1UMOSI, nabakulu ba kwa Israeli ba yala abantu ba ti, gcinani zonke izimemezelo e si ni yala ngazo namuhla.
2Ko ti ngosuku lokuwela kwenu iJordani, ni ya ezweni eni nikwa lona uJehova uTixo wenu, ni zi misele amatye amakulu, ni wa nameke ngodaka;
3Ni lobe kuwona onke amazwi a lomteto, lapo se ni welile, ukuze ni ngene ezweni eni nikwa lona uJehova uTixo wenu, izwe eli vama ubisi nezinyosi; njengoku qinisa kuka Jehova uTixo wa oyihlo benu kini.
4Ko ti se ni li welile iJordani, ni mise lawa matye, e ngi ni yala ngawo namuhla, entabeni iEbali, ni wa nameke ngodaka.
5Kona ni ya kumakela uJehova uTixo wenu, ilati lamatye; ni nga wa tinti ngento yensimbi.
6Ni lake ilati lika Jehova uTixo wenu ngamatye a peleleyo; ni nikele iminikelo yokutya pezu kwawo kuJehova uTixo wenu.
7Nenze neminikelo yokutula, ni dhle kona, ni jabule pambi kuka Jehova uTixo wenu;
8Ni lobe kulawo matye onke amagama a lomteto, a bonakale kahle.
9uMosi nabapristi abaLevi ba kuluma kubo bonke abaIsraeli ba ti, Qapelani, ni lalele, baIsraeli; namuhla se ni ngabantu baka Jehova uTixo wenu.
10Ma ni li laleleke izwi lika Jehova uTixo wenu, nenze izimemezelo zake, nemiteto yake, e ngi ni yala ngayo namuhla.
11uMosi wa ba yala abantu ngalolosuku, e ti,
12Laba ba ya kuma entabeni iGerizimu ukubusisa abantu, lapo se ni li welile iJordani, uSimeoni, noLevi, noJuda, noIsakari, noJosefa, noBenjamini;
13Laba ba ya kuma pezu kwentaba iEbali uku ba qalekisa, uReubeni, noGadi, noAsheri, noZebuloni, noDani, noNaftali.
14NabaLevi ba ya kukuluma ngezwi elikulu kuwo onke amadoda a kwa Israeli ba ti,
15U qalekisiwe umuntu o wenza umfanekiso o baziweyo, no ncibilikisiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandhla zomuntu o isisebenzi, a wu beke endaweni esitekileyo. Abantu bonke ba ya kupendula ba ti, Ameni.
16U qalekisiwe o dela uyise nonina. Abantu bonke ba ya ku ti, Ameni.
17U qalekisiwe o susayo incwadi yezwe yomakelwane wake. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
18U qalekisiwe o wedukisa impumpute endhleleni. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
19U qalekisiwe o pendulayo ukwahlulela kwesihambi, nongenayise nomfelokazi. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
20U qalekisiwe o lala nomka yise; ngokuba wambula ingubo ka yise. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
21U qalekisiwe o lala nesilwane. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
22U qalekisiwe o lala nodade wabo, indodakazi ka yise nendodakazi ka nina. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
23U qalekisiwe o lala nomkwekazi wake. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
24U qalekiswe o tyaya umakelwane wake ngasese. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
25U qalekiswe o wamkela inkokelo ngokubulala umuntu o nge nacala. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.
26U qalekiswe o nga wa laleliyo onke amazwi a lomteto ukuba a wenze. Abantu bonke ba ya kuti, Ameni.