1MA ni nga m hlabeli uJehova uTixo wenu inkabi noma imvu e necala, noma e nokubi; ngokuba loku ku isinengiso kuJehova uTixo wako.
2Uma ku tolakala kinina, ngapakati kwamasango ako o wa piwe uJehova uTixo wako, indoda, noma umfazi, okwenzileyo okubi emehlweni ka Jehova uTixo wako ngokwapula isivumelwano sake.
3Wa hamba wa konza ezinye izitixo, noma ilanga, noma inyanga, noma ko okupezulu, e ngi nga ku yalezanga.
4U bikelwe u ku zwe, u buzisise ngako, u bone ukuba ku njalo into e qinisileyo, ini ukuba leso sono senzakele impela kwaIsraeli.
5U i lete leyondoda noma owesifazana o yenzileyo le yonto embi, ngapakati kwamasango enu, leyo ndoda noma isifazana, ni m xobe ngamatye, a ze a fe.
6Ngomlomo wofakazi ababili, noma abatatu, lowo o fanele ukubulawa ma ka bulawe; kodwa ngomlomo wofakazi munye, ma ka nga bulawa.
7Izandhla zofakazi zi ya kuqala ukumbulala ngasemva izandhla zabantu bonke. Nga loko ni ya kukipa lobo bubi kinina.
8Uma ku vuka indaba ekwahlulayo ngomteto, ngegazi negazi, ngecala necala, ngokutyaya nokutyaya, izindaba zokuxabana ngapakati kwamasango ako wo suka, u ye endaweni e ya kuketwa uJehova uTixo wako.
9U fike kubapristi abaLevi, Na kumahluli o kona, nga lezo zinsuku u buze; ba ya kukutyela izwi lokwahlula,
10U ya kwenza njengezwi o li tyelwa aba kuleyo ndawo e ya ku ketwa uJehova, wenze kahle kuko konke aba ku tyela kona;
11U ya kwenza njengokwahlula komteto aba, ku fundisa kona, na njengomteto aba ku tyela wona; a wu yi ku pambukela nga kwesokuponsa na nga kwesokohlo emtetweni a ba ku kombisa wona.
12Umuntu o wenza ngokudelela o nga m laleliyo umpristi o miswe ukukonza lapo ngapambi kuka Jehova uTixo wako, noma kumahluli lowo muntu ma ka fe; u qede lobo bubi kwabakaIsraeli.
13Abantu bonke ba ya kuzwa, besabe, ba nga pindi benze ngokudelela.
14Lapo se u fikile ezweni o li piwe uJehova uTixo wako, u li fuye, u hlale kulo, u ti, ngi ya kumisa inkosi pezu kwami, njengazo zonke izizwe ezi ngi haqileyo;
15U m mise a be inkosi pezu kwako, o ya ku ketwa uJehova uTixo wako; u ya kumisa omunye kubafo wenu a be inkosi pezu kwako; u nga m misi o ngaziwayo ngapezu kwako, o nge siye umfo wenu.
16Kodwa a ka yi ku zandisela amahashi, enzele ukuba abantu ba buyele Egipite, ngokubuta amahashi lawo; ngokuba uJehova u tyilo kinina ukuti, A ni sa yi ku buyela kona.
17Futi ma ka nga zibuteli abafazi, funa inhliziyo yake i hlubuke; futi ma ka nga zibuteli isiliva negolide,
18Ku ya kuti lapo e hlezi esihlalweni sake sobukosi, a lobe incwadi ya lomteto encwadini, umteto o njengo ngapambi kwabapristi abaLevi.
19Ku ya kuti, i be kuye a i funde zonke izinsuku zokupila kwake; a funde ukumesaba uJehova uTixo wake, ukugcina onke amazwi a lomteto na lezi zi memezelo ukuzenza;
20Ukuba inhliziyo yake i nga kukumali ngapezu kwabafo wabo, nokuba a nga pambuki esimemezelweni, a ye ngakwesokuponsa na ngakwesokohlo; ukuze a zandise izinsuku zake embusweni wake, yena, nabantwana bake, pakati kwabakaIsraeli.