ya ku ti i hlukane nawo okuqala, i nqobe amakosi amatatu.
25Yona yo kuluma amazwi nga kuye Opakamileyo, i kataze abangcwele bOpakamileyo, i tembe ukuguqula izikati, nezimemezelo; bo ti ba nikelwe esandhleni sayo ku ze ku be isikati, nezikati, nenxenye yesikati.
26Kepa ukwahlula ko hlala, bo ti ba suse ukubusa kwayo, ukucita noku qeda kona ku ze ku be sekupeleni.
27Ko ti umbuso, nokubusa, nobukulu bombuso pansi kwezulu lonke ku piwe kubantu aba ingcwele bOpakamileyo, ombuso wake u ngumbuso ongunapakade, ku ya ku ti imibuso yonke i m konze, i m lalele.
28Ku ze ku be iloku ku ngukugcina kwendaba. Mina Danyeli izicabango zami za ngetusa, nobuso bami ba fipala pakati kwami, kodwa nga gcina indaba enhliziyweni yami.